UDkt u-Abongile Balarane, isikhulu esiphezulu seSA Poultry Association, uthembisa ukuthi ukushoda kwamaqanda kuzolunga. Isithombe: Sithunyelwe

Umkhuhlane wezinyoni ubeka amabhizinisi amancane engcupheni. UKELETSO MKHWANAZI uyabika

AMAQANDA ayashesha futhi ayindlela eshibhile yokuthola umsoco wamaphrotheni. Ungawadla ngezindlela ezihlukene nesidlo sasekuseni, esasemini nesasebusuku. 

Nokho ukubheduka komkhuhlane wezinyoni sekuholele ekushodeni kwamaqanda. Uhlobo olusha lwalesi sifo okulindeleke ukuthi luhlasele kuze kube wu-Okthoba luphazamisa amabhizinisi amancane.

Lolu hlobo olusha lo mkhuhlane lutholakale eGauteng, eMpumalanga naseFree State. 

Kunenqwaba yezitolo esezazise amakhasimende ukuthi ayashoda amaqanda. 

UNks uThapelo Sibanda odayisa amaqanda emgwaqweni uMain eSoshanguve, eTshwane, eGauteng, ubhekane nenkinga ngesonto elidlule ngesikhathi umuntu athenga kuyena engawalethi amaqanda. Kudingeke ukuthi aye eHammanskraal lapho ethole khona amakesi ayisithupha kuphela amaqanda. 

Uthi: “Ukuthenga inqwaba yamaqanda akusavumelekile, okuyinselelo ezinkampanini ezithembele kuwona ukwenza ibhizinisi nokwenelisa amakhasimende.”

Ucele ukuthi uhulumeni ungenelele masinyane ukugwema ukulahlekelwa ngamabhizinisi. Lesi sifo sesicekele phansi kakhulu eNingizimu Afrika, saholela ekwehliseni umkhiqizo wamaqanda ngo-15% kuya ku-20% ezweni. 

UDkt u-Abongile Balarane, isikhulu esiphezulu seSA Poultry Association, uthi: “Kulindeleke ukuthi kube yisimo sesikhashana lesi, kushoda izinkukhu okukhinyabeza umkhiqizo wamaqanda. Nokho umkhiqizo emapulazini uzokwenzeka kahle uma usudlulile umkhuhlane, okuvame ukwenzeka ngo-Okthoba uma sekuzoqala ihlobo. Ukudayiselana kwezifundazwe kuzosiza ukunciphisa ukushoda kulezi zinyanga ezizayo.” 

UmNyango wezoLimo usemkhankasweni wokulekelela izinhlaka ezithintekile. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page