Ukunconywa wuthisha esemncane kwamholela emkhakheni wokubhala owujikelele kwezokukhangisa, ukushicilela nobuntatheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
OMUNYE wothisha ababemfundisa isiNgisi esikoleni samabanga aphezulu wancoma indlela abhala nacabanga ngayo. Loko kwamvula amehlo wazibona ukuthi kanti kukhona into enhle akwazi ukuyenza.
Akugcinanga lapho. Amazwi kathisha wakhe aba yinkombandlela yomgudu agcina ewulandelile uNkk uTaweni Gondwe-Xaba, i-managing director yeThe Hardy Boys. Unezinyanga ezimbalwa eqale ukuhola le nkampami engenye yezikhondlakhondla kwezokukhangisa.
Uthi: “Ngangingenalo iphupho ngikhula. Izingane zicabanga ukuthi wonke umuntu ophumelelayo usuke azi, mina ngangingazi nhlobo. Ngangimandla ezilimini ngoba ngangikukhonzile ukufunda izincwadi. Sifakela izingane ingcindezi yokuthi zazi zisafunda amabanga aphezulu ukuthi zifisa ukwenzani, anabazali babanengcindezi.
“Sasikade sibhale i-composition, okwathi sengiyihambisile, kwaba yinto eyashiwo uthisha wami engincoma, eyangisiza. Wathi ‘Ngiyayithanda kakhulu indlela ocabanga ngayo’. Ngambuza ukuthi uqonde ukuthini ngoba wayengashongo ukuthi uthanda indlela engibhala ngayo. Wathi ‘Indlela othunga ngayo amagama, inobuciko’, ngabambelela kulokho.
“Ngiyathanda nokuqhakambisa ukuthi uthisha unamandla angakanani, angakusiza uzazi. Indlela angithinta ngayo, ngaze ngaqamba izibulo lami ngegama lakhe; uTapiwa ngimqambe ngaye,” kulanda uNkk uGondwe-Xaba.
Wagcina enze iziqu i-BA Humanities egxile kwi-English Linguistics ne- English Literature eNational University of Lesotho ngoba wayesefisa ukusebenzela izinkampani ezishicilela izincwadi azihluze. Nokho kwathi eseqedile, akangawuthola umsebenzi. Kwaze kwasiza omunye umngani kanina owamtshela ngomsebenzi wokuba yi-copywriter, into ayeqala ukuzwa ngayo.
Ngaphambi kokuyofuna lowo msebenzi wazicija ngolwazi oluthe xaxa wabhalisela i-Postgraduate Diploma in Advertising e-AAA School of Advertising egxile kwi-copywriting nokwaba wukungena kwakhe emkhakheni wokukhangisa.
Yize esephinde wabuyela kwezokukhangisa kodwa amava akhe awapheleli kule mboni. Uke waba yintatheli, wasungula futhi waphatha amaphephabhuku kanti uke waba nawumhleli omkhulu ephethe amaphephandaba. Wasungula iphephabhuku i-Design Indaba.
Uthi: “Ngangifuna ukuveza iqhaza esilibambile kwezobuciko singabantu base-Afrika. Yayihlale ingicasula indaba yokucabanga ukuthi asifakanga sandla singabantu base-Afrika (kwezobuciko); inhloso kwakuwuveza okuhle ngathi.”
Umqondo waleli phephabhuku wawususela embukisweni wobuciko, i-Design Indaba, owasungulwa wuMnu uRavi Naidoo. Eminye imisebenzi aziwa ngayo uNkk uGondwe-Xaba ukuba wumhleli wokuqala wephaphabhuku lempunyela nomethuli wezinhlelo waseMelika u-Oprah Winfrey, i-O Magazine.
“Kwakumnandi kakhulu kanti u-Oprah uyilo muntu omangalisayo ngisho usebenza naye. Yithuba leli engalithola ngenxa yomuntu ongicathulisayo futhi uma sengimdala ngifisa ukufana naye, (uNks) uJane Raphaely. Usikhombisile ukuthi ukhula kanjani emsebenzini, uhola kanjani ungowesifazane owaziyo umsebenzi, ozimiselayo futhi ozihluphayo ngokufunda ukuze ube nolwazi. Ungikhombise nokuthi kusho ukuthini ukuba nozwelo, ungikhathalele mina uqobo futhi iyona indlela angizuza ngayo.”
Lokhu kuncela kuNks uRaphaely yikhona okwenza abe wumholi okholelwa ekubeni nozwelo, yikona okumqoka bese kulandela ukuthi umsebenzi uwazi .
Uthi: “Uma uqala ngokuba nozwelo kwenza abantu bakuthembe. Ukuthi abantu umsebenzi bazowazi, akufuniselwa kodwa kufanele ukhumbule ukuthi awusebenzi nemishini, usebenza nabantu. Indlela ophilisana ngayo nabantu iyona ekuphumelelisayo.
“Yilezo zinto ezingisebenzelayo. Yonke indawo lapho ngake ngasebenza khona ngisengaphindela. Akukho lapho ngihamba ngonile khona. Loko akusho ukuthi ngiyithofi, ngiyazikhulumela futhi kwesinye isikhathi loko akwehli kahle kodwa uma nithembana kuyasiza.”
UNkk uGondwe-Xaba udabuka eMalawi, lapho akhulela khona ngaphambi kokuthuthela eNingizimu Afrika ngenkathi unina eyoqala ukusebenza e-University of Cape Town.
Wake wasungula i-The Deal, iphephabhuku elikhuluma ngentsha evelele. Nokho lawa emva konyaka ngenxa yokungabi nayo imali yokuqhuba izindleko zayo. Wakhokha umoya ngenhlangano engenzi inzuzo ayeyiphethe nonina abayisebenzisa ukunikela ngezincwadi zasemanyuvesi zenani likaR3.8 million.
Emva kwaloko waphindela eMalawi wayoba wumhleli omkhulu weThe Nation Group, lapho ayephethe khona amaphephandaba amane iminyaka emine.
Enye yezinto aziqhenya ngayo akwenza kulo msebenzi njengoba ethi wethula umthetho wokuthi izintatheli zizihluphe ngokuthola futhi zicaphune ongoti besifazane kuyo yonke imikhakha, into athi isaqhubeka nanamhlanje.
Ekhuluma ngezinhlelo zakhe zokuba yi-managing director eThe Hardy Boys, uNkk Gondwe-Xaba uthi isifiso sakhe esikhulu wukuthi angawucekeli phansi umsebenzi osuwenziwe wokukhulisa le nkampani eneminyaka ewu-29 ikhona.
“Ngizimisele nokuqhakambisa ithalente elikhona lapha enkampanini. Kufanele uma likhula ibhizinisi, nabantu bazibone bekhula. Ngifisa nokukhulisa isibalo sabantu abaxubile ngayo yonke indlela, ngokweminyaka, ubulili, izilimi, imfundo nobuhlanga.”
Uthi ubuhle nokuba nozwelo kwamabhizinisi kubonakele ngesikhathi izwe livaliwe njengoba abantu babenakekelana futhi bezama konke okusemandleni ukuthi abantu bangaphelelwa yimisebenzi.
Nokho uthi usemkhulu umsebenzi okusafanele wenziwe yizinkampani ukuthuthukisa intsha nokuyivulela amathuba emisebenzi.
Wake wasebenzela inkampani yethelevishini iViacom, ephethe ezokukhangisa nezokuxhumana.
Okunye ngaye:
- Ugane uMnu uReggi Xaba, usomabhizinisi okhiqiza izicathulo iFele;
- Banabantwana abathathu, uTapiwa, uKulunga noZakithi;
- Uyazifela ngebhodwe futhi ukhonze ukupheka ukudla okuningi;
- Ezinye zezincwadi azikhonzile yi-Things Fall Apart kaChinua Achebe, i-The Four Agreements kaDon Miguel Ruiz neThe Bluest Eye kaToni Morrison.
- Umculi amthanda kunabo bonke wuMichael Jackson kanti uthi uze alwe nabantu ezinkundleni zokuxhumana uma bemgxeka;
- Uwumlandeli we-Orlando Pirates.

