Usomnotho waseFNB uMnu uSphamandla Mkhwanazi uthi ziningi izinto ezenza iNingizimu Afrika ingakwazi ukuncintisana namanye amazwe ekukhiqizeni. Izithombe: Zithunyelwe

Iyaqhubeka nokudonsa kanzima imboni yokukhiqiza. USLINDILE KHANYILE uyabika

IMBONI yokukhiqiza eNingizimu Afrika iyaqhubeka nokuncipha nesibalo sabantu abaqashwe kuyona siloku sehlile. 

Loku kuvele ocwaningweni olusanda kwenziwa yiStatistics South Africa nolushicilelwe kuleli sonto.  

Lolu cwaningo, olwethulwe wuMnu uJoe de Beer iphini lomqondisi-jikelele we-Economic Statistics, luveze ukuthi abantu abaqashiwe kule mboni bebewu-1.09million ngo-2021, isibalo esisuka ku-1.40million ngo-2005, okusho ukuthi kule minyaka ewu-16 bawu-309 000 abantu abaphelelwe wumsebenzi. Ngo-2021 ukubheduka kweCOVID-19 kube nesandla kakhulu. 

U-De Beer uthi bacwaninge izinkampani eziwu-11 400 ezikhokha intela ebanjwa ezimpahleni ezikhiqiza ukudla neziphuzo, izimpahla zokugqoka nezicathulo, imikhiqizo yokhuni, amaphepha nezishicilelayo, imikhiqizo kawoyela, amakhemikahli, irabha neplastiki, okwakhiwe ngezingilazi, imishini, imishini kagesi, imishini yobuchwepheshe, imishini yezokuthutha, ifenisha neminye imikhiqizo nabaguqula imfucuza. 

Uthe: “Izindawo eziningi ziphelelwe imisebenzi phakathi kuka-2005 no-2021 ngaphandle kwalabo abakhiqiza imikhiqizo kawoyela namakhemikhali. Imisebenzi iphele kakhulu embonini yendwangu nekhiqiza izimpahla zokugqoka lapho njengoba bebalelwa ku-121 500 abantu abangasasebenzi khona.”

U-De Beer, iphini lomqondisi-jikelele we-Economic Statistics

Ngo-1993 imboni yezokukhiqiza yayingenisa u-23.1% emnothweni, okwehlele ku-13.2% ngo-2021. U-De Beer uthi yize inciphile le mboni kodwa imali eyingenisile inyukile njengoba ngo-2021 ingenise uR2.63 trillion, kusuka ku-R0.93 trillion ngo-2005. Izimpahla eziningi ngo-2021 zathengwa eGauteng (eziwu-42%), kwathi eNtshonalanga Kapa naKwaZulu-Natali kwathengwa eziwu-18% isifundazwe sisinye.

“Izinkampani ezisafufusa zingenise u-24% wemali futhi ziqashe u-58% wabantu embonini yokukhiqiza. Umsebenzi wokukhiqiza umandla eGoli, Ekurhuleni, eKapa naseThekwini njengoba kula madolobha kukhiqizwa u-60% wezimpahla,” kusho uDe Beer. 

Usomnotho waseFNB uMnu uSiphamandla Mkhwanazi uthi ukwehla kwemboni yokukhiqiza kuyazwela kakhulu uma kubhekwa isibalo sabantu asebeqashwe yile mboni ikakhulukazi ngoba nesibalo sabantu abaneziqu zasezikhungweni eziphezulu simbalwa eNingizimu Afrika. 

Uthi: “Imbangela enkulu yesikubonayo wukuthi iNingizimu Afrika ayisakwazi ukuncintisana namanye amazwe amandla ekukhiqizeni, ikakhulukazi aseSouth-east Asia njengeVietnam. Indaba yaseChina yindaba endala esiyaziyo kodwa elinye izwe nalo eselidlule iNingizimu Afrika yiBangladesh, ikakhulukazi embonini yendwangu.

“Izindleko zethu ziphezulu uma kuqhathaniswa nalawo mazwe. Uma ngithi izindleko zethu ziphezulu, ngikhuluma ngamanani nokutholakala kukagesi, imiholo yethu futhi iphezulu, okwenza izinkampani ezinkulu ezikhiqizayo emhlabeni ziyishaye indiva iNingizimu Afrika. Esinye isizathu wukuthi kubuye kungacaci kahle ngemigomo yethu,” kusho uMkhwanazi. 

Lolu cwaningo lwake lwenziwa ngo-2005, ngo-2008, ngo-2011, ngo-2014 nango-2017.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page