Isikhulu esiphezulu seSmall Enterprise Finance Agency uMnu uMxolisi Matshamba, obephendula ePhalamende ngenkohlakalo kulesi sikhungo. Isithombe: Sithunyelwe

AbeSefa bebezitamuzela emalini okufanele isize amabhizinisi asafufusa. U-ANNA MAJAVU uyabika

KUNENQWABA yezisebenzi zeSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) ezisolwa ngokuntshontsha uR30 million obekufanele uxhase osomabhizinisi abasafufusa. 

Isikhulu esiphezulu seSefa uMnu uMxolisi Matshamba utshele ikomidi elengamele ukuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane ePhalamende ukuthi i-Intellimatch Financial Services, eyathola ithenda yokubolekisa ngoR30m, ayikaze ibolekise ngisho isenti enkampanini yangempela. Zonke bekuyizinkampani eziyizipoki. 

Uthe: “Wubuqili lobu obebuhlelwe kahle. Umqondisi we-Intellimatch ubedlulisa imali ezinkampanini eziyizipoki ukuze axhase inkampani yakhe yezokwakha. Uhlelo lwethu olubuyekeza imali etshaliwe lusenzele phansi ngoba bekufanele luyibone le nto.”

Uveze ukuthi kunezisebenzi ezinhlanu zeSefa okusolwa ukuthi bezisebenzisana ne-Intellimatch ukuhlela le nkohlakalo “kusukela ekusunguleni izinkampani kuze kufike lapho sezinikwe khona imali, kwabuyekezwa”. Sekuphele izinyanga ezine zimisiwe emsebenzini lezi zisebenzi. Okuvelile kuwumphumela wophenyo ikomidi elathi alwenziwe emva kokuvakashela eNorth West ekuqaleni konyaka lathola ukuthi i-Intellimatch ibhale inkampani engekho iKings and Queens Hut, yathi yiyona ebolekiwe.

UMatshamba uvumile ukuthi iSefa ihlulekile wukuqinisekisa ukuthi zikhona yini izinkampani okuthiwa zibolekiwe. Usole izikhulu zeSefa wathi “njengoba kade kuhlanganiswa izinkampani, abantu abebengenazikhala zomsebenzi bebefakwa noma yikuphi, abanye bayiswe ophikweni okufanele lubuyekeze uma sekutshaliwe. I-Sefa inenkinga yokushoda ngabantu kulolo phiko. Udinga abantu abanekhono,” kwengeza yena. 

UMatshamba uphikelele nokuthi iSefa izoqhubeka nokusebenzisa izinkampani ezibolekisayo ukubolekisa ngezigidi zemali emabhizinisi amancane wathi loku “kufaka nabanye abantu emnothweni”. 

Kusukela ngo-2019, iSefa isikhiphe uR7.9 billion ewuboleke amabhizini amancane awu-306 318 isebenzisa izinkampani ezihlukene. UMatshamba uvumile ukuthi ezinye zalezi zinkampani zazingakabi nayo ngisho iminyaka emibili zikhona ngesikhathi zinikwa lezi zinkontileka. 

Ilungu leDA ePhalamende uMnu uMandlenkosi Mabika uwugxekile lo mbiko wathi awuvezi ukuthi yini iSefa eyenzayo ukulwa nenkohlakalo. “Zingaki izinkampani ezifana neKings and Queens esinazo eNingizimu Afrika? Ukubhekana nalena kuphela akuyixazululi inkinga.” 

Ilungu le-ANC ePhalamende uMnu uHein April lithe kungenzeka nokuthi “kunebhanoyi” eliqhutshwa ngaphakathi eSefa onhloso yalo wukuqola uhulumeni.

Lo mbiko uhlanganiswe yi-Ernst and Young kanti umbiko wokugcina uzokwethulwa ePhalamende ekupheleni kwenyanga. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page