Uphokophele ukuncintisana nezikhondlakhondla owafundiswa wugogo wakhe ukwenza ujamu. Uxoxe noLUNGI LANGA
OWANCELA ulwazi kugogo wakhe usesondele ekufezeni iphupho lakhe lokubona ujamu awukhiqizayo usetshenziswa emahhotela nasezindaweni zokudla eNingizimu Afrika.
UMnu uGontse Selaocoe wase-Orange Farm, eningizimu yeGauteng, uwumnikazi we-All Day Jam kanti uthi usazincinza namanje uma ecabanga ukuthi maduze ujamu wakhe usuzoncintisana nokhiqizwa yizinkampani ezaziwayo.
Lokhu kulandela ukuklonyeliswa kwakhe ngoR500 000 yiSmall Enterprise Development Agency, emncintiswaneni wosomabhizinisi abasafufusa iPitch for Funding ngonyaka odlule.
Le mali uyisebenzisele ukulungisa indawo akhiqizela ujamu kuyo. USelaocoe, owafundiswa ugogo wakhe ukuhlanganisa ujamu, uqale le nkampani sakudlala ngo-2019 emuva kokuphothula uMatikuletsheni.
Uthi ubelokhu efisa ukuzisebenza kodwa engazi ukuthi angenzani. Wahlangana nabangani bakhe aneqembu lokudansa nabo benecebo lokudansa emarobhothini ukuzenzela amasenti. Wabeke uR1 000 ngoba efuna ukuthenga amateku azowagqoka uma sebedansa kodwa wabuye washintsha umqondo.

“Ngelinye ilanga ngifike ekhaya ngilambile, ugogo wathi angithathe isinkwa ngisigcobe ujamu ngidle. Ugogo ubevele ekhiqiza ujamu ekhaya esifundisa. Besingawuthengi ujamu. Ubewukhiqizela ukuthi siwudle thina nomakhelwane bethu. Ngalolu suku ngambuza ukuthi kungani engawudayisi esitolo sakhe kodwa wathi angiwukhiqize ngiwudayise mina. Ngavuma ngokunganaki kodwa ngathi sengicabanga ngabona ukuthi ngale mali yamateku ngingakwazi ukuqala ngidayise ujamu. Angibange ngisawathenga, ngaqala ibhizinisi lami,” kulanda yena.
Uthi kusukela eqale ibhizinisi uqhamuke nezinhlobo ezintsha zikajamu ebezingekho ezitolo, okubalwa kuzo okatamatisi, owekhabe nowamapheya. Amakhasimende akhe acela ukuthi awenzele nowezinhlobo ezijwayelekile njengowepentshisi. Uthi le nhlobo ukholwa ukuthi yiyo yodwa abazoyenza kwezijwayelekile ngoba bafuna ukwenza izinhlobo ezintsha nezizoqhamuka nabo kuphela.
Yonke into bayenzela egcekeni njengoba bezitshalela bona izithelo zokwenza ujamu futhi basebenzise enye indlu eseduze kwesitolo sikagogo wakhe ukuwukhiqiza bawubeke.
Leli bhizinisi seliwine imiklomelo eyehlukene, okubalwa kuyona oweStandard Bank Wildcard Award ngoJuni.

USelaocoe uthi indawo ibiyinkinga enkulu ngoba ukungabibikho kwayo kubavimbe ukuthi bathole isitifiketi esizobagunyaza ukuthi badayise ujamu wabo ezitolo zokudla nakwezinye izindawo abafisa ukuwubona ukuzona.
“Njengoba senginweba indawo yokusebenzela futhi ngiyilungisa ukuthi ihambisane nemigomo esibekelwe yona singabakhiqizi bokudla sesizokwazi ukuthola isitifiketi esizokwenza kube lula ukuthi sidayisele izitolo ezinkulu namahhotela. Angifuni sigcine ezitolo zokudla ngoba ziningi kodwa ngifuna siphumele ezindaweni eziningi. Into engiyithandayo wukuthi lezi zinhlobo zikajamu esizenzayo azikabibikho ndawo; yimikhiqizo eqalwe yithina,” kusho uSelaocoe.
Okumjabulisayo wukuthi akabashiyanga ngaphandle abangani bakhe ayedansa nabo njengoba bemdayisele ujamu ezindaweni abadansa kuzona. Uthi ukudansa akukaphumi egazini. Kwezinye izinsuku uyabakhona adanse nabangani bakhe kodwa umsebenzi awusamniki isikhathi sokudansa njalo.
Ngaphandle kwabangani bakhe unezisebenzi ezinhlanu asebenza nazo, okukhona neziyitoho. Uthi unethemba lokuthi ukunweba indawo kuzomsiza ukuthi aqashe ngokuphelele abayitoho.
USelaocoe ukhuthaza intsha ukuthi ifunde kubantu abadala futhi ibheke izinkinga ezikhona ezindaweni ehlala kuzona bese iqhamuka nezisombululo ezingamabhizinisi.
- Facebook: All Day Jam