Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe samnika umqondo webhizinisi lokwakha izindlu. Uxoxe noLUNGI LANGA

ZOLO loku ubengakwazi nokubamba isando. Kepha isifiso sokuzibona ekwazi ukuzilungisela ikhaya lakhe ngaphandle kokuqasha abantu simenze waphumelela ukusungula ibhizinisi lokwakha izindlu zamapulangwe zikanokusho.

Ukuswela imali yokuqhubeka esikoleni kwamholela ebhizinisini lokwenza umsebenzi awufundisa wunina. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU

UKUNGALITHOLI ithuba lokufunda ngemva kokuqeda uMatikuletsheni kumenze  wasebenzisa ikhono alifundiswa wunina ukuziphilisa. 

Bathuthukisa abafisa ukungena kwezolimo ngolwazi nangezinsizakusebenza. UNQOBILE NDLOVU uyabika

SELUNEMINYAKA ewu-14 uhlelo lukaMasipala waseThekwini, KwaZulu-Natali, lokuthuthukisa nokukhuthaza ezolimo kuleli dolobha.

Awupheleli emalini kuphela umsebenzi wabacwaningimabhuku. USLINDILE KHANYILE uyabika

UMSEBENZI weHhovisi lomCwaningimabhuku-Jikelele akufanele uphelele ekucwaningeni amabhuku nasekushicileleni imibiko ngendlela imali kahulumeni esetshenziswa ngayo kodwa kufanele liwasebenzise amandla elinawo ukuze umsebenzi walo ushintshe izimpilo zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika. 

AbeSefa bebezitamuzela emalini okufanele isize amabhizinisi asafufusa. U-ANNA MAJAVU uyabika

KUNENQWABA yezisebenzi zeSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) ezisolwa ngokuntshontsha uR30 million obekufanele uxhase osomabhizinisi abasafufusa.

I-McDonald’s iphucula izimpilo zabafundi eThekwini. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUFANELE abantwana balekelelwe ukulungiselela ikusasa labo kanti enye yezindlela zokukwenza loko wukubacija ngamakhono okusebenzisa amakhompyutha kwazise nesikhathi okuphilwa kusona sisebenzisa ubuchwepheshe kakhulu.

Ubugebengu nemigomo kahulumeni wasekhaya kukhinyabeza osomabhizinisi abasafufusa, kusho ucwaningo. U-ANNA MAJAVU uyabika

OSOMABHIZINISI abasafufusa abasebenzela kuMasipala iRaymond Mhlaba, eMpumalanga Kapa, bathi inkinga enkulu ababhekene nayo wubugebengu nendawo yokusebenzela engaphephile.

Kukhunjulwe isishabasheki sokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane. ULANGA KHANYILE uyabika

UBEBUKHALI, eyisifundiswa, enobuntu, enesibindi, eyivulandlela, ethanda intuthuko yomphakathi, ewumKhatholika wokuqina futhi ethanda umndeni wakhe.

Baqhamuke neziko lobuchwepheshe elikhulula abazali uma bethumela abantu ukubalandela izingane esikoleni. Uxoxe noKELETSO MKHWANAZI

BAYINKAMPANI esebenzela ukuqinisekisa ukuthi izingane ziphephile. I-PasswordKid inqanda ukuthunjwa kwezingane ngokuqinisekisa ukuthi zilandwa ngabagunyaziwe ezinkulisa nasezikoleni zamabanga aphansi.

Kuyaphela ukufana nomuntu othusa ngenyoka efile kweBrics, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

SEKUZOQALA kubonakale imiphumela emihle ngokuba khona komfelandawonye wamazwe eBrics njengoba sekunezivumelwano sokuthi la mazwe azosebenzisa imali yasemazweni awo futhi kuzokwengezwa nesibalo samazwe akule hlangano.

Ukunconywa wuthisha esemncane kwamholela emkhakheni wokubhala owujikelele kwezokukhangisa, ukushicilela nobuntatheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

OMUNYE wothisha ababemfundisa isiNgisi esikoleni samabanga aphezulu wancoma indlela abhala nacabanga ngayo. Loko kwamvula amehlo wazibona ukuthi kanti kukhona into enhle akwazi ukuyenza.

Sesifikile futhi leso sikhathi sendumezulu yombukiso wamabhizinisi eThekwini. INTATHELI YOMBELE iyabika 

KWETHULWE ngokusemthethweni umbukiso othuthukisa amabhizinisi amancane owengamelwa umasipala waseThekwini, iDurban Business Fair (iDBF) izolo.

Bahlabe ikhwelo lokusungula ibhizinisi lezikole ezizimele zabantu abamnyama eNingizimu Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUFANELE abantu abamnyama bangeni shi ebhizinisini lokusungula izikole ezizimele ezizobambisana nohulumeni ukuthuthukisa imfundo yezingane ezimnyama, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya.

IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko, okusho ukuthi isazoqhubeka ime ku-8.25% ngonyaka kanti imali amabhange aboleka amakhasimende awo ngayo izoqhubeka ime ku-11.75%.

Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe ukukhuphuka kokwehla amandla emali, phecelezi i-inflation, kubuyele lapho kufanele kube khona ngoJuni futhi kubhekwe ukuthi kubuyele phakathi nendawo ngekota yesithathu ngo-2025.

ENYE yezinhlangano eziklelisa indlela amazwe abukwa ngayo uma efuna ukuboleka imali, iFitch ithe ngeke iyiguqule indlela eklelise iNingizimu Afrika ngayo yize kodwa ithe ilindele ukuthi ungakhuli nhlobo umnotho wezwe.

I-Fitch ithe iNingizimu Afrika isazokleliswa esigabeni uBB-, okusho ukuthi umhlaba ubuka Ningizimu Afrika njengezwe elizinzile.  Ithe ukukhula komnotho kukhinyabezwa wukucinywa kukagesi, amazinga aphezulu okungalingani, inkebenkebe yesikweletu sikahulumeni esiwuR4.3 trillion. 

NGOLWESINE iBhange loMbuso lizomemezela isinqumo esisha ngemalimboleko kanti osomnotho abaningi babheke ukuthi izonyuswa okokugcina kuleli sonto njengoba sekulindelwe ukuthi iqale yehle emhlanganweni olandelayo. 

Kusukela ngoNovemba wango-2021 iBhange loMbuso belilokhu linyusa imalimboleko, okuyiyona ndlela eliyisebenzisa kakhulu ukunqanda ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali.  Osomnotho baseFNB bathe balindele ukuthi imalimboleko inyuke ngo-25 basis points kuleli sonto.  Isinqumo … Read More

Ukuswela izincwadi zezingane ezibhalwe ngezilimi zesintu kwakhuthaza omama ababili ukuthi basungule inkampani yokushicilela. U-ANNA MAJAVU uyabika

UKUSUNGULA ibhizinisi elincane elisiza umphakathi embonini yamaciko akulula kodwa kunomvuzo. Inkampani yaseGauteng eshicilela izincwadi ingakufakazela loku.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page