Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNtokozo Mthethwa, umculi we-deep house. Ugqame ngokwenza izingoma ezingama-cover nangengoma yakhe ethi Girl in The Mirror kanti useke wasebenzisana namaciko okubalwa kuwo uTsoro Mavuso, uKazo on Keys noDJ Mike C wasePortugal 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ekhaya sasiphiwa kanye imali yokuphatha esikoleni inyanga yonke.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngiqale sengiqede umatikuletsheni.  Ngayivula eNedbank. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhumbula ukuthi ekhaya safundiswa ukuhlela indlela esisebenzisa imali  ngayo ngoba sikhule siyinikwa kanye ngenyanga. 

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngo-2017, ngihola uR7 000.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ngawo iselula engangiyithanda ngaleso sikhathi. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukwenza i-studio esincane sokuqopha umculo lapho engihlala khona ukugwema ukukhokha imali uma ngifuna ukuqopha umculo. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Elokuqala wukwenza ikhadi lasejimini ngiseseyisisthudeni. Kwagcina kunginika inkinga ukulikhokhela. Okwesibili, wukuvula ikhadi lokuthenga izimpahla zokugqoka ngesikweletu.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena ebhanoyini?

Cha, angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kumele ugweme ukuthenga izimpahla ngesikweletu. 

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathatha leyo mali ngiyitshale ekukhuliseni ubuciko bami bezomculo, osekuyisikhathi ngisebenza kanzima ukufika ezingeni engifisa ukufika kulona ngabo.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abazame ezinye izindlela zokwenza imali ukwenzela ukuthi impilo ingabi nzima uma ubuciko babo bungakabakhokheli.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page