Maningi amathuba okuhweba kwamanye amazwe ezinkampani ezincane. U-ANNA MAJAVU uyabika
ININGI lezinkampani elisebenza embonini yokudla neziphuzo ngezisafufusa nezinemikhiqizo engavamile. Lou kusho ukuthi lezi zinkampani eziwu-87% zinethuba elihle lokudayisela amanye amazwe imikhiqizo yalo.
Basho kanje ongoti baseProudly South African, eFood and Beverage Seta nase-Absa. Omunye ofakazele lo mbono wumnikazi webhizinisi likashokoledi owasungula inkampani yakhe ngoR8 000 kanti usewudayisa kwamanye amazwe.
Inhloko ye-Absa SME Business eGauteng North naseLimpopo uMnu uMonnie Mongwe obekhuluma kwiProudly South African webinar, ebithanyelwe ngosomabhizinisi abawu-1 000 abasafufusa abasembonini yokudla neziphuzo, uthe kukhona abanemikhiqizo engajwayelekile abayidayisela amanye amazwe.
UMongwe uthe kukhona abasezindaweni ezisemakhaya abaxhasa abanye osomabhizinisi abathenga izithako kubona, okwandisa imisebenzi.
Ezinye izinkampani ezisafufusa zenza ezibukwayo nasekugayeni imikhiqizo yezolimo njengokomisa amacimbi ziwaphendule ama-chips.
Kuyancintiswana kakhulu embonini yokudla neziphuzo. Kunezinkampani ezinkulu ezikhonyayo njengoba kunezitolo zokudla ezinhlanu ezilawula u-64% wemboni ezweni lonke.
Izinkampani ezincane zingagwema ubunzima bokuzama ukufaka imikhiqizo yazo ezitolo ezinkulu ngokudayisela amanye amazwe zisebenzisa amaziko obuchwepheshe asungulwe yiProudly South African.
Nokho lokhu yinto engenzeka uma imikhiqizo yazo inohlonze. “Kukhona izinselelo ezikhona ezithinta amakhono nokuqeqesha. Iningi losomabhizinisi abasafufusa liyawaqala amabhizinisi kodwa ayikho indlela yokuwaqhuba ukuze ahlale ekhona futhi aphumelele,” kusho uMnu uSinaye Mgidi, umphathi wama-Learning Programmes and Strategic Projects eFoodBev Seta.
Ukuthola isigxivizo seSA Bureau of Standards (iSABS) esifakazela ukuthi umkhiqizo uphephile ukudliwa ngabantu kungafinyelela kuR12 000. Loku kuvezwe wuNks uRose Modise, i-technical lead yophiko iFood and Pharmaceutical Microbiology eSABS.
Kwesinye isikhathi iSmall Enterprise Development Agency ingazikhokhela lezi zindleko, ngale kwaloko, kungalukhuni ukuthi inkampani esafufusa ingathwala kanzima uma ifuna ukufaka umkhiqizo wayo ezitolo.
UNks uStephanie Ceronio, umsunguli weJack Rabbit Chocolate Studio yasePitoli, eGauteng, uthe into eyamsiza wukuqala kancane nokugxila ohlotsheni olulodwa lwekhasimende esikhundleni sokufuna ukusabalala yonke indawo. Yikona okwamsiza nokuthi angadingi isizumbulu semali ukuqala umsebenzi ngoba wayengadingi imishini emikhulu ebizayo.

UNks uCeronio waqala ibhizinisi likashokoledi owenziwe ngesandla ekhaya, wadayisela abantu abambalwa ezweni, wase esengenela umncintiswano eTurkey. Wagcina ewine indondo yegolide, osekumvulele iminyango eJapan nasemazweni amaningi eYurophu. Uqashe abantu abayisishiyagalolunye kanti unesendawo akhiqizela kuyona.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

