IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko, okusho ukuthi isazoqhubeka ime ku-8.25% ngonyaka kanti imali amabhange aboleka amakhasimende awo ngayo izoqhubeka ime ku-11.75%.
Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe ukukhuphuka kokwehla amandla emali, phecelezi i-inflation, kubuyele lapho kufanele kube khona ngoJuni futhi kubhekwe ukuthi kubuyele phakathi nendawo ngekota yesithathu ngo-2025.
“Ngenxa yaloku iMonetary Policy Committee inqume ukungayishintshi imalimboleko lapho ikhona ku-8.25% ngonyaka. Amalungu amathathu abehambisana nokuthi ingashintshwa imalimboleko kanti amabili abefuna inyuswe ngo-25 basis points,” kusho uKganyago.
- Lolu lwazi luthathwe kwiBhange loMbuso

