IBHANGE loMbuso aliyishintshanga imalimboleko, okusho ukuthi isazoqhubeka ime ku-8.25% ngonyaka kanti imali amabhange aboleka amakhasimende awo ngayo izoqhubeka ime ku-11.75%.

Umphathi weBhange loMbuso uMnu uLesetja Kganyago uthe ukukhuphuka kokwehla amandla emali, phecelezi i-inflation, kubuyele lapho kufanele kube khona ngoJuni futhi kubhekwe ukuthi kubuyele phakathi nendawo ngekota yesithathu ngo-2025.

NGOLWESINE iBhange loMbuso lizomemezela isinqumo esisha ngemalimboleko kanti osomnotho abaningi babheke ukuthi izonyuswa okokugcina kuleli sonto njengoba sekulindelwe ukuthi iqale yehle emhlanganweni olandelayo. 

Kusukela ngoNovemba wango-2021 iBhange loMbuso belilokhu linyusa imalimboleko, okuyiyona ndlela eliyisebenzisa kakhulu ukunqanda ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali.  Osomnotho baseFNB bathe balindele ukuthi imalimboleko inyuke ngo-25 basis points kuleli sonto.  Isinqumo … Read More

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page