Qaphela indlela osebenzisa ngayo ama-emoji ebhizinisini, kuloba uNtokozo Biyela

KULELI sonto ngithanda sibheke umthetho omusha osuthanda ukusabalala obizwa ngokuthi Umthetho wama-emoji, phecelezi, Emoji Law.

Ngike ngabona i-video ethunyelwe omunye umlingani emabhizinisini obebabaza umhlola. Sengiyibukile ngibambe ongenzansi. Kuthiwa eCanada kunomfana ohlawuliswe iimali eshisiwe ngenxa yokuthi uphule umthetho wento abevumile ukuthi uzoyenza.

Indaba isuka ekutheni kukhona obefaka i-oda lesivuno esithile kulo mfana ecela alibuke ukuthi angakwazi yini ukumnika lona. 

Ngenxa yokuthi umfana uwumuntu ohlale ematasatasa uphendule khona kuWhatsApp, lapho kade ethumele khona umyalezo, waphendula nge-emoji eyisithupha esho ukuthi “kulungile” noma “shabhu” uma uthanda. 

Sibaningi siyawasebenzisa ama-emoji kodwa asazi ukuthi kwabanye bacabanga ukuthi athini. 

Ngokuhamba kwesikhathi umfana engasadilivi leli oda, lo obethenga uvele wambopha ngoba ethi wavuma ngesithupha ukuthi uzoletha i-oda ayelicelile.

Umfana uthuke koma nasozwaneni ethuswa wukuthi wavuma kuphi ukuthi uzokwazi ukuletha i-oda lesivuno. 

Umthengi uthe isithupha esithi kulungile somfana wayeqinisekisa ukuthi uzokwenza njalo futhi leso sithupha sifana nokuthi wayesayina ukuthi lelo oda uzoliletha.

Kube wumzukuzuku phakathi kwabameli bomfana nommangali, umfana ethi yena wayengasho ukuthi usayina inkontileka ngenkathi ethumela isithupha. 

Ummangali ushaye phansi ngonyawo ethi yena wazi ukuthi wayesayina phansi elivuma i-oda, ngakho usephule isivumelwao ngokungalilethi futhi usemlahlekisele ngebhizinisi ngoba wathembisa kodwa wangabe esasiletha isivuno.

Icala ligcine limhlalile umfana, inkantolo yavuna ummangali, yalalela umfana ukuthi akahlawuke u-$60 000 (R1.2  million) ngoba uphule  isivumelwano. 

Loku kushaqise abaningi eCanada nasemhlabeni jikelele. Kutholakale ukuthi empeleni umthetho wama-emoji ususabalele nakwamanye amazwe, lapho kutholakala khona ukuthi sekukhona abalahlwe yicala. .

Abanye balahlwa yicala ngenxa yokuthumela i-emoji yesibhamu, eyomuntu okhombisa ulaka njll. 

Loku sekufake abantu enkingeni ngoba uma umthetho nenkantolo usucubungula ama-emoji uwabona ngendlela ehlukile kunendlela esibona ngayo. 

Izinto sezijikile emhlabeni usuphendukile kanti loku kuthinta namabhizinisi imbala.

Yingakho-ke kufanele siqaphele manje ukuthi sithumela hloboluni lwama-emoji uma siphendula enkulumweni ephathelene nebhizinisi noma izinkontileka ezimayelana namabhizinisi. 

Singawathatha kancane ama emoji uma siphendula sihleka kodwa kuyacaca manje ukuthi aseyingxenye yebhizinisi.

Ngithi-ke anginixwayise nje lo mthetho ungakasabalali waze wafika eNingizimu Afrika. Ngakho-ke kuhle ukuthi uma uwathumela ezintweni ezimayela nebhizinisi ucacise ukuthi  uthini bangaze abantu bacabange ukuthi usho into okungeyona.

Kuyacaca ukuthi ziningi izinto esingakwazi ukuzenza ngobuchwepheshe bamanje kodwa sibe sihweba sisebenzisa amaselula nezinkundla zokuxhumana.

Siyazi sonke ukuthi abantu abaningi basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuhweba. Ngakho-ke kumele sikwamukele ukuthi ubuchwepheshe sebuneqhaza elikhulu ezivumelwaneni esizenza ezindimeni zokuxhumana. 

  • UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page