I-McDonald’s iphucula izimpilo zabafundi eThekwini. INTATHELI YOMBELE iyabika
KUFANELE abantwana balekelelwe ukulungiselela ikusasa labo kanti enye yezindlela zokukwenza loko wukubacija ngamakhono okusebenzisa amakhompyutha kwazise nesikhathi okuphilwa kusona sisebenzisa ubuchwepheshe kakhulu.
Usho kanje uMnu uSiyabonga Khumalo weDhans Group, eyengamele izitolo zakwaMcDonald’s KwaZulu-Natali. Ufundisa izingane zamabanga aphansi ukusebenzisa amakhompyutha ngohlelo i-Computer Hub, uhlelo le nkampani elusebenzisayo ukunikela emphakathini. I-Computer Hub yikilasi eliwumahambanendlwana uKhumalo ahambe efundisa ezikoleni ngalo.

UKhumalo uthe: “I-Dhans Group eyangamele izitolo zeMcDonald’s eKZN yethula lolu hlelo ngo-2019 kodwa iCOVID-19 yaphazamisa, lase lithi ukumiswa kancane. Siqale eNanda eSekusile Primary ngo-2022 lapho ngifundise khona izingane eziwu-141, kwathi eziwu-107 zathola izitifiketi. Kulo nyaka sisePioneer Primary ePhoenix kanti khona ngifundisa izingane eziwu-147.”
I-McDonald’s ikhokhele lolu hlelo imali ecela kuR500 000 kanti isebenzisana nomNyango wezeMfundo. Ngale kwekilasi leli eliwumahambanendlwana, kukhona nama-laptop awu-32.

“Ukusebenza nezingane nokusebenzela umphakathi yinto engiyikhonzile. Siyinkampani, sifisa ukushintsha izinto emphakathini kanti enye yezindlela esifisa ukubonga ngayo emphakathini ngokuseseka. Isikole esisebenzela kusona siba yingxenye yaso kanti othisha bayaseseka kakhulu.
“Kuyasithokozisa kakhulu ukubona abantwana kuyibona abanentshisekelo yokuzofunda futhi enye yezindlela esibona ngayo ukuthi lolu hlelo luyimpumelelo,” kusho yena.
UKhumalo uthe isifiso sabo wukwandisa amakilasi ukuze bafinyelele emiphakathini ehlukene esifundazweni sonke.
- Lolu wudaba olukhokhelwe yiMcDonald’s