Ungaziphuthiseli ngamathuba amahle azoqhamuka neBRICS, kuloba uNtokozo Biyela
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yengqungquthela yeBRICS ezobanjelwa lapha eNingizimu Afrika ngesonto elizayo.
Omunye angazibuza ukuthi yini leyo BRICS okukhulunywa ngayo? I-BRICS yimbumba yeBrazil, iRussia, i-India, i-China neSouth Africa. Le mbumba yaqala ngamazwe amane okuqala, kwathi ekugcineni amema iNingizimu Afrika. Lezi zikhondlakhondla zamazwe zathatha isinqumo sokuthi kungcono zihlangane zizokwazi ukusungula umnotho wazo nokuhweba zodwa.
Loku kusho ukuthi la mazwe awasafuni ukuhweba ethembele kwidola laseMelika njengemali okuhwetshwa ngayo emhlabeni wonke ngoba loko kunika amandla amakhulu iMelika. Uma ubhekisisa uzobona ukuthi la mazwe omane anenqwaba yabantu okuthi uma behlangene benza inani elingaphezu kukahhafu wabantu abakhona emhlabeni jikelele.
Loku kwenza ukuhwebelana kwala mazwe kuqine kakhulu, akwazi nokwenza izinto eziningi ndawonye. La mazwe ahlongoza nokuthi azokwenza imali azoyisebenzisa ngaphandle kwedola. Le mali izobe yesekwe igolide elikhiwa ngamafosholo kulamazwe.
Uma sibhekisisa sizobona ukuthi idola laseMelika belingenaso kakhulu isisekelo esitheni ngaphandle kukawoyela iMelika eyawuqhwaga kwamanye amazwe ngokuba yindlovu iyangena emazweni angakwazi ukuzilwela. Loku kwenza ukuthi idola libe mali engungqaphambili emhlabeni kangangokuthi inqwaba yamazwe ayikwazi ukuthenga uwoyela nezinye izinto uma ingasebenzisi idola. I-BRICS izama ukulwa naloko.
Omunye angazibuza ukuthi iNingizimu Afrika kubaluleke ngani ukuthi ibe yingxenye yale mbumba? Wonke la mazwe indlela ami ngayo ebalazweni ami ngendlela yokusabalala eyenza isiqiniseko sokuthi wonke umhlaba uba yingxenye yanoma yini eyenzekayo. Ngakho iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe anomnotho osimeme e-Afrika kubalulekile ukuthi ibe yingxenye yale mbumba.
Ngaphandle nje kwaloko, iNingizimu Afrika yizwe elibalulekile kwamanye amazwe ekuhwebeni ne-Afrika. SiyiNingizimu Afrika siyizwe elinamachweba amaningi futhi amakhulu enza ukuthi amanye amazwe kubelula ukuthi alethe impahla yawo ukuze isatshalaliswe ezwekazini. Ukuza kwengqungquthela yeBRICS eNingizimu Afrika kuzoletha ithemba kosomabhizinisi abancane ezweni ngethuba lokuhweba nezinkampani zakwamanye amazwe.
Uma uqhathanisa inani labantu abahlala e-India naseChina, uzobona ukuthi omabili la mazwe anesibalo esikhulu sabantu. I-China inabantu ababalelwa ku-1.5 billion kanti e-India khona abantu bacela ku-1.2 billion. Loku kusho ukuthi uma osomabhizinisi abancane bengakwazi ukuthola amathuba okuhweba namanye amazwe afana nalawa kungaba kuningi abangakuzuza ngaloku kuba yingxenye yembumba.
Kepha ngeke sikubalekele ukuthi kuningi okuzohlonyulwa ngamazwe amakhulu eNingizimu Afrika ngoba le lizwe nalo linomnotho omkhulu nokumbiwa phansi kuyindathane.
Ngiyethemba ukuthi njengoba le ngqungquthela iza eNingizimu Afrika nawe somabhizinisi uyazicija ukuthi uzokwenza okusemandleni akho ukuba yingxenye yalezi zingqungquthela eseziqalile eThekwini ezindulela ukuza kwengqungquthelaenkulu maduze.
Uma ungeke ukwazi ukufinyelela, akunankinga. Okungenani ungalandela okwenzekayo kule ngqungquthela kwi-website ethi www.brics2023.gov.za ukuze wazi kabanzi ngezinhlelo zezomnotho, zilibhekisaphi.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting
