UMnu uRedge Nkosi, i-executive director nenhloko yocwaningo eFirstsource Money. Izithombe: Zithunyelwe

Kuyaphela ukufana nomuntu othusa ngenyoka efile kweBrics, kusho izingqapheli. USLINDILE KHANYILE uyabika

SEKUZOQALA kubonakale imiphumela emihle ngokuba khona komfelandawonye wamazwe eBrics njengoba sekunezivumelwano sokuthi la mazwe azosebenzisa imali yasemazweni awo futhi kuzokwengezwa nesibalo samazwe akule hlangano. 

Basho kanje ongoti bezomnotho abebephawula ngengqungquthela yeBrics ebiseGoli, eGauteng, ngesonto elidlule. I-Brics ibunjwe yiBrazil, iRussia, iChina neSouth Africa.

Ngesonto elidlule, la mazwe avumelene ngokuthi imali yokuba yilungu lalo mfelandawonye sebezoyikhokha ngemali yasemazweni awo esikhundleni sokusebenzisa idola laseMelika. 

Avumelane nangokuthi kusukela ngonyaka ozayo sekuzoba namalungu amasha i-Argentina, iGibhithe, iTopiya, i-Iran, iSaudi Arabia, ne-United Arab Emirates (i-UAE).  

USolwazi uBonke Dumisa, owusomnotho nengqapheli, uthe yisinyathelo esibalulekile ukuthi la mazwe asezosebenzisa imali yawo esikhundleni sedola laseMelika. 

Uthe: “Loko kuzokonga okungenani u-30% wemali (kwabezoyikhokha) futhi kuzoqala kunciphise ukuthi kuthenjelwe kwidola laseMelika. Sesizosebenzisana namazwe ebesingasebenzisani nawo, iNingizimu Afrika iyahwebelana kakhulu neSaudi Arabia, i-UAE neTopiya kodwa hhayi iGibhithe ne-Iran. 

“Kula mazwe kukhona akhiqiza uwoyela; mhlawumbe sesizoba nezivumelwano zokuthenga uwoyela ngemali yethu esikhundleni sedola. Ngaphambi kwale ngqungquthela yangesonto elidlule, iBrics ibifana nestokfela nje sabantu abebezihlanganela, bashuthe izithombe bese kuphela kanjalo. Kepha kuloku, kuningi esikuncomayo kunesingakugxeka,’ kusho uDumisa. 

UDumisa uthi iNingizimu ingazuza emazweni akhiqiza uwoyela 

UDumisa uthe cishe ukwanda kwamalungu ale nhlangano sekuzonika iNingizimu Afrika nesibindi sokukhuluma nangezinye izinto njengokuthi iChina ne-India bathenga kakhulu okumbiwa phansi bese bephinde bezokudayisa ezweni sekuwumkhiqizo ophelele. 

UMnu uRedge Nkosi, i-executive director nenhloko yocwaningo eFirstsource Money, uthe okwenzeka kwiBrics wukuqala ukulungisa umonakalo owaqala ngo-1945 okuze kube yinamhlanje ucindezela amazwe aseNingizimu nomhlaba.

Uthe njengoba la mazwe eseqala ezikhulumela, izinto zizoshintsha kwande amathuba okuhwebelana ashibhile ngaphandle kokuwaxhaphaza njengokujwayelekile. 

Uthe: “Njengoba ibhange leBrics lizobolekisa ngemali lisebenzisa imali yalelo zwe (elizobe liboleka), hhayi idola, izindleko nengozi okuhambisana nedola kuzoncipha. Isimo sesikweletu saseNingizimu Afrika sizoba ngcono kakhulu ngoba u-11% waso ubolekwe ngemali yakwamanye amazwe. 

“Loko kusho ukuthi kuzokwanda imali engasetshenziselwa izibonelelo zeSassa (iSouth African Social Security Agency), ukwakha imigwaqo nengqalasizinda,” kusho yena. 

NgokweSabelomali esethulwa ngoFebhuwari, isikweletu seNingizimu Afrika kulindeleke ukuthi sisuke kuR4.73 trillion ngo-2022/23 sifinyelele kuR5.84 trillion ngo-2023/24. 

UNkosi uthe omunye umphumela wezinqumo zeBrics wukuthi umnotho uzoqala ukhule, okuzovula amathuba emisebenzi futhi kunciphise izindleko zokuba nebhizinisi eNingizimu Afrika. 

I-Brics ineminyaka ewu-15 yasungulwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page