Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNduduzo Cebekhulu, umsakazi weTheku FM, owezinkulumo ezikuthazayo, umhlaziyi wezemidlalo nomphathi wohlelo emicimbini
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngenxa yokuthi isimo sempilo sasingesihle ekhaya.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngaqala ngo-2008, ngayivula eCapitec.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngafunda ukuthi imali iyasetshenzelwa futhi iyongiwa ngoba ayizi kalula.
Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngiqale ngo-2012, ngihola uR2 800 ngenyanga.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathenga ngawo ukudla, izinto ezazidingeka ekhaya nezimpahla ezimbalwa zokugqoka.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukulekelela ukushintsha isimo sasekhaya, ngabeka enye engisize
sengiganwa.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukusebenzisa imali ezintweni ezingenasidingo.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kubalulekile ukonga nokuphatha kahle imali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingawusebenzisa ukufukula umndeni wami, ikakhulukazi umkami nendodana yethu.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi abazejwayeze ukubeka imali nokuyitshala ezindaweni ezihlukene ukuze ibasebenzele (ngomuso).
