Ikhomishini yokuNcintisana ithi amanani okudla awehli ezitolo zaseNingizimu Afrika. Isithombe: Freepik

Amakhasimende ayaphuza ukuhlomula uma kwehla amanani okudla, kusho ikhomishini. USLINDILE KHANYILE uyabika

IZINKAMPANI ezidayisa ukudla nezikukhiqizayo eNingizimu Afrika zenza inzuzo engaphezulu kakhulu kunezinye ezifana nazo kwamanye amazwe emhlabeni. 

Loku kuvele embikweni osanda kushicilelwa yiKhomishini yokuNcintisana, i-Essential Food Pricing Monitoring (i-EFPM).

Lo mbiko uthi yize ukwehla kwamandla emali sekungcono kodwa amanani okudla asaqhubeka nokuba phezulu njengoba ecishe aphindwe kabili kunalawo awezinye izimpahla. 

Ikhomishini ithi ihlale iwagadile amanani okudla okudliwa kakhulu futhi iphenya ukuthi yini enesandla emananini ako. Ithe loku kwenza yonke into ethinta inzuzo yalezi zinkampani ihlale obala. 

Umbiko wekhomishini uthi: “Njengoba ngohhafu wokuqala ka-2023 ehlile amanani okumbiwa phansi (amafutha negesi), ikhomishini igxile manje ekuboneni ukuthi kushesha kangakanani ukuthi amanani abathengi nawo ehle. 

“Nokho, lo mbiko utshengisa ukuthi ukwehla kwamanani akuhlale kusho ukuthi ayehla namanani abakhiqiza ukudla kanjalo nezitolo ezikudayisayo noma kuyabambezeleka ukuthi kwenzeke loku, kanti-ke zikhona nezinye izinto nabo ezibafakela ingcindezi,” kuqhuba wona.  

Lo mbiko i-EFPM ubalule ukuthi izinhlangano ezengamele ezokuncintisana eCanada, e-Ireland nase-United Kingdom (i-UK) zishicilele imibiko ebibheka izimboni zezitolo ezidayisa ukudla, kanti lena yimibiko ebibuyekeza iminyaka emithathu kuya kwemine edlule. 

“Uma uqhathanisa ekuvezile neNingizimu Afrika, siyaqaphela ukuthi izitolo ezidayisa ukudla ezweni zenza inzuzo enkulu kakhulu kunezakulamazwe. Ziningi izizathu ezingaba yimbangela yaloku, okungaba nawukuhluka kwezinga lokuncintisana. 

“Okunye wukuthi emazweni afana ne-UK, inzuzo yezitolo zokudla iyehla ngenxa yokungenisa kwezitolo ezinamanani aphansi, ekubeni eNingizimu Afrika inzuzo inyukile phakathi kuka-2019 no-2022 ngaphambi kokwehla ngenxa yezindleko ezidalwa ukucinywa kukagesi,” kusho umbiko. 

Unaba lo mbiko ngezinhlobo zokudla ezijwayele ukudliwa uthi kuthathe izinyanga ezintathu ukuthi amanani abakhiqiza isinkwa nokolweni aqale ukwehla. Ngekota yokuqala amanani ehle ngo-10% kodwa amanani esinkwa ngalesi sikhathi anyuke ngo-3% ezitolo ezidayisa ukudla nakwabasikhiqizayo, aze aqala ukwehla ngekota yesibili. 

Amanani empuphu asalele emuva ngezinyanga ezintathu. Kusukela ngoFebhuwari asehle ngo-23% kodwa ezitolo zokudla awakehli. “Kusukela ngonyaka odlule amanani okudla ayehla kodwa umbiko i-EFPM utshengisa ukuthi ayanyuka awabawakhiqizayo yize amanani e-sunflower seed eNingizimu Afrika emile,” kusho ikhomishini. 

Umbiko uthi amanani enkukhu egcinwa eqhweni yiwona asaqhubeka nokuba ngaphansi. 

Okuvezwe yilo mbiko kuyahambisana nemibiko yeStatistics South Africa. Embikweni ewukhiphe ngo-Agasti ithe ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-4.7% kodwa amanani okudla ehlele ku-8% esuka ku-9.9% ngoJulayi. 

Ukubiza kokudla kufakazelwa nawucwaningo olwenziwa yiPietemaritzburg Economic Justice & Dignity ecwaninga ngamanani okudla ezitolo zokudla eziwu-47 nasemabhusha awu-32 eGoli, eThekwini, eKapa, eMgungundlovu, eMtubatuba naseSpringbok. 

Ucwaningo lwayo luveze ukuthi ubaskidi wokudla okwanela inyanga usubiza uR5 124.34 usuka kuR5 081.94 ngoJulayi. Kanti uma kuqhathaniswa nonyaka odlule, lo baskidi ububiza uR4 775.59.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page