Bandile abantu abasebenzayo, kusho izibalo
ISIBALO sabantu abaqashiwe sinyuke ngo-0.4% noma ngo-39 000 ngekota yesibili yango-2023, safinyelela ku-10 078 000.
Izibalo ezishicilelwe iStatistics South Africa zithi Izimboni imisebenzi enyuke kuzo eye-community services, business services, izimayini nekagesi. Izimboni ezinciphile eyokukhiqiza, eyezokuthutha, eyokuhweba neyezokwakha.
Isibalo sabantu abaqashwe ngokugcwele sehle ngo-25 000 ngale kota, kwathi esabayitoho sakhuphuka ngo-64 000. Imiholo inyuke ngo-0.4% noma ngoR3.6 billion ngekota yesibili yafinyelela kuR832.4bn.
- Kucashunwe kwiStatistics South Africa