Sebenabele ebhizinisi lokudla abaqale kancane bengaqondile. Omunye wabo uxoxe noKUHLEKONKE DLADLA
BASE bekhathele ukuhlale beya ezitolo ezidayisa ukudla okusheshayo uma behlabe ikhefu emsebenzini, yingakho banquma ukuvula isitolo sokudla esiyi-food truck, kodwa esesikhule sagcina siyi-café.
UNkk uKhanya Ngwenya nomyeni wakhe uMnu uZamani Ngwenya bavule iLove & Light Café ngoba bebona kwanda isibalo samakhasimende abethenga kwi-food truck yabo ebipaka ngaphandle kwamahhovisi omsakazo, iSABC e-Auckland Park, eGoli, eGauteng.
Ngesikhathi abakwaNgwenya besanda kuyiqala i-café basebenzela ekhaya ngaphambi kokuthenga i-food truck. Banenye inkampani iCroc Media.
Ukudayisa ukudla okuphekwe ekhaya kubasebenzele. Sebene-café enxanxatheleni yezitolo iCampus Square eMelville naseWits University.
UNkk uNgwenya uthe ziningi izinselelo ababhekane nazo ukuze baqinisekise ukuthi ibhizinisi labo liyaphumelela.
Uthi: “Izinselelo zokuqala kwakungezithinta umthetho ngoba kunemidanti eminingi ethinta ukuba nebhizinisi lokudla.”

Lena yimithetho ethinta ukuba nezitifiketi zokulungiselela ukuqubuka komlilo, ezempilo nokuphepha.
“Kukhona nezinselelo ezijwayelekile ezihambisana nokuqasha ithimba elifanele, ukuqinisekisa ukuthi unokudla okwanele nokuthi ukudla kubiza amanani afanele ukuze ungalahlekelwa,” kwengeza yena.
UNkk uNgwenya uthe leli bhizinisi lokudla lihambisana nothando nokuxhumana nabantu, okuyiyonanto uNkk uNgwenya ayithanda kakhulu.
“Ngeke wazi ukuthi ubani ozomdayisela. Sesihlangane nabantu esasibukela kubo sikhula njengoBaba uZakes Mda. Sesihlangane nabantu esibahloniphayo, abanye esibazela kwithelevishini, asebeke bafika bazodla kithina. Kuningi futhi okunye okwenzekile obekuqala ngathi.”
UNkk uNgwenya ubehleka ekhumbula ngesikhathi omunye wabafundi wayelungiselela ukukhipha athandana nanye okokuqala ngqa kanti wamcela ukuthi amenzele into ecokeme ngoR200.

Uthi uma uqala ibhizinisi elincane udinga uthando, ukuzimisela nokuzitshela ukuthi ayikho into ongeke ukwazi ukuyenza. Uthe isimo somnotho senza kube lukhuni ukuba nebhizinisi. “Kunzima kakhulu ukuba nebhizinisi elincane kodwa kuyenzeka.”
Basaqhubeka nokudayisela nakwi-food truck njengoba ihamba idayisa nasemicimbini efana neyebhola neyomculo. Basezinhlelweni zokuvula enye i-café KwaZulu-Natali.
Facebook: Love and Light Café
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

