UNksz uBeverly Mhlabane, umnikazi weZapa Farm ekhiqiza amaqanda ezinkukhu yaseBenoni, eGauteng. Isithombe: Sithunyelwe

Owaqala ukufuyela umndeni wakhe izinkukhu usedayisa amaqanda ubuthaphuthaphu. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

UKUBIZA kwamaqanda kwaholela ekutheni athenge izinkukhu zamaqanda ngoba enzela ukuthi umndeni wakhe uthole amaqanda nsuku zonke. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi wagcina esedayisela omakhelwane.

Namuhla uNksz uBeverly Mhlabane uwumnikazi weZapa Farm, ipulazi lezinkukhu zamaqanda eBenoni, empumalanga yeGoli, eGauteng. Usengomunye wabesifazane abahlonishwayo emkhakheni wokukhiqiza kwamaqanda abazimele, phecelezi i-commercial farming. 

UNksz uMhlabane, osebenzela emhlabeni ongamahekthare amabili ukhiqiza amaqanda awu-6 000 ngosuku, kanti umhlaba anawo umvumela ukuthi afuye izinkukhu eziwu-17 000.

Uthi: “Ngingene ebhizinisini lamaqanda ngingaqondile. Ngesikhathi ngithenga izinkukhu eziwu-10 zokuqala ngo-2012 ngangenzela ukuthi sibe namaqanda ekhaya, singawathengi ngoba ayesebiza kanti uNkulunkulu unelinye isu.

“Izingane zami zagcina sezicikekile amaqanda, ngase ngidayisela omakhelwane; kwaba ukuqala kwebhizinisi. Nakhona kwakungekho ukuthi ngizogcina senginepulazi ngoba umhlaba ngangiwuthengele ukwakha izindlu zokuqashisa kanti indawo engithenge kuyo yayiklanyelwe ukusetshenziselwa ezolimo. Mina ngathenga ngingazi, ” kusho uNksz uMhlabane, owafundela ukuba yi-chemical engineer. Uthi wayehlele ukuthi ngeke asebenze isikhathi eside ngemva, uzoqala ibhizinisi lokuqashisa ngezindawo zokuhlala.

Lo mhlaba uwuthenge ngo-2014 kanti uze waqala ngo-2016 ukufuya kuwo ngoba kufanele abiye bese akha amahhoko.

“Bekunzima ngoba bengisebenzisa imali yempesheni engiphume nayo emsebenzini. Usizo lukahulumeni ngiluthole kulo nyaka ngafakelwa i-generator. Iyangisiza kakhulu njengoba ugesi ubuye ucishwe. Inselelo enkulu enginayo eyokubiza kokudla kwezinkukhu. Ngifisa ukuthi kube nabalimi bombila engingasebenzisana nabo ngoba u70% wokudla kwezinkukhu wenziwa ngommbila,” kusho uNksz Mhlabane.

Amakhasimende akhe izitolo ezincane namahhotela kanti phambilini wake wadayisela uWimpy noPick n Pay.

Uthi: “UWimpy wagcina usufuna amaqanda akhiqizwa izinkukhu ezihlala endaweni evulekile ama-free range. Angikwazi ukufuya lezo zinkukhu epulazini lami ngoba umhlaba ungamahekthare amabili kuphela. Kwangiphoqa ukuthi ngiliyeke ikhasimende eliwuWimpy kodwa akhona amanye amakhasimende futhi ngisengakwazi ukufuya ezinye izinkukhu.”

Uthi enye inselelo abhekene nayo wumkhuhlane wezinyoni ohlasela izinkukhu, okusho ukuthi kufanele bahlale beqaphile.

Ngemva kokuhlela ibhizinisi lemiqasho nokufuyela umndeni wakhe izinkukhu, uNks uMhlabane ungubufakazi ukuthi bokuthi uma uwusomabhizinisi kufanele uhlale uvule amehlo ukuze ubone amathuba amasha okungenisa imali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page