Ubewusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane

UNKSZ uSenamile Masango, obesanda kuqokwa wumengameli uMnu uCyril Ramaphosa ukuthi abeyilungu leHuman Resource Development Council, akasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-37.

‘UMboweni ufukule umnotho waseNingizimu Afrika’ 

UZOKHUNJULWA ngokuba ngomunye wabaholi ababenesandla esikhulu ekusimamiseni umnotho waseNingizimu, izinhlaka zawo nokubambelela ezimisweni zokukhulula abantu abamnyama uMnu uTito Mboweni, ongasekho emhlabeni. Ubeneminyaka ewu-65.

Ugalagala lokuphatha ezemidlalo luphila ubizo

NGO-1976, unyaka abafundi baseSoweto abavuka umbhejazane ngawo, okwaholela ekukhwezeleni umzabalazo wabantu abamnyama eNingizimu Afrika ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo yohulumeni wobandlululo, wayemthuqasi elusa izinkomo ngenkathi ontanga yakhe besesikoleni

Uwunjiniyela ongenqeni ukwenza ushintsho umphathi weGautrain 

WUSLINDILE KHANYILE UKUKHONZILE ukuguqula izinto ezinkampanini kanti lapho ekhona, usenze izinguquko kathathu. Njengoba esanda kukhushelelwa esikhundleni esisha, usephezu kwezinguquko zesine, athi mancane amathuba okuthi zingezokugcina.   UMnu uTshepo Kgobe uyisikhulu esiphezulu … Read More

Ukunconywa wuthisha esemncane kwamholela emkhakheni wokubhala owujikelele kwezokukhangisa, ukushicilela nobuntatheli. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

OMUNYE wothisha ababemfundisa isiNgisi esikoleni samabanga aphezulu wancoma indlela abhala nacabanga ngayo. Loko kwamvula amehlo wazibona ukuthi kanti kukhona into enhle akwazi ukuyenza.

Inkulu imfihlo yomnotho elele kwimifelandawonye, kusho osesungule ibhange lalolu hlobo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

ININGIZIMU Afrika kufanele ishintshe indlela ebuka ngayo izinhlangano eziyimifelandawonye ukuze ifukule umnotho futhi ikhulise osomabhizinisi abanamabhizinisi angabhalisiwe.

Uyisishoshovu sezifo zabesifazane owayehlushwa wukubona befika esibhedlela sebesokhukhweni lokufa. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAPHATHEKANGA kahle ngelinye ilanga esamncane esikhungweni sezempilo kade egula. Wanquma ngaleso sikhathi ukuthi uzoba wudokotela oyophatha kahle iziguli. Kwaqondana nokuthi vele uyaziphuzela kwisayensi nezibalo. 

Onohlanga lokukhanda nowaqala ukusebenza emkhakheni wezinhlangano ezingenzi nzuzo ezithuthukisa umphakathi uyivulandlela emkhakheni wokulandela izimoto ngobuchwepheshe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

“LOKU okubona ungaphandle ngale mboni kuyiko. Kukhonya izinkampani ezimbalwa; zingezezinye izinhlanga, zingamadlandawonye, zisebenzisana nemishwalense eyodwa. Kunzima uma ungeyena omunye wazo.”

Usebenzisa ulwazi nesipiliyoni sobuchwepheshe ukufukula abasemalokishini nasezindaweni zasemakhaya. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

AKAZIHLUPHI ngemisebenzi athi uma eyibheka abone ukuthi awukho umehluko azowenza emphakathini ikakhulukazi ukuphucula impilo yabantu abampofu. Uthi kumqoka kuye ukuthi ethi ebangenisela abanikazi benkampani imali kodwa nempilo yabantu ibe ngcono.

Ngempelasonto kungcwatshwe umsunguli weKaMavuso Group, ingwazi yentatheli, umlobi neciko. Ngonyaka odlule waxoxa noMbele ngohambo lwakhe. Namhlanje siphinda sishicilela ingxoxo yakhe ukumkhumbula. UZIMBILI MAZIBUKO waxoxa naye

UTHANDO ngomlando wabantu base-Afrika nobuciko sekumvulele iminyango eminingi namathuba ebhizinisi umbhali, usomabhizinisi nentatheli esimnkantshubomvu.

Unoxhaxha lwezitifiketi emikhakheni eminingi osekhaleni lokuguqula indlela ezobuciko ezibukwa ngayo. Uxoxe noLANGA KHANYILE

EFUNDA uMatikuletsheni wayazi kahle kamhlophe ukuthi akufuni ukuba wuthisha ngenxa yokuthi wayezalwa wothisha futhi ezalwa nabo. Nakuba ayazi ukuthi ufuna ukusebenza kwandabazabantu, ngenxa yokubukela kubaba wakwamakhelwane owayenomuzi omuhle futhi eshintsha ubutsetse bezimoto, kodwa wagcina ewubuthisha.

Kwamsiza ukuba nabamcathulisayo osekhulise enye yezinkampani ezihlonishwayo kwezokukhangisa nokuxhumana. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUYASIZA ukukwazi ukwenza umsebenzi ibhizinisi lakho eligxile kuwona. Kepha okumqoka kakhulu wukuba nendlela yokwenza umsebenzi ehlelekile, ukusebenza nabantu abafanele nokulungiselela nokuhambisana nokukhula kwenkampani. Ukungazenzi lezi zinto kungasho ukuwa kwenkampani ngoba isikhathi esiningi ebhizinisini sidliwa ngeminye imisebenzi eyinsika ekuhambeni kwezinto ngohlelo.

Ungoti wezemfundo nobuchwepheshe uthi intsha iyinsika ekukhuleni kwe-Afrika, inqobo nje uma izokwesekwa ngezindlela ezifanele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

I-AFRIKA inabantu abaningi abasebancane nabasengakwazi ukusebenza. Loku yiyonanto eyenza ihluke futhi engadlisela ngayo ogageni amanye amazwekazi.

Uzinikele ukuthuthukisa ulwazi ngokwenzeka emkhathini ukuphucula impilo yabantu emhlabeni. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUSEBENZA ngama-satellite nokwenzeka emkhathini yizinto ezingabukeka ziqhelelene nabantu kodwa empeleni kuningi okungama emhlabeni uma kungathiwa lezi zinto azisebenzi. Ukuziqonda kuyasiza futhi kugwema izibhicingo emhlabeni.

Owakhuliswa ngabazali abesebenza emphakathini uhamba ezinyathelweni zabo futhi ufeza iphupho lakhe nelewele lakhe eselenda. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kweminyaka esebenza emkhakheni wamabhange, ukusebenzela izikhondlakhondla zamabhange amabili eNingizimu Afrika, ukudla umhlanganiso ngemiklomelo emikhulu namathuba okusebenza embonini ezimele umakadebona emkhakheni wamabhange usegxile obizweni lwakhe – ukuletha ithemba lapho amathuba eyivelakancane khona.

Uwusosayensi ofuna izisombululo ezintsha nonentshisekelo yokufukula abantu besifazane kulo mkhakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

WAZI eneminyaka ewu-11 ukuthi angathanda ukuba wumuntu wesifazane wokuqala e-Afrika ukuya emkhathini kanti nakuba kungakenzeki kodwa ziloku zivelile izimpawu zokuthi yiphupho elizogcina lifezekile.

Uthisha onentshisekelo yokukhulula ingane yomdabu, isiboshwa sepolitiki, isisebenzi somphakathi nebandla, isifundiswa nosomabhizinisi ufafaza ivangeli lokuzimela. Uxoxe noLANGA KHANYILE

NGEMVA kwango-1994 uhulumeni wobandlululo usugobe uphondo ekucindezeleni abantu bomdabu e-Afrika, umuntu esenevoti eNingizimu Africa, kunohlobo losomabhizinisi olwaqubuka – amaRupert amnyama.

Ukhuthazwe ‘yizinhlupheko’ zakhe ozibophezele ekuthuthukiseni ezempilo eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUFEZEKE iphupho leminyaka eqokwa njengomphathi wesibhedlela esigxile ekulapheni abantwana ikakhulukazi abanezifo ezingajwayelekile. Loku kuhambisana nesifiso ayezibekele sona ngesikhathi esaqeqeshelwa ukuba wudokotela, nayezibekele ukuthi ufisa ukusifeza emva kweminyaka ewu-15.

Uhola elinye lamahhovisi amqoka ekusebenzeni ukuze intando yabantu ithele izithelo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalo msebenzi nangokukhula kwakhe

ENEMINYAKA ewu-11 walulazwa wuthishomkhulu wesikole esixube izinhlanga ayesanda kufika kusona ngoba ephase ngamalengiso umsebenzi wesiNgisi. Uthishanhloko wacikwa wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi ephuma esikoleni esiselokishini kodwa afike aqwaqwade izingane zabelungu emakhanda.

Owangena embonini yokuphatha izindawo zokudla zekhethelo engaqondile usewuqweqwe njengoba manje ephethe eyomhlaba jikelele. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WANGENA embonini yezokudla neziphuzo eyitoho ngoba enzela ukuthuthukisa ulwazi lwakhe ukuze angagcini ngayeluthola esikoleni, lapho ayeqeqeshelwa khona umkhakha wokudayisa nokukhangisa, kanti akabuzanga elangeni ukuthi uzogajwa wuthando lwale mboni. Wagcina ehlala unomphelo kuyo.

Ugila izimanga ekuphatheni nasekuthuthukiseni imisakazo owagajwa wuthando lewayilense ngenxa yokulalela ‘is’tori’ noninakhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

NJENGASEMIZINI eminingi ngaleso sikhathi, ukhule kubo kulalelwa imidlalo yomoya emsakazweni uRadio Zulu, osubizwa ngoKhozi FM. Kuthe eseqeqeshelwa umsebenzi ekolishi wejwayela iMetro FM ayeyilalela imini nobusuku njengoba wayengawuvali umsakazo nasebusuku.

Kukhala isicathulo sembokodo kwesinye seziqiwi ezinkulu ezweni emkhakheni abantu besifazane abayivelakancane kuwona. Umphathi wesiqiwu uxoxe noLUCAS LEDWABA

KWATHI ngobunye ubusuku behamba beqapha isimo eKruger National Park njengenjwayelo, yena nabalingani bakhe bazithela phezu komhlambi wezindlovu zikhwelana.

Uthembele endleleni akhule ngayo ukuguqula izinto enhlanganweni aseyiphethe okumapeketwane izinto kuyona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UHOLA impilo yakhe nezindawo aziphathayo ngemigomo emithathu – ukwenza okufanele, yiqiniso nokuhlonipha umthetho. Yile migomo athembele kuyo njengoba esanda kuthatha izintambo njengesikhulu essiphezulu seDurban and Coastal Mental Health (iDCMH).

Wenza ezibukwayo ekuphatheni ezikoleni ezizimele owangena ebuthisheni engaqondile. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMA abantu abamnyama bengasebenzi kulezi zindawo abangalindelekile kuzona ukuze bakhombise ukuthi ukwazi umsebenzi akuyi ngobuhlanga kusho ukuthi nabo bazobhebhezela inkoleloze ethi abantu abamnyama uyabahlula umsebenzi.

Ngesonto elidlule obeyisikhulu esiphezulu eTelkom uthe khumu esikhundleni, wedlulisa izintambo kuMnu uSerame Taukobong. Unconywa ngapha nangapha ngamagalelo akhe kule nkampani kahulumeni yezokuxhumana. Ngezinye zezinto azenzile, sichicilela kabusha ingxoxo aba nayo noMbele ngo-2020. Waxoxa noSLINDLILE KHANYILE

UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.

Kusegazini ukulwela abantu abamnnyama kosanda kuthatha izintambo kwi-ABASA. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKHOKHO wakhe ngelinye lamaqhawe ahlonishwayo eNingizimu Afrika ngokulwela isithunzi nengcebo yomuntu omnyama. Inkosi uJongumsobomvu Maqoma nowagcina efele ejele eRobben Island, lapho wayengomunye wabantu ababehamba phambili belwela ukuthi abantu abamnyama bangaphucwa umhlaba wabo.

Wakhuthazwa wukudilizwa ogubha iminyaka ewu-20 asungula inkampani esidlondlobele embonini yamakhemikhali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWABANYE abantu kuduma ikhanda uma umuntu ediliziwe emsebenzini ngoba usuke ethatha ebeka ukuthi uzokwenzenjani esephelelwe wumsebenzi. Nokho bakhona abasheshe babone ukuthi ukuvaleka komnyango kusho ukuvuleka komunye.

Uneminyaka eyivile kwengu-20 angena embonini yezakhiwo oke waphatha nasezinkampanini ezinkulu, njengokusho kukayise. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMLOMO uyadala. Sisho njalo isiZulu. Kube njalo empilweni kasomabhizinisi osemnkantshubomvu emkhakheni wezakhiwo, ugesi namanzi. Ekhula uyise wayehlale ethi kumele afundele umsebenzi ophathelene nokuphatha amabhizinisi khona ezokhombisa abantu bezinkampani ezinkulu ukuthi ibhizinisi liphathwa kanjani.

Usedlondlobele owemikhiqizo yesikhumba nokwelapha engaxutshwe namakhemikhali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ESANDA kuqala ukuzisebenza wayethula izinkulumo mahhala emicimbini, emsakazweni, ebhalela amaphephandaba ngoba enzela ukukhangisa umsebenzi wakhe. Esinye sezihloko asidingida kuKhozi FM savula iminyango emholele ukuthi asebenzisane namanye amazwe e-Afrika.

Owafundela omunye umkhakha unobizo lokukhiqiza osomabhizinisi. Manje usengene shi ekusunguleni izikole ezizimele ezicija ingane ikwazi ukubhekana nezinselelo zesikhathi esiphila kusona. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

“INGANE ephume kimina nginesiqiniseko sokuthi ngeke ihlale ekhaya iswele umsebenzi ngoba ifundiswe ukucabanga ngendlela ethize, ifundiswe ukuqala ibhizinisi, ifundiswe ukuphatha ibhizinisi, ifundiswe ukuthi izimele. Ingahlala izinyanga ezimbalwa ingasebenzi kodwa ngeke ihlale isikhathi eside ngoba izobe imatasa icabanga, ihlanganisa uhlaka lwebhizinisi ezolenza nako konke ekudingayo ukuze iphumelele empilweni. Uma iqashwa kuhle (simbonge) uNkulunkulu kodwa uma kungenzeki ngeke ihlale ekhaya ngoba (izingane) sizifundise ukuthi zicabange.”

Usewuqweqwe lukasomabhizinisi owaqala ngokusebenza esitolo sikayisemkhulu. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ABAHOLI bezinkampani bangesabi ukuvulela izisebenzi isifuba futhi baveze obala yonke into uma kusuke kunezinselelo ngoba isikhathi esiningi yiyona ndlela yokuthi bathole amaqhinga amasha. Loku kuyasiza nangokuthi izisebenzi zibathembe futhi zisebenzisane nabo ekutholeni izixazululo zenkinga esuke ikhona ngaleso sikhathi.

Kwezemfundo ukhona, kwezomculo nangu, kwezamasiko nezobugugu wuye, kwezamabhizinisi ukhona nakwezikamoya ukhona. Lo makadebona ulandise uLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

UMCULO. Kuko konke akwenzile umculo uyinsika. Namuhla uyayikazela ngamajazi emfundo njengoba eneziqu zobudokotela ezine. Kumanje usekhathule indima enkulu kwezinye iziqu zobudokotela.

Owenza ezibukwayo emkhakheni wokuphatha imali uthi akuqhakanjiswe izindaba zabamnyama abavelele ukukhuthaza izingane. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

IZINKINGA ezinqala ezikhungethe iNingizimu Afrika, okuwububha, ukuntuleka kwemisebenzi nokungalingani, zingaxazululeka kalula uma wonke umuntu engazibophezela ekwenzeni umehluko lapho ekhona.

Isuke igcagcele esokeni kuyena uma kunezinselelo ngoba uwumholi ongatatazeliswa wubunzima. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UKUZAMA ukujwayela ushintsho olulethwe yiCOVID-19 endleleni okuphilwa ngayo nokusetshenzwa ngayo yinto ezume wonke umuntu engalindele. Kukhona nokuyimanje abasazama ukulujwayela. Awucabange-ke ukuthi lolu shintsho lunjani uma usanda kuthatha izintambo enkampanini entsha?

Ukhuliswe yinto engathathwa njengemqoka ekuphatheni amabhizinisi olawula enye yezinkampani zabesifazane ezinkulu eNingizimu Afrika. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISELULEKO asinikwa wuthisha wasenyuvesi esamkhuthaza ukuthi angazishintshi into ayiyona okungukuba wumuntu olungile futhi ozothile yisona asisebenzisa ukuthi akhule emkhakheni wokwelapha abantu ngomphefumulo nangengqondo, i-psychology.

Kukho konke akwenzayo ugqugquzelwa wukuletha uguquko ezinhlakeni zomnotho njengoba ethi umthetho weBEE uyabatotosa labo okumele badedele amatomu omnotho. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngeBEE, ubuholi nokunye

ESEPHOTHULE umatikuletsheni wathola itoho lokuba wumabhalane nelokuba wuthisha ukuze ezoqongelela imali yokuya enyuvesi. Kubangani bakhe abase bevele besenyuvesi kukhona ababemxoxela ngendlela i-Accounting elikhuni ngayo futhi babethi akekho ophothula iziqu zakhona ngesikhathi esibekiwe okuyiminyaka emithathu.

Lolu qweqwe lukasomabhizinisi lufakazela isisho esithi ubudoda abukhulelwa. Nakuba esemncane kodwa uwumakadebona emkhakheni wamabhizinisini. Uxoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

KUNEZINTO ezimbalwa eziqapheleka ngesikhulu esiphezulu senkampani egxile kumshwalense nezemfundo. Okokuqala wukuthi ibhizinisi lisegazini kuye. Okwesibili wukuthi unothando lwento ayenzayo. Okwesithathu, nokumqoka, wukuthi uyivulandlela endleleni yokuphatha ibhizinisi, phecelezi i-innovator. Okokugcina wukuthi uyakholelwa emandleni abantu abamnyama ebhizinisini.

Uwumakadebona emabhizinisini njengoba esesungule amabhizinisi emikhakheni ehlukene. Manje usesabalalele kwezokuvakasha. Uxoxe noZIMBILI MAZIBUKO ngohambo lwakhe

ESAQASHIWE wayesebenzela isikhondlakhondla esikhiqiza izimpahla ezinhlobonhlobo ezisetshenziswa ngabathengi, i-Unilever. Kodwa nangaleso sikhathi wayazi ukuthi ngelinye ilanga uyophuma ayozimela ngoba uthando lokuzisebenza lwaqala esemncane.

Ukubona unina ehluphekela ukuthola incwadi yolimi lwebele angayifunda kwamkhuthaza ukuthi kungabi yiBhayibheli nezincwadi zesikole kuphela okubhalwe ngolimi lwakhe. Uxoxe noLUCAS LEDWABA ngohambo lwakhe

UMLOBI, umsunguli wephephandaba nesishabasheki sezilimi zomdabu sikholwa wukuthi nakuba ubandlululo lwaluyinto embi kodwa lwalunakho okubili okuthathu okuhle.

Usesebenze ezimbonini ezihlukene kanti konke lapho edlule khona siyabonakala isandla sakhe. Manje la magalelo adume ngawo sekubhekwe ukuthi awasebenzise ukulekelela uMasipala waseThekwini uxhumane kangcono nezakhamuzi. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

UMHOLI ukwazi ukuzuza izinto ezinhle nezinkulu uma enobudlelwano obuhle nabambisene nabo ngoba akuyena ngqo owenza umsebenzi kodwa yilabo abasuke bengaphansi kwakhe. Ngakho kumqoka ukuba nobudlelwano obuhle nobaholayo, ukwazi abakulindele kuwena futhi ukuhloniphe kanti nezwi lakho ulisebenzise.

Uthando lokuxoxa izindaba, ubhuti wendawo, uthando lokufunda, ukuthatha amathuba nokwazisa umsebenzi kulibeke esicongweni namuhla iciko eselingesinye sezikhulu zeMarket Theatre. Lixoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwalo

“ISHASHALAZI alimnyama noma mhlophe. Ishashalazi limnandi noma limbi. Akunandaba ukuthi lenziwe wubani. Okumqoka wukuthi lenziwe kanjani.”

Umsebenzi abizelwe kuwona unezinselelo futhi uyasinda emphefumulweni kodwa ukwazi ukuthi usiza umphakathi kuyamgqugquzela ophethe iHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ENONYAKA ethathe izintambo zokuba wumphathi eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uFuthi Mhlongo waphoqeleka ukuthi ahoxise ithimba labacwaningimabhuku ababecwaninga uMasipala waseThekwini ngoba esabela ukuphepha kwalo emva kokuthi lisatshisiwe.

Ukuxakwa yizindlela zezinkampani ezinkulu nezazinqinda nenkolo yakhe kwamgqugquzela ukuthi asungule inkampani yakhe, okungenye yezinkulu kwezabantu abamnyama ezicwaninga amabhuku futhi ziluleke ngemisebenzi yobunjiniyela nezokwakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUNEZINTO ezimbili uMnu uZakhele Mkhize, umsunguli we-Entsika Consulting, azifunda ekhuleni kwakhe asabambelele kuzona nanamhlanje. Okokuqala wukuthi zimisele emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi ungakhathazeki ngekusasa. Okwesibili wukuthi ungasabi ukucela usizo futhi nawe uselule isandla uma omunye umuntu edinga usizo ngoba yiyona ndlela yokwakha ubudlelwano nabantu.

Ungomunye wabaholi bamabhizinisi abahlonishwayo eNingizimu Afrika njengoba ehlale elwela abantu abamnyama nabesifazane. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngokungaxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi nokunye

NGENKATHI enza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, kwathi ngelinye ilanga esendleni elalele umsakazo wezwa umuntu omnyama ekhuluma, wachazeka yindlela ayeyibeka ngayo indaba yakhe nendlela ayekhipha ngayo isiNgisi ngamakhala.

Kwezesayensi uyashelela, kwezobuciko nobugugu uyashibilika, kwezokuvakasha uyazintwezela. Lo makadebona emikhakheni ehlukene ulandise uLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

NGEMVA kokuphasa umatikuletsheni kwenye yama-boarding school aziwa ngokukhiqiza ubisi lwabafundi wayefisa ukuba wudokotela, nokho wagcina engalifakanga ijazi elimhlophe. Noma agcina engeyena udokotela owelapha iziguli kodwa namhlanje uwudokotela – udokotela ngokwemfundo.

Imisebenzi eyayithathwa njengehloniphekile ebantwini abamnyama wayeyisabisa okwegazi esakhula. Nokuhlupheka wayekusabisa okwenyoka. Namuhla usebe yisikhulu ezinkampanini ezinkulu ezihlukene. Ulandise uSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

WAYENGAZI ukuthi ufuna ukwenza muphi umsebenzi ngenkathi ekhula kodwa ayekwazi kahle yizinto ezine ayengafuni ukuba yizona. Uthi wayengakufuni ukuhlupheka, ukuba wumhlengikazi, uthisha nephoyisa.

Zonke izinsuku yena nethimba aliholayo bafana noDavide ebhekene noGoliyathi njengoba belwa nezinkampani ezinkulu ukusiza abathengi futhi bayazinqoba lezi zimpi. UKhomishana weKhomishini yokuNcintisana uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIKHATHI okuphilwa kusona manje silawulwa wubuchwepheshe yonke ndawo futhi ayikho indlela yokukugwema loku. Kodwa ubuhle nemivuzo yobuchwepheshe nobuxhakaxhaka abufinyeleli kuwona wonke umuntu eNingizimu Afrika.

Uma kukhulunywa ngomlando wezemidlalo eNingizimu Afrika liyobalwa igama lakhe. Emva kweminyaka ewu-25 esakazela abanye, usenesiteshi sezemidlalo esithi yena nesidlondlobalayo. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngalolu shintsho

AMAKHOLWA athi uNkulunkulu akawuvali umnyango engeke avule omunye kanti isiZulu sithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye. Emva kokuxoshwa eSupersport, nokwase kumphinda njengoba naseSABC wake waxoshwa, kugcine kuyisibusiso kuMnu uRobert Marawa.

Unogcobo lokwenza izinto ‘ezinkulu’ lumlandele emncane ogile izimanga ekuphatheni izinkampani ezinkulu. Manje useqopha umlando omusha ngenkampani ethi yena kwenye yezimboni okuwumqansa kuyo kwabamnyama. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAQALA isikole singakafiki isikhathi ngoba wakhalela ukuya uma ebona odadewabo bevuka beya esikoleni. Loku “kushesha” ukwenza izinto “ezinkulu” kumlandele impilo yakhe yonke njengoba ephathe nezinkampani ezinkulu esamncane.

Kuwukucasha ngesithupha ukungabuqondisi ubugwegwe emsebenzini ngoba unqena ukuthi kuzothiwa awunabo ubuntu. Isikhulu esiphezulu e-Altron uMnu uMteto Nyati sixoxe noSLINDILE KHANYILE ngaloku nokunye

ABAPHATHI abamnyama abayeke ukugwema ukuthathela abantu abangawuhloniphi umsebenzi izinyathelo ngoba besaba ukuthi kuzothiwa abanabo ubuntu. Akukho lapho isintu sigqugquzela khona ukungaziphathi kahle emsebenzini.

UNEMINYAKA ewu-22 asungula inkampani ehlela imicimbi nezingqungquthela. Kunokuthi atatazele uma kuhlasela iCOVID-19, uqinise ekubhekeni amathuba amasha kwezinye izimboni kanti nakhona ekuhlelweni kwemicimbi kuqhamuke izindlela ezintsha. USihlalo we-Ikhono Thrive Global uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KWASHESHE kwamcacela uma eqala ukuhlela imicimbi ukuthi uselutholile ubizo lwakhe nokungakho namanje esaqhubeka nalo msebenzi yize sekukhona ushintsho endleleni okwenziwa ngayo ngenxa yokuhlasela kweCOVID-19.

Uwumakadebona embonini yamabhange osizwe wukunganqeni ukuvuka azithathe emva kokuqhuzuka esafunda. UMnu uFaisal Mkhize, ongesinye sezikhulu ze-Absa. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ISIFUNDO asheshe wasifunda empilweni ngokuhlangabezana nezingqinamba sokuthi akumele udikibale bese ukhohlwa amaphupho akho yisona emsizile akwazi ukubhekana nezinselelo endleleni futhi aphokophele ukufeza amaphupho akhe

Wenza ezibukwayo eTelkom, inkampani kahulumeni kodwa hhayi ebalwa nezidinga ukutakulwa. UMnu uSipho Maseko uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngohambo lwakhe

UNEMINYAKA eyisikhombisa nezinyanga ezinhlanu ehola inkampani yezokuxhumana nezingcingo iTelkom kodwa ungafunga ukuthi yima esanda kuthatha izintambo indlela asathi uma ekhuluma ngomsebenzi wakhe uzwe umfutho, uthando, intobeko nesasasa kanti nasebusweni akusho yena, uyazibonela ukuthi usawuthakasela umsebenzi wakhe.

Akagcini nje ngokuba wukuphela kowesifazane owusihlalo weqembu elidlala kwiPremier Soccer League kodwa futhi uphethe izintambo kwiligi yonke njengesikhulu esibambile. UNksz uMato Madlala uxoxe noSLINDILE KHANYILE

NGENKATHI eqala kwiLamontville Golden Arrows ngokugcwele, umfowabo ongasekho nowayephethe izintambo ngaleso sikhathi uMnu uRocky Madlala, wamtshela ukuthi umsebenzi wakhe kuzoba wukubheka izinhlaka zokuthuthukisa abadlali abasafufusa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page