I-BLSA ikushayela ihlombe ukuqokwa kwesikhulu esiphezulu eTransnet
INTATHELI YOMBELE
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) iyakuthakasela ukuqokwa kwezikhulu ezizosebenza ngokugcwele eTransnet futhi ilishayela ihlombe ibhodi leTransnet ngokuqoka abantu abafanele ukuhola le nkampani kahulumeni.
I-BLSA iyabahalalisela oNks uMichelle Phillips oqokwe wayisikhulu esiphezulu noNks uNosipho Maphumulo oqokwe wayisikhulu esiphezulu sezimali.
“Sisebenzile noNks uPhillips kulezi zinyanga eziyisithupha ezidlule okuyingxenye yomsebenzi omqoka esiwenzayo kwezokuthutha, utshengisile ukuthi akafuniseli uma ethatha izinqumo nokuthi wenza izinto zenzeke. Akekho omunye umuntu ongcono nonamava ofanele ukuhola iTransnet ayikhiphe kulolu bishi ekulona,” kusho isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso.
“UNks uPhillips uyakwazi okuzanywa ngamabhizinisi nohulumeni ngokuhambisana kwezokuthutha ngeBusiness for South Africa. Ubebambile eyisikhulu esiphezulu ngesikhathi sinciphise isibalo semikhumbi esechwebeni laseThekwini ngo-45% kanjalo futhi sinciphisa nesikhathi esilindwa yimikhumbi ngo-36%. Ukukhethwa kwakhe ngokugcwele kuzoqinisa loku kusebenzisana futhi kuqhube nomgqigqo womsebenzi osuwenziwe. Siyameseka siwomabhizinisi kanti sikulungele ukumeseka ngayo yonke indlela.”