UMASIPALA waseThekwini uzobuyekeza indlela ohlinzeka ngayo izidingo emphakathini ngokwandisa imifelandawonye nezinhlangano ezingenzi inzuzo ozisebenzisayo.
IMVAMISA kuthiwa iNingizimu Afrika inamaqhinga amahle kuphela, qha ihlulwa wukuwafeza. Yilokho okwenza singabi klamuklamu ukuloku sizwa ngamaqhinga. Nokho-ke ayadingeka.
YINI ukufunda ngezezimali kanti kungani kubalulekile ezinganeni zethu. Ulwazi lwezezimali lungachazwa njengokufunda amakhono okuphatha imali kahle futhi ukwazi ukuyihlelela kahle.
KULELI sonto ngithanda sibhekisise udaba lwe-Artificial Intelligence (i-AI) neChatGPT. Mhlawumbe abanye bayazibuza ukuthi yini kambe yini iChatGPT ngoba i-AI sake sakhuluma ngayo.
EMINYAKENI eyisishiyagalolunye edlule uhulumeni wethula uhlelo lokukhulisa umnotho wasolwandle i-Operation Phakisa, olwahlanganiswa yindlela eyasetshenziswa iMalaysia ukuphucula izinto kuhulumeni wawo ngokushesha iBig Fast Results.
KUNOCWANINGO olwenziwayo ukubheka ukuthi ingaphuculwa kanjani i-uShaka Marine World ukuze idobe izivakashi ezingaphezu kwenazo njengoba isezinhlelweni zokuvuselela ukusebenza kwayo emva kokuphazanyiswa iCOVID-19.
UQALE ukuba nentshisekelo yamabhizinisi kusukela emncane njengoba ayedayisa amadumbe ukuze abe nemali azoyiphatha esikoleni. Lukhulile lolu thando njengoba lugcine lumholela ekutheni avule ibhizinisi ekhiqiza ifenisha.
ISIFISO sokusiza umphakathi wangakubo oshodelwa amanzi sizale ibhizinisi lokudayisa amanzi asebhodleleni.
KUQHUBEKILE ukunyuka kokwehla kwamandla emali ngoMashi kwafinyelela ku-7.1%, kusuka ku-7.0% ngoFebhuwari. Kanti ukunswinyeka kwabathengi kubonakele njengoba nokudayiswa kwezinto kwehlile, obesekungokwesithathu izinyanga zilandelana
SIYAMBONGELA umengameli ngengqungquthela yabatshalimali ebe yimpumelelo ngesonto elidlule.
NGESONTO elidlule uMengameli uMnu uCyril Ramaphosa usayine ukuchibiyela umthetho okhuthaza ukuthi kunikwe bonke abantu amathuba uma kuqashwa i-Employment Equity Amendment Bill of 2020.
UBHUKULELA ukugcina zonke izimfanelo ezidingekayo ukuze umkhiqizo wakhe ongajwayelekile ufinyelele kubathengi futhi umngenisele imali oqale ibhizinisi lokugaya ugologo womoba ngoba kwehla isivuno esikhiqizwa ngamasimu omoba.
KUNGABASIZA osomabhizinisi abancane ukuthi zonke izinhlangano nezinhlaka ezizama ukubasiza zibambisane ukuze usizo lutholakale endaweni eyodwa ukwenzela ukuthi kube lula ukuthi lutholakale esikhundleni sokuthi balufune ezindaweni ezihlukene.
KUVULWE ngokusemthethweni i-Oceans Mall inxanxathela yezitolo edle ngamagama ezimpahla zokugqoka zomntakabani eziqalayo ukufika eThekwini, KwaZulu-Natali, okubhekwe ukuthi kulekelele ukuvuselela umnotho walesi sifundazwe.
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Mxolisi ‘Dr Stressless’ Mhlongo, usomabhizinisi, oseke waqokwa kuma-SA Radio Awards ngo-2021, wawina indondo kumaSA Radio Awards ngo-2022. Uphinde futhi abe umsingathi wohlelo lwase kuseni kumsakazo Izwi Lomzansi FM
UKUNCINTISANA akusho ukuthi kufanele umkhiqizo wakho ufane neminye esezingeni obonayo ukuthi liphezulu kakhulu kodwa kumele ubheke ukuthi ikhasimende lifunani.
ABANTU abahlala emadolobheni ababewumngani negeja bangene kwezolimo ukuze kunciphe isibalo sabantu abagajwa yindlala eNingizimu Afrika.
NJENGOBA siya eNgqungqutheleni yabaTshalimali kuleli sonto, ngikhumbula ukuthi ukuheha abatshalimali kucishe kufane nokudayisa.
KuKANGAKI uya esitolo uyothenga isinkwa kodwa ubuye uphethe inqwaba yezinto ongazidingi? Kukangaki uthi awazi wenzeni ngemali yakho, ungakwazi ukuphendula ngemali oyisebenzisile?
KULE ngosi ngithanda sixoxe ngokuhle okwenziwa ngamanyuvesi, ikakhulukazi iNyuvesi yakwaZulu-Natali.
IZINSELELO zebhizinisi zimfundise ukuthi angagxili emkhakheni owodwa. UNksz Thobile Mpontshane, onepulazi afuye izingulube kulo iMampontshi Farming & Fencing yaseVryheid, KwaZulu-Natali, uwumfuyi wezingulube nomlimo wamaveji.
UHULUMENI ushaye ungqimphothwe ngesinqumo obusenzile sokugunyaza i-Eskom ukuthi ingavezi ukuthi ingakanani imali engasetshenziswanga ngendlela nechithiwe emibikweni wayo wezimali.
WAZIBONA eneminyaka ewu-25 ukuthi unekhono lokwenza umsebenzi wezandla nokwamgqugquzela kakhulu ngoba vele wayesazi ukuthi ufisa ukuzibambela umsebenzi ukuze azimele.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenza ngokuzikhandla nohulumeni ukulungisa inkinga yokukhipha izimvume zabantu bakwamanye amazwe abazosebenza kuleli zwe.
BAFUNDI bale ngosi ngiyathemba nisagcinekile kuzo zonke lezi zivunguvungu esizibona zenzeka emnothweni, kwipolitiki nemvelo.
SEKUYA ngamagama enkehli ngamathuba amasha kwezolimo okwathiwa azovuleka kulo nyaka njengoba sekwaphasiswa ukutshala insangu.
IMALI engeniswe intela ngonyaka wezimali wango-2022/23 ibingaphezu kancane kukaR2 trillion.
UNKSZ uMercy Ngwenya wafunda kabuhlungu ukuthi angasebenzisi imali yebhizinisi ukwenza izinto zakhe ngenkathi inkampani yakhe icishe iwa.
AMABHANGE amabili kwamakhulu eNingizimu Afrika aboleke osomabhizinisi futhi asiza namanye amakhasimende awo ngemali ecela kuR900 million ukuze akwazi ukumelana nezinselelo eziqhamuke ngenxa yeCOVID-19.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngangingaphiwa imali kodwa ngangiyisebenzela. Kwakumele kubekhona engikwenzayo ukuze ngithole imali.
INSELELO kagesi isivule amathuba emabhizinisini amancane namakhulu. Kuleli sonto elinye lamabhange amakhulu eNingizimu Afrika iFNB limemezele ukuthi selibolekise ngemali ecela kuR1 billion ngohlelo lwayo i-ecoEnergy home loan, eyalwethula ngo-2021 lwabantu abasuke bezofaka ingqalasizinda yokudonsa ugesi ongaphehlwa ngamalahle.
UKUKHETHA kwamabhizinisi amaningi ngoMsombuluko odlule ukuvala noma ukuthi izisebenzi zihlale emakhaya kukhombisa ukuthi ayekhathazeke kangakanani ngokuvalwa kwezwe okwakuhleliwe, okwakungaholela odlameni nasekuphazamisekeni.
KWENZA umkhuba ukubuyekeza isitatimende sakho sasebhange nyanga zonke.
KULELI sonto ngithanda sibheke indaba yesimo esinokuzinza emiphakathini yethu. Ukuzinza kubaluleke kakhulu kabi emiphakathini yethu ngoba kwenza sihlalisane ngokuzwana.
LUYAQALA ngoLwesihlanu uphenyo lweKhomishini yokuNcintisana oluzobheka imboni yezolimo olugxile kumaveji nezithelo ukubheka ukuthi azikho yini izinto ezingqinda ukuncintisana.
USOMABHIZINISI osembonini yezokwakha uMnu uChelsea Mnisi wukholwa ukuthi noma ngabe wubani ofisa ukusebenza kule mboni kufanele andise ulwazi analo futhi agxile kuyona kuphela ukuze avelele.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngangingaphiwa imali. Esikoleni ngangiphatha isikhwebu sombila; nakhona kuyinhlanhla.
EKUQALENI kwesonto kuphazamiseke umnotho ngenxa kakhukhulelangoqo wesiteleka obuhlelwe yi-Economic Freedom Fighters (i-EFF).
UKUNYUKA kokwehla kwamandla emali kufinyelele ku-7.0% ngoFebhuwari kusuka ku-6.9% ngoJanuwari, nobekuqala ukwenzeka ezinyangeni ezine.
INHLANGANO yamabhizinisi amancane asemalokishini nasemaphandleni i-eKasi Entrepreneurs izokwethula umkhankaso ozokwenza izakhamuzi zakulezi zindawo zikwazi ukuba ngabanikazi, ziqashise futhi ziphathe izitolo ezincane ngisho zingekho khona siqu.
BEKUYISIFISO ukuthi umbhikisho wangoMsombuluko ube nokuthula njengoba abantu baseNingizimu Afrika bebesebenzisa ilungelo labo. Benginethemba futhi lokuthi ngeke kube nodlame, kusatshiswe muntu futhi kucekelwe phansi izimpahla.
MFUNDI wale ngosi ngiyethemba uphephile emva kwesiteleka ebesingoMsombuluko. Kuyacaca ukuthi siyizwe sesifike esikhathini lapho singeke sisakwazi ukubekezelela ubunzima nengcindezi esiphila nako.
KUKHISHWE izibalo ezicacisa kahle ukuthi kwaba nomphumela omubi kangakanani ukubheduka kweCOVID-19 embonini yezokuvakasha. Nokho kancane kancane izinto seziyaqala ukuba ngcono.
UMNU uShane Manyongo wafundiswa wuninaluma ukwenza imisebenzi yobumba, wabe esenquma ukudlulisa leli khono ngokuvula amathuba omsebenzi.
UMSEBENZI kaMnu uMongezi Majenge wokusiza abantu abaphila nokukhubazeka wenze wagcina esethola izindondo eziningi, okubalwa kuzona eyesihlalo esinamasondo asakha ukuze sikwazi ukunyuka izitebhisi, esenza kubelula bahambe ngokushesha futhi banakekele izihlalo zabo ezinamasondo.
KUZOFANELE isukume inyakaze ikhabinethi entsha kaMengameli (uCyril Ramaphosa) uma kuwukuthi kukhona izinguquko ezoziletha.
UNAWO yini umcabango omuhle ngemali? Ukuvuselela indlela ocabanga ngayo ngemali nempilo yakho yonkana kuyinsika yempumelelo yakho kwezezimali.
KULE ngosi ngithanda sibheke umonakalo odalwe wukucinywa kukagesi okusihluphayo eNingizimu Afrika. Ngiyazi sesikhulume kakhulu ngakho.
IZINHLANGANO zabalimi zithi zinethemba lokuthi isikhulu esiphezulu esisha seLand Bank sizovuselela isithunzi saleli bhange futhi lizolekelela ukufukula abalimi abamnyama ababencishwe amathuba.
WABHALISELA izifundo zobunjiniyela ekolishi elifundisa amakhono ngoba ethi wenzela ukungahlali ekhaya ngesikhathi abazali bakhe besahlanganisa imali yokufundela ukuba wummeli enyuvesi.
UHULUMENI waKwaZulu-Natali wethule iSabelomali azama ngaso ukuvuselela umnotho, ukulungisa amaphutha akudala nokuqhubeka nezinhlelo ezizovulela intsha amathuba emisenzi.
UHULUMENI waKwaZulu-Natali uzosebenzisa iSabelomali salo nyaka ukuqinisa umshikashika wawo wokuvuselela umnotho ukulwa nobubha esifundazweni.
KUNETHEMBA elincane elivuselelekile kuleli sonto emva kokumenyezelwa kukaDkt uKgosientsho Ramokgopa wangungqongqoshe omusha, uNgqongqoshe kaGesi.
NAKUBA ebengasizwa kahle isinqumo sokuqoka uNgqongqoshe kaGesi kodwa uthi uMengameli uCyril Ramaphosa uqoke umuntu onamava afanele ngokubeka uDkt uKgosientsho Ramokgopa kulesi sikhundla.
NGESONTO elidlule ngivakashele izinkampani ezinkulu ezingamalungu ethu.
ISIMO esizithola kusona eNingizimu Afrika asisihle neze, isonto nesonto silwa izimpi ezihlukene.
EKUGCINENI ngemva kokwethembisa ukubeka ungqongqoshe omusha ozolungisa inkinga kagesi egubuzele izwe nekhinyabeza umnotho nekhalisa izakhamuzi, umengameli uCyril Ramaphosa ugcine eqoke uDkt uKgosientsho Ramokgopa abewuNgqongqoshe kaGesi izolo ebusuku.
WAYEKHONZE ukudweba nokubhala ezihlanganisela amaphephabhuku kangangokuthi wake wenza nemidwebo ngezindaba ayezifunde eBhayibheleni.
Usemncane wawuphiwa imali?
Ngikhule emndenini ohlwempu kakhulu. Ukuphiwa imali ekhaya kwakuyinto eyayiqhelelene nami, ngangiyicosha emgwaqweni kuphela uma ngibe nenhlanhla.
EMINYAKENI emibili edlule usomabhizinisi waseTshwane, eGauteng, wayesebenzela emotweni yakhe ukudayise umfaniswano wesikole.
MININGI imibuzo equbukayo engxoxweni esisuse umsindo ebiphakathi kukaMnu u-André de Ruyter’s noNks u-Annika Larsen we-e.tv, nathe kuyo kukhona ungqongqoshe owayazi ngezenzo zenkohlakalo.
LELI sonto lilandela lelo uNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk uNomusa Dube-Ncube ethule ngalo iNkulumo eBhekiswe esiFundazweni.
KUZOHLOMULA nabalimi abakhiqiza ukudla ngentela ebanjwa esikhwameni esisiza abalimala ezingozini zomgwaqo i-Road Accident Fund levy kadizili
IZIKHUNDLA aziphathe ngenkathi esaqashiwe zimvule amehlo wabona ukuthi ukungalingani kubathinta kanjani abantu abaswele.
NGEKE kuphazamiseke ukusebenza kwemboni yemali eNingizimu Afrika ngenxa yokufakwa kwezwe ohlwini lwamazwe angenzi kahle ukuhlonipha imithetho elwa nokushushumbisa imali nokuxhasa izenzo zamaphekulazikhuni.
NAKUBA uNks uThobile Nyawo efunde i-civil engineering kodwa unqume ukuba wusomabhizinisi ukuze axazulule ezinye zezinkinga ezibhokile ezweni.
UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana wethule iSabelomali azame ngaso ukuxazulula inkinga yokushoda kukagesi nokuphungulela abantu umthwalo wokubiza kwezinto.
AKUKHATHALEKI ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uzokwaba imali engakanani namhlanje ukulungisa inqwaba yezinkinga ezihlupha iNingizimu Afrika, uma uhulumeni engayiphuculi indlela okulandelwa ngayo umgomo futhi kusetshenziswe imali ngendlela efanele akukho lutho olutheni ezolwenza.
KUNEZINTO ezibalulekile okufanele uzazi ngokuphatha imali uma uqala ukusebenza.
Nazi ezintathu:
KULE ngosi ngifisa sibheke isimo esingesihle esizithola kuso eNingizimu Afrika. Minyaka yonke kunezinkampani eziningi ezidiliza izisebenzi.
IKHOMISHINI yokuNcintisana izophenya imboni yezolimo igxile kakhulu kubalimi abakhiqiza amaveji nezithelo.
Usemncane wawuphiwa imali?
Hhayi cha, ngangingaphiwa. Isikole sasiduze nasekhaya, ngakho ngangivele ngigijime ngiyodla ekhaya bese ngiphindela esikoleni.
KUBHEKWE ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana akhiphe imininingwane yokuthi uhulumeni uzokwenza kanjani ukulungisa inkinga yokushoda kukagesi uma esethula iSabelomali.
UMnu uMthokozisi Goba uthe: “Akashintshe indlela uphiko lokuthenga izimpahla olusebenza ngayo kungabi yiCedara eyenza yonke into, kwenziwe yizifunda.”
UNks uZinhle Msomi uthe: “Akeze kithina kuzo zonke izifunda eKZN.”
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent