UKhomishana wokuNcintisana uNks uDoris Tshepe, uphawule ngophenyo lokuphenya oGoogle noTakealot. Isithombe: Sithunyelwe

Uswazi kwizikhondlakhondla zobuchwepheshe ngokudlala ngamakhasimende. INTATHELI YOMBELE iyabika

IKHOMISHINI yokuNcintisana ishicilele umbiko oneziphakamiso okuhloswe ngazo ukuphucula ukuncintisana embonini yezinkampani zobuchwepheshe besimanje.

Lo mbiko uhlanganiswe ngemva kokuphenywa kwemboni okumandla kuyo izikhondlakhondla ezifana noGoogle, iBooking.com, iTakealot, i-Apple, i-Uber Eats, iMr D Food, iProperty24, iCars.co.za nezinye. 

Ikhomishini ineminyaka emibili yaqala uphenyo, i-Online Intermediation Platforms Market Inquiry (i-OIPMI).

Uphenyo beluholwa usomnotho omkhulu weKhomishini yokuNcintisana uMnu uJames Hodge. 

U-Hodge, usomnotho omkhulu weKhomishini yokuNcintisana

Ezinye zezinto ikhomishini eyalele lezi zinkampani ezinkulu ukuthi zizenze wukuthi iGoogle kufanele ihlinzeke uphawu oluzosetshenziswa yizinkampani zaseNingizimu Afrika ukusiza amakhasimende abheka izinkampani zakuleli zwe. Kuzofanele futhi yethule uphiko olusha oluzokhangisa amaziko amancane aseNingizimu Afrika ahambisana nento abantu abasuke beyibheka. Kufanele futhi iwaqeqeshe bese iwanika nesikhala sokukhangisa senani likaR180 million. 

Olunye ushintsho okufanele lwethulwe yiGoogle yilolu olufana nelwenze eYurophu lapho uyalelwe khona ukuthi ushintshe izinto ezivuna yona nemikhiqizo yayo. 

I-Booking.com kuthiwe ayikhiphe umbandela ongashintsheki othinta amanani ezinkontilekeni zayo. 

I-Takealot kuthiwe ayihlukanise uphiko lwayo lwe-retail nolwe-marketplace ukugwema ukuthi uphiko lwe-retail luthole imininingwane yabadayisi nokuvimba abadayisayo ukuthi bancintisane neminye imikhiqizo. 

I-Google Play ne-Apple Pay kuthiwe abayeke ukuvimba amanye ama-app ukuthi ayalele amakhasimende awo ukuthi akhokhe kuma-website futhi baqinisekise ukuthi amakhasimende ayaqhubeka nokuthola mahhala okutholakala kulawo ma-website.

I-Uber Eats noMr D Food kufanele batshele amakhasimende ukuthi kunenkokhelo, phecelezi i-commission, abayikhokhelwa yizindawo zokudlela nokuthi amanani akwi-menu angahluka kwawokudla ikhasimende elisuke lizohamba nako.

Abamaziko okukhangisa izindlu namabhilidi kufanele bavumele abadayisayo ukukhangisa nakwezinye izindawo kanti iProperty24, i-AutoTrader neCars.co.za kufanele behlisele izinkampani ezincane amanani okukhangisa. 

UKhomishana wokuNcintisana uNks uDoris Tshepe uthe: “Ukuphothulwa kwalolu phenyo yinto enkulu, ikakhulukazi ngoba wuphenyo lokuqala olwenziwa sekuchitshiyelwe umthetho kanti olokuqala olubheka umnotho okhulayo othinta ubuchwepheshe.”

Ungqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana, uMnu u-Ebrahim Patel uwuncomile umsebenzi wabaphenyi, wathi kuyaqala ukuthi kube nophenyo olufana nalolu olwenziwa yizwe elisathuthuka e-Afrika.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page