UMnu uSanele Ntombela we-Arroger Solutions yaseNkandla, KwaZulu-Natali, nomklomelo awuwine emncintiswaneni we-Ithala Inkunz’ isematholeni. Izithombe: Zithunyelwe

Ihleka yodwa intsha edle umhlanganiso kowamabhizinisi. INTATHELI YOMBELE iyabika

KUFUKULWE amabhizinisi aphethwe yintsha KwaZulu-Natali ngomncintiswano ogxile emabhizinisini abantu abasha, iNkunz’ isematholeni Youth in Business. 

NgoLwesihlanu kumenyezelwe abadle umhlanganiso emklomelweni walo nyaka ingqikithi yawo ebikhuthaza ukuthi kuqhanyukwe nezinto ezintsha futhi kunakekelwe imvelo. Lo mncintiswano wasungulwa yisikhungo sikahulumeni esithuthukisa ngomnotho Ithala Development Finance Corporation nomNyango wokuThuthukisa uMnotho eKZN ngo-2015.

Abadle umhlanganiso kulo nyaka nguMnu uSanele Ntombela waseNkandla, umnikazi we-Arroger Solutions, inkampani ekhiqiza izitini zokuhlobisa igceke, izitsha zokubeka izimbali isebenzisa iplastiki ne-binding cement.  

Umkhiqizo kaNtombela usesigabeni sokuhlolwa. Omunye owinile wuNks uChelsey Khwela wakuMasipala waseMdoni noyisikhulu esiphezulu seKCHELSEY Handcrafted Cosmetics. Selivele liyasebenza leli bhizinisi kanti nawo lo mkhiqizo usahlolwa. 

UNks uKhwela ephahlwe wuMnu uSihle Mkhize uSihlalo webhodi laseThala noMnu uNhlakanipho Nkontwana, inhloko yomNyango wokuThuthukisa uMnotho eKZN

UMnu uMotsamai Motaung wakumasipala waseNdumeni uwumnikazi weGreenhouse Management app esakhiwa. Kuhlomule noNks uLungiswa Pamela Zukulu wasoPhongolo, uyisikhulu esiphezulu se-Isikhanyiselo Investment. 

Ithala lisebenzisana neSmall Enterprise Development Agency, iSmall Enterprise Finance Agency, iSouth African Revenue Service neNational Youth Development Agency abalekelele ngokubuyekeza amabhizinisi abengenele umncintiswano. 

UMotaung noMkhize  noNkontwana

“Izibalo zitshengisa ukuthi ukuntuleka kwemisebenzi kuseyinselelo enkulu ebhekene nentsha yethu nokungakho kwasungulwa umncintiswano weThala Inkunz’ isematholeni Youth in Business ukubheka amabhizinisi abantu abasha abangasebenzi aqhamuka nezinto ezintsha embonini yolwazi nokunakekela imvelo.

“Emizamweni yethu yokufeza amaphupho abantu, sikholwa ukuthi (kufanele) sicathule nawe indlela yonke. Siyakuqonda ukuthi kwesinye isikhathi empilweni udinga umuntu oyedwa nje ozokunika ithuba ukuze uphumelele,” kusho uNks uPearl Bengu, isikhulu esiphezulu se-Ithala https://www.umbele.co.za/2022/03/28/uphokophela-ukubona-amabhizinisi-abantu-besifazane-ekhula-uxoxe-noslindile-khanyile-ngaleli-phupho-nokunye/

UNks uZukulu noMkhize  noNkontwana

Ngokwezibalo zeStatistics South Africa, ngekota yokuqala ka-2023, bawu-32.9% abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika. 

Ithala lithe kusukela wasungulwa umncintiswano weNkunz’ isematholeni, selifinyelele kwintsha ewu-3 000 esifundazweni kanti selitshale ngaphezu kukaR6 million kulolu hlelo.

Ungqongqoshe womNyango oThuthukisa uMnotho eKZN uMnu uSboniso Duma uthe: “Ukuthuthukisa izinkampani yisona sisekelo sokukhulisa umnotho ngomuso. Amabhizinisi asafufusa yiwona asethubeni elihle lokunciphisa isibalo sabantu abangasebenzi, anyuse imali engenayo emizini, anciphise ububha futhi andise isibalo sabantu abakhokha intela,” kusho yena.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page