UNksz uNangamso Bana weNASO Creations yaseCradock, eMpumalanga Kapa. Izithombe: Zithunyelwe

Ikhono alifunda emabangeni amancane liyisisekelo sebhizinisi lewuli elivutha uphondo. Uxoxe noSIZAKELE NDULI

YENZA ezibukwayo intokazi encane enebhizinisi elivuthayo lokukhrosha izimpahla zokugqoka eCradock, eMpumalanga Kapa. 

UNksz uNangamso Bana uqale iNASO Creations ngo-2021, yize eyibhalise ngokusemthethweni ngo-2022. Lo somabhizinisi oneminyaka ewu-33 waqala ukwazi ngokukhrosha esafunda amabanga aphansi eLibode, eMpumalanga Kapa.

Uthi: “Ngaqala ukwazi ngokukhrosha emabangeni engangifunda kuwona ngineminyaka ephakathi kwewu-10 newu-12, ngafundiswa wuSister uPerpertua owayedabuka eSwitzerland. Kwakumnandi emakilasini. Kwakungesikona nje ukufunda ikhono kodwa kwakuyithalente enginalo.”

Esikoleni samabanga aphezulu ayefunda kusona zazingenziwa izifundo zokukhrosha, okwenza wathi ukukhohlwa kancane yiko wagxila kwezinye izinto. 

UNksz uBana waphelelwa wumsebenzi ngenkathi kuhlasela ubhubhane iCOVID-19, wase ekhumbula ukuthi uthanda ukukhrosha.

“Ngabona igebe elikhulu lobuciko bezimpahla zokugqoka. Yize zikhona izimpahla ezikhroshiwe ngomshini ezitolo kodwa ngabona kukuhle ukuthi kube nezimpahla zokugqoka ezenziwe ngesandla ngoba izimpahla ezenziwe ngesandla ziyikhethelo futhi zinhle kakhulu,” kusho yena. 

Omunye wemisebenzi kaNksz uBana

UNksz uBana usebenzela ekhaya kanti usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhangisa umsebenzi wakhe. “Akekho engisamqashile kodwa yinto engiyicabangayo. Sengithola ama-oda amaningi futhi ngingathanda ukuthola umuntu ozongisiza.”

Ezimpahleni zakhe kukhona amajezi, izigqebhe, izikibha, o-polo neck, amasudi nezinye. Kukhona nezikhwama zemali. Amanani azo aqala kuR150 kanti amajezi aqala kuR750. 

“Ngidayisela abantu abathanda ukugqoka izimpahla ezenziwe ngewuli.

Amakhasimende amaningi aseMpumalanga Kapa naseNtshonalanga Kapa ngoba lezo zindawo ziyabanda, ikakhulukazi ebusika,” kusho uNksz uBana. 

Uthi kumthatha cishe izinsuku ezimbili ukuhlanganisa isiketi kuye nokuthi side kangakanani kuthi amajezi athathe izinsuku ezintathu kuya kwezine, nakhona kuye nokuthi lingakanani. 

Elinye iphupho likaNksz uBana wukunikela ngokufundisa izingane ezineminyaka ewu-10 ukukhrosha. 

Ufisa nokuvula izitolo lapho izimpahla zakhe zizodayisa khona ezweni lonke.


Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page