UNks uKhumo Tapfumaneyi, omunye wabasunguli be-Ethnikids eshicilela izincwadi zezingane ezibhalwe ngezilimi zesintu. Isithombe: Sithunyelwe

Ukuswela izincwadi zezingane ezibhalwe ngezilimi zesintu kwakhuthaza omama ababili ukuthi basungule inkampani yokushicilela. U-ANNA MAJAVU uyabika

UKUSUNGULA ibhizinisi elincane elisiza umphakathi embonini yamaciko akulula kodwa kunomvuzo. Inkampani yaseGauteng eshicilela izincwadi ingakufakazela loku. 

I-Ethnikids, eneminyaka eyisikhombisa, isanda kuhlomula ngoR500 000 ohambisana nokuthola izeluleko zokuphatha ibhizinisi emcintiswaneni i-2023 Big Success for Entrepreneur- Big Success Pitch, oxhaswe yiMomentum.

ONks uKhumo Tapfumaneyi noTina Akuoko basungule i-Ethnikids ngo-2016 ngoba ngomama ababengazitholi izincwadi zezingane ezibhalwe ngolimi lwabo lwebele futhi ezazinezithombe zezingane ezifana nezabo. 

UNks uTapfumaneyi uthi: “Yilapho sabona khona isikhala sesitolo sezincwadi zezingane esasizobhekelela izingane ezihlukene. Sivule isitolo sezingane ngo-2016 ukuze sigxile ezincwadini ezikhuluma ngazo zonke izingane futhi sasifuna ezikhuluma ngezingane ezihlukene. Ngo-2020 ngesikhathi singakwazi ukudayisa sabona ukuthi kufanele sishintshe izinto kancane ukuze sibe nenye indlela yokungenisa imali.”

Yilapho-ke baqala khona ukushicilela befuna izincwadi nakwezinye izinkampani ezweni. “Okwenza izincwadi zethu zihluke wukuthi sidayisa nezincwadi eziningi zababhali abazishicililele bona noma ezishicilelwe yizinkampani ezincane,” kuqhuba yena.

Ezinye zezincwadi ezisanda kuphuma esihloko sithi “Zandi’s Song” ngoZandi inkosazana yasolwandle nesichazamazwi sezithombe isiZulu Pictionary”.

Izincwadi zabo bazikhangisa emicimbini yezincwadi ezikoleni, emitapweni yolwazi, ezinxanxatheleni zezitolo nasemapaki. Imali eningi bayitshala ebhizinisini ukuze baholele izisebenzi ezintathu eziqashwe ngokugcwele, ezintathu eziyitoho, lapho kugcinwa khona izincwadi, ukuzipakisha, ukukhangisa nezinye izindleko.

UNks uTapfumaneyi uthi ngalo mklomelo kaR500 000 bazokwazi ukukhulisa ibhizinisi futhi bashicilele izincwadi zabo abangazisabalalisa nakwezinye izindawo. I-Ethnikids Isivele ibambisene nezinye izinkampani ukwakha imitapo yolwazi emakhaya nasemalokishini nokuhlinzeka izincwadi ezikhungweni zokuthuthukisa izingane.

UNks uTapfumaneyi uthi imfihlo ebawinise umncintiswano wukuthi baqala ngokuchaza ukuthi eNingizimu Afrika kunenkinga yokuthi wu-2% kuphela wezincwadi oshicilelwe ngezilimi zesintu futhi wu-8% kuphela wezikole zikahulumeni ezinemitapo yolwazi kanti i-Ethnikids iyayixazulula ngokufuna nokusabalalisa izincwadi zezingane ezihlukene. 

Uma kukhona umuntu ofisa ukuba nebhizinisi lakhe elincane embonini yokushicilela, uNks uTapfumaneyi unalesi seluleko: “Ziningi izindaba esingazibhala njengezwekazi futhi maningi amaciko eNingizimu Afrika. Akuwona umkhakha olula, ngakho kufanele ubekezele. Kunzima ukuthi waziwe futhi usekwe, ngakho uma izinkampani ziseseka ngale ndlela okwenze ngayo iMomentum, kwenza umehluko omkhulu.”

Inhloko yokukhangisa eMomentum uNkk uCharlotte Nsubuga-Mukasa ithe umsebenzi wenkampani yabo “wukukhuthaza osomabhizinisi ukuthi baqhubeke babambe iqhaza elibalulekile emnothweni. Ibhizinisi likaKhumo lihlukile kanti ngesitolo sobuchwepheshe esidayisa izincwadi uthuthukisa isizukulwane sangomuso”.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page