Abasunguli bePick n Pay Group uMnu Raymond Ackerman nomkakhe uNkk Wendy Ackerman. U-Ackerman akasekho emhlabeni. Isithombe: Sithunyelwe

Akasekho umsunguli wePnP Group

  • UMNOTHO waseNingizimu Afrika ukhule ngo-0.6% ngekota yesibili yango-2023. Ngekota yokuqala wawukhule ngo-0.4%. I-Statistics South Africa ithe izimboni eziyisithupha ezibe nesandla esikhulu kuloku kube eyokukhiqiza neyezimali. Ezokukhiqiza zinyuke ngo-2.2% ngenxa yemboni kawoyela, eyamakhemikhali, eyerabha neplastiki. Eyezimali inyuke ngo-0.7%. I-Stats SA yengeze ngokuthi, ezolimo zinyukile emva kokwehla amakota amabili elandelana. Ngekota yesibili, ezolimo zinyuke ngo-4.2%. 
  • AKASEKHO emhlabeni umsunguli wePick n Pay uMnu uRaymond Ackerman. Lo somabhizinisi, obeneminyaka ewu-92, ushone ngoLwesithathu. U-Ackerman wasungula le nkampani ngo-1967 nomkakhe uNkk uWendy Ackerman, abathenga naye izitolo ezine eKapa, eNtshonalanga Kapa. Namhlanje le nkampani isinezitolo ezingaphezu kweziwu-2 000 eNingizimu Afrika nasemazweni ayisikhombisa e-Afrika. U-Ackerman ungomunye wosomabhizinisi abamhlophe abalwela amalungelo abantu abamnyama ngesikhathi sobandlululo, enye yezinto azenza wukuqoka abantu abamnyama ukuphatha ePick n Pay kusabusa uhulumeni wamaBhunu. Ushiye emhlabeni umkakhe, abantwana abane, abazukulu abawu-12 nesizukulwane esine. 
  • I-FINANCIAL Sector Conduct Authority (iFSCA) ixwayise umphakathi ukuthi uqaphele uma usebenzisana nomuntu noma abantu abazibiza nge-Emperor Asset Management futhi besebenzisa inombolo le nkampani ebhalise ngayo kwiFSCA ethi 44978. I-FSCA isithole ukuthi kunabantu abahlinzeka umphakathi ngosizo lwezimali ngokungekho emthethweni kanti bazibiza nge-Emperor Asset. Le nkampani isikuqinisekisile ukuthi ayiwusebenzisi uWhatsApp futhi ayikaze inike muntu imvume yokusebenzisa igama layo noma inombolo ebhalise ngayo kwiFSCA.
  • Khonamanjalo, iFSCA iphinde yaxwayisa umphakathi ngeDelos Management ethi ihweba nge-forex. I-FSCA ithe le nkampani ayigunyaziwe ukwenza lo msebenzi.
  • Ulwazi lucashunwe kwiStatistics South Africa, iPick n Pay neFSCA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page