Akusukunyelwe indaba yokukhula kancane komnotho – iCosatu
WUTHOBILE ZWANE
UMFELANDAWONYE wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions (iCosatu) ufuna uhulumeni nezinkampani ezizimele bathathe izinyathelo ngokushesha ngemva kokwehla komnotho wezwe ngo-0.2% ngekota yesibili yalo nyaka.
Loku kwenzeke ngemva kwamakota ayisithupha elandelana umnotho usimama, okwenza iCosatu ithi lezi zibalo ziyakhathaza njengoba izwe lisadinga ukukhula komnotho okungaphezu kwango-3% ukuze kwehle isibalo sabantu abangasebenzi.
Umkhulumeli weCosatu uNksz uZanele Sabela uthe bekunethemba lokuthi u-2026 uzoba unyaka lapho umnotho uqala ukuphuma enkingeni yokukhula kancane.
Nokho, le nyunyana iveze ukuthi zikhona izinto esezihamba kahle emnothweni, okubalwa kuzona ukuphela kokucinywa kukagesi, ukusimama kweTransnet, ukuvula kabusha imizila yeMetro Rail nokubuyela kweSouth African Airways ekundizeni.
UNksz uSabela uthe izinto ziyaphucuka eSouth African Revenue Service, iNingizimu Afrika yaphuma ohlwini lwamazwe athathwa ngashoda kwezindlela zokunqanda ukushushumbisa imali nezenzo zobushokobezi kanti namazinga okuthembeka kwezwe kubatshalizimali anyukile.
Le nqubekelaphambili, ngokusho kweCosatu, kufanele igcine isibonakala ngokukhula komnotho nokwanda kwamathuba emisebenzi.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2026/07/27/i-cosatu-ifuna-kuphuthume-ukuqoka-ibhodi-yepublic-investment-corporation/
I-Cosatu ifuna ukuthi uhulumeni wenze uhlelo lokusiza umnotho nomphakathi ukuze kuvikelwe izisebenzi kumphumela wokukhuphuka kwentengo kawoyela, kaphethroli nokwehla komnotho ezweni.
Ithe loku kubalulekile ikakhulu njengoba impi eseMiddle iphazamisa ukutholakala kukawoyela ezweni, okungase kubangele ukukhuphula amanani kaphethroli futhi kwehle namandla okuthenga kubantu.
Le nyunyana ifuna kwehliswe izindleko zikaphethroli nogesi, ethi yizona ezinye zezinto ezidala ingcindezi enkulu emananini ezimpahla nokusebenza. Ifuna nokuthi kusizwe imikhakha yomnotho esengcupheni ngenxa yokuphazamiseka kwezohwebo ezweni nezindleko eziphezulu zikagesi.
I-Cosatu inxuse ukuthi kulungiswe i-Temporary Employment Relief Scheme ye-Unemployment Insurance Fund, ethi sekunesikhathi ingasebenzi ngendlela efanele. Ithe abantu abathola izibonelelo zikahulumeni, okubalwa isibonelelo sabantu abangasebenzi kufanele basizwe.
Ifuna ukuthi kwandiswe kakhulu izinhlelo zikamengameli i-Presidential Employment Programmes zokuqasha abantu, kubenohlelo lokufukula amabhizinisi amancane, aphakathi nendawo nemikhakha yezimboni nowokudayisa izimpahla kwamanye amazwe.

