Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMandisa Cebekhulu, umculi we-African soul. Udume ngengoma kaSun-El Musician ethi Buyisa, kanti useke wasebenza namaciko okukhona kuwo uDJ Kabila, uCitizen Deep noKing S’fiso
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa kodwa hhayi njalo.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2017, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngifunde ukuthi kubalulekile ukonga imali, ungayibhubhudli yonke.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngiqale ngo-2017 ngimenywe ukuyocula emcimbini othile, ngahola uR2 000.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngazithengela iselula ngoba ekhaya babenenkolelo yokuthi izingane azithengelwa amaselula.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Akukho okukhulu nokubabazekayo esengikwenzile kodwa ngijabule ngokuthi kokuncane engikutholayo,ngiyakwazi ukulekelela ezidingweni zasekhaya.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuthenga izinto ezingenasidingo ngoba nakhu ngibona imali ikhona.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Esokuthi akufanele uvumele ukuba nemali kukwenzise izinto ezingenasidingo noma kushintshe uhlobo lomuntu oyilona.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingenza isiqiniseko sokuthi angixhamazeli futhi angivumeli ukuba nemali engako kungenzise izinto ezingeke zingisize ngalutho, ngakho kukho konke engikwenza ngayo ngingaqikelela ukwenza indlela yokuthi izalane, yande.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi uma kusabahambela kahle, abangavumeli ukuba nemali kubenzise izinto ezingenasidingo kodwa abacabangele ikusasa, babenohlelo oluqondile lokuthi bazoyisebenzisa kanjani nokuthi bengenzanjani ukuthi izalane yande.