UMnu uNkazimulo Ngidi, umnikazi we-Amabheshu Innovators aseNdwedwe, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Ohamba ezinyathelweni zikayise usebeke umsebenzi wokushuka isikhumba senkomo kwelinye izinga. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UTHATHE umsebenzi wokusika nokudayisa amabheshu owawenziwa wuyise wawushintsha wawenza ngesikhumba esihloliwe ukuze asidayise naphesheya kwezilwandle.

UMnuz Nkazimulo Ngidi, odabuka eNdwedwe kodwa osezinze eThekwini, KwaZulu-Natali, usungule inkampani eyenza iphinde idayise amabheshu Amabheshu Innovators. 

Uthi lona wumsebenzi owawenziwa uyise ngendlela eyisidala yokushuka isikhumba senkomo, sisikwe, obekuthatha isikhathi eside ukuthi kuphume ibheshu.

Uthi: “Kushaye isikhathi sokuthi ubaba athathe umhlalaphansi, ngase ngithatha lo msebenzi. Ngifike kuwona ngivele ngihlelile ukuthi angifuni ukuwenza ngendlela abewenza ngayo. Bese nginolwazi lokuthi amabheshu ungawadayisa nakwamanye amazwe kodwa isikhumba esijwayelekile bengazi ukuthi ngeke usidayise kwelinye izwe ngoba kuningi okuhlolwayo, njengokuthi asinazo yini izinambuzane zalapha ezingafike zande kulelo lizwe, ukuthi lihlanzekile yini alinaphunga. Yingakho ngakhetha ukuthenga isikhumba esishukwe ngomshini kwasetshenziswa amakhemikhali ukuthi kubulawe izinambuzane, okwaziwa nge-processing.”

Uthi  kulula ukwenza amabheshu amaningi ngosuku uma usebenzisa lesi sikhumba ngoba sesenziwe konke, okwakho wukusika nje. 

UNgidi uthi ngaphambi kokusungula le nkampani ngo-2013 ubeyiciko i-visual artist nembongi.

UNgidi ekhangisa ngemvunulo ye-Amabheshu Innovators

Uthi ukuqala kwakhe umsebenzi wokwenza amabheshu uqondane nokuthi afundise amaciko ePhansi Museum, lapho ebeshaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Ubefundisa amaciko aphinde futhi athole amakhasimende asemazweni ahlukene abethenga imvunulo yakhe.

UNgidi uthi: “Kulesi sikhungo kufika izivakashi zasemazweni ehlukene. Bengidayisa umsebensi wami kuzo izivakashi. Okunye okungisizile wukuthi ngikhangise umsebenzi wami kwiDurban Business Fair nakweminye imibukiso ehlelwa wuMasipala waseThekwini, iDurban Chamber of Commerce nezinye izikhungo. Ngisanda kuthola ithuba lokukhangisa engqungqutheleni yamazwe angaphansi kweBRICS ebilapha eNingizimu Afrika.”

Uthi uma eyokhangisa ngomsebenzi wakhe ubegxila ekwakheni ubudlelwane, hhayi ukudayisa ngaleso sikhathi. Amakhasimende akhe uthe awaseVietnam, e-Australia naseMelika.

Amabheshu Innovators adayisa amabheshu enziwe ngesikhumba senkomo, nezinyamazane. UNgidi udayisa isethi yonke noma ngakunye okuba amambatha, isinene, ibheshu, injobo, ibheshwana nekloloda.

“Imvunulo iyehlukana, kukhona eyabantu abadabuka ezindaweni eziseNyakatho yeKwaZulu-Natali kube eyabaseNingizumu, eyaseMsinga neyamaNazaretha. Kumele wazi amakhasimende ngokuhlukana kwawo. Uma useThekwini awunankinga ngoba kukhona abantu abehlukene. Amakhasimende ehlukene; kukhona athanda izinto ezisezingeni eliphezulu nezikahle nje. Isethi yemvunulo ibiza uR2 500 kuya kuR52 000,”  kusho yena.

UNgidi uthi inselelo wukuthi indawo asebenzela kuyona yincane kanti ufisa ukuba nendawo enkulu ephakela abanye abadayisi bemvunulo.

  • Facebook: Amabheshu Innovators – Pty Ltd

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page