Owafundiswa wugogo wakhe ngemfuyo usefuya izingulube. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU
WASHIYA phansi izifundo zokuba wunjiniyela wasezimayini ngenxa yokuswela imali nokwasho ukushabalala kwephupho ayekhule nalo. Wagcina esenza iziqu i-Bachelor of Science in Hydrology and Geography oNgoye.
Walandelisa nge-Postgraduate Certificate in Education eNyuvesi yaKwaZulu-Natali. Nokho ubeloku enothando lwezolimo; lungashabalali.
UNksz uSiphelele Siyaya wase-Ovukeni, KwaNongoma, KwaZulu-Natali, oneminyaka ewu-29 wumsunguli weMadlikivane Piggery, inkampani yezolimo efuye izingulube futhi edayisa inyama yazo ehlahleliwe. Uthando lwezingulube luqhamuka kugogo wakhe owamfundisa ngemfuyo esamncane. UMadlikivane yisithakazelo sikaNksz uSiyaya.
Uthi: “Nganquma ukuqamba inkampani yami ngesithakazelo sasekhaya ngoba ngithemba ukuthi leli bhizinisi lizoba yisiqalo samabhizinisi omndeni nezizukulwane ezizolandela kwaSiyaya.
“Ukukhulela emakhaya kungenze ngaba nothando olukhulu lomkhakha wezolimo. Ukukhuluma iqiniso angikaze ngaba wumuntu othanda indawo yasedolobheni, yingakho noma sengivula ibhizinisi ngingazange nginanaze ngokulivula ekhaya,” kusho yena.

IMadlikivane Piggery uyiqale ngo-2021 emhlabeni ongamahekthare awu-5.5 awuthenga KwaNongoma ngemali ayeyibeka ngesikhathi esewuthisha. Izingulube eziphilayo ziqala kuR1 800, i-pork boerewors roll nenyama ehlahleliwe; konke okukalwayo. Le nkampani idayisela abantu noshisanyama bendawo.
Uthi okunye okumenze wavula ibhizinisi wukuthi ufuna ukwandisa amathuba omsebenzi endaweni yangakubo futhi agqugquzele abantu ukuthi bangene kwezolimo. IMadlikivane Piggery isiqashe abantu ababili ngokugcwele noyedwa ofika uma edingeka.
Egqugquzela intsha efisa ukungena kulo mkhakha, uNksz uSiyaya uthi kubalulekile ukwazi ukuthi ufuna ukudayisa ini epulazini lakho nokwenza ucwaningo ngofisa ukukufuya. Uthi kumqoka nokuxhumana nabanye abafuyi ukuze uthole ulwazi kubona futhi ube uzihluphe ngokusebenzisa izinkundla zokuxhumana.
“Asebe maningi amathuba esengihlangabezane nawo nabantu esengisebenzisane nabo, engikholwa ukuthi ngabe angibazi ukube angisebenzisi izinkundla zokuxhumana. Mhlawumbe okunye ngingasho ukuthi ibhizinisi lifuna ube nesibindi, ube wumuntu okwaziyo ukubekezela ngoba kuningi okuqhamukayo uma uzisebenza,” kusho uNksz uSiyaya.
Ekhuluma ngezinselelo abhekana nazo, uNksz uSiyaya ukhale ngokushoda kwamanzi, ukucinywa kukagesi nokubiza kokudla kwezingulube. Kepha uthi konke loku kumqinisa ukhakhayi ngosomabhizinisi futhi ugqugquzelwa uthando analo ngezolimo ukuthi aphokophele.
UNksz uSiyaya usezinhlelweni sokufundela isitifiketi se-AgriSETA ngoba ukholwa wukuthi sizomvulela umnyango wokuqeqesha abafisa ukungena kwezolimo, enye indlela ahlela ukukhulisa ngayo ibhizinisi.
- Facebook: Siphelele Titi Siyaya