Akakhulumi ngenzwabethi othi kunomcebo olwandle njengoba enebhizinisi elivuthiwe lokudoba. Uxoxe neNTATHELI YOMBELE

EMINYAKENI eyisishiyagalolunye edlule uhulumeni wethula uhlelo lokukhulisa umnotho wasolwandle i-Operation Phakisa, olwahlanganiswa yindlela eyasetshenziswa iMalaysia ukuphucula izinto kuhulumeni wawo ngokushesha iBig Fast Results. 

Ifakelwa izibuko eyamaqhinga okudoba izivakashi nemali e-uShaka Marine World. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNOCWANINGO olwenziwayo ukubheka ukuthi ingaphuculwa kanjani i-uShaka Marine World ukuze idobe izivakashi ezingaphezu kwenazo njengoba isezinhlelweni zokuvuselela ukusebenza kwayo emva kokuphazanyiswa iCOVID-19. 

Sebenamakhasimende amakhulu abanenkampani yefenisha. Omunye wabo uxoxe noZusiphe Didi

UQALE ukuba nentshisekelo yamabhizinisi kusukela emncane njengoba ayedayisa amadumbe ukuze abe nemali azoyiphatha esikoleni. Lukhulile lolu thando njengoba lugcine lumholela ekutheni avule ibhizinisi ekhiqiza ifenisha. 

OWAYEYISIKHULU esiphezulu sezimali eTongaat Hulett uMnu uMurray Munro, uhlawuliswe uR6 million nokungavunyelwa ukuba senkampanini ehweba kwiJohannesburg Stock Exchange iminyaka ewu-10. I-JSE ikhiphe lesi sinqumo emva kokuphothula uphenyo lwayo ngokuziphatha kukaMunro ngenkathi le nkampani iphula umthetho wokuphatha izimali njengoba yayibika okungesilo iqiniso ngenzuzo eyenzayo phakathi kuka-2011 no-2018. U-Munro usidlulisele phambili lesi sinqumo ukuthi sibuyekezwe.

AMABHIZINISI amabili kahulumeni amemezele amabhodi amasha kuleli sonto. UMengameli uCyril Ramaphosa ugcine ekuphasisile ukuqokwa kwebhodi elisha elizohola iSABC, usihlalo walo okuzoba wuMnu uKhathutshelo Ramukumba kuthi iphini lakhe kube wuNks uNomvuyiso Batyi. Amanye amalungu ebhodi wuDkt uRenee Horne, u-Adv uTseliso Thipanyane, oNks uPhathiswa Magopeni, u-Aifheli Makhwanya, uMagdalene Moonsamy, oMnu uRearabetsoe Motaung, uDavid Maimela, uDinkwanyane Mohuba, uMpho Tsedu noNks uPalesa Kadi. UmNyango wamaBhizinisi kaHulumeni wona umemezele ibhodi yesikhashana ezokwengamela iSouth African Airways. Usihlalo wesikhashana kuzoba wuMnu uDerek Hanekom, owake waba ngungqongqoshe wezokuvakasha. Amanye amalungu ebhodi oNks uFathima Gany, uFundi Sithebe, uMnu uMahlubi Mazwi, u-Adv uJohannes Weapond, uSolwazi uJohn Lamola (obambele isikhulu esiphezulu), uNks uClarissa Appana noMnu uDumisani Sangweni.

IMINYANGO kahulumeni waKwaZulu-Natali yethule izabelomali zazo eSishayamthetho kuleli sonto. Kuqale uNdunankulu uNkk uNomusa Dube-Ncube okhiphe imininingwane yokuthi ihhovisi lakhe lizowusebenzisa kanjani uR872 million elabelwe wona. Kodwa ukhulumile nangezinye izinhlelo ezikhona zokuvuselela umnotho njengoR2 billion ohlinzekelwe ukulungisa umonakalo owadalwa izikhukhula zonyaka odlule. Kule mali uR1.7bn wabelwe umNyango wezokuThutha osuvele ususebenzise uR400m. Izinkampani zabantu abamnyama zizohlomula ngoR1.3bn kule mali, kuthi eziholwa ngabesifazane zithole uR530m kanti ababengamasosha omzabalazo bazokwabelwa uR20m kuthi amabhizinisi entsha athole uR546m, kuthi abantu abanokukhubazeka bathole uR3.3m. Kukhona uR336m ohlinzekelwe ukuthi kwandiswe izindawo abantu abangakwazi ukudonsa kuzona umoya we-internet emiphakathini. Kulindeleke ukuthi kwengezwe izindawo eziwu-7 253, nokubhekwe ukuthi zivule amathuba emisebenzi awu-350 kanti u-40% wemisebenzi kuthiwa uzotholwa ngamabhizinisi amancane. UmNyango wokuThuthukisa uMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo wona wethule isabelomali sikaR3.4bn. 

UMASIPALA waseThekwini usithakasele isinqumo senkantolo yaseScottburgh sokuhlawulisa iSappi uR8 million ngenxa yokuphula i-National Environmental Management Air Quality Act ngokweqa isikali esibekiwe sokukhiqiza i-sulphur dioxide eSaiccor Mill eMkhomazi, eningizimu yogu laKwaZulu-Natali.  Le nhlawulo ilengisiwe, nokho le nkampani egaya iphepha kuthiwe ayikhokhe i-confiscation order ehlukaniswe kwaba uR5m ozoya kumasipala noR3m ozoya kwiCriminal Assets Recovery Account. Le mali kufanele ikhokhwe ngomhlaka-28 Ephreli. I-Sappi yaphula lo mthetho phakathi kukaJulayi ngo-2012 noDisemba wango-2014. Umasipala uthe loku kukhombisa ukuthi uyayisukumela futhi uyayihlonipha imithetho yezemvelo.

Basadonsa kanzima abathengi kodwa likhona ithemba ngamanani okudla. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUQHUBEKILE ukunyuka kokwehla kwamandla emali ngoMashi kwafinyelela ku-7.1%, kusuka ku-7.0% ngoFebhuwari. Kanti ukunswinyeka kwabathengi kubonakele njengoba nokudayiswa kwezinto kwehlile, obesekungokwesithathu izinyanga zilandelana

Usesebenzela ukungena emakethe enkulu okhiqiza ugologo womoba. INTATHELI YOMBELE iyabika

UBHUKULELA ukugcina zonke izimfanelo ezidingekayo ukuze umkhiqizo wakhe ongajwayelekile ufinyelele kubathengi futhi umngenisele imali oqale ibhizinisi lokugaya ugologo womoba ngoba kwehla isivuno esikhiqizwa ngamasimu omoba. 

Ukubanhlakanhlaka kwabasiza osomabhizinisi abancane kwenza kubenzima ukuthi basizakale, kusho umelekeleli. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNGABASIZA osomabhizinisi abancane ukuthi zonke izinhlangano nezinhlaka ezizama ukubasiza zibambisane ukuze usizo lutholakale endaweni eyodwa ukwenzela ukuthi kube lula ukuthi lutholakale esikhundleni sokuthi balufune ezindaweni ezihlukene. 

Inxanxathela yezitolo zezimpahla ezinamagama iletha ithemba ngomnotho waKwaZulu-Natali. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUVULWE ngokusemthethweni i-Oceans Mall inxanxathela yezitolo edle ngamagama ezimpahla zokugqoka zomntakabani eziqalayo ukufika eThekwini, KwaZulu-Natali, okubhekwe ukuthi kulekelele ukuvuselela umnotho walesi sifundazwe.  

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Mxolisi ‘Dr Stressless’ Mhlongo, usomabhizinisi, oseke waqokwa kuma-SA Radio Awards ngo-2021, wawina indondo kumaSA Radio Awards ngo-2022. Uphinde futhi abe umsingathi wohlelo lwase kuseni kumsakazo Izwi Lomzansi FM

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa no-Mxolisi ‘Dr Stressless’ Mhlongo, usomabhizinisi, oseke waqokwa kuma-SA Radio Awards ngo-2021, wawina indondo kumaSA Radio Awards ngo-2022. Uphinde futhi abe umsingathi wohlelo lwase kuseni kumsakazo Izwi Lomzansi FM

Usefunde ukuhlelela izikhathi zobunzima uma kubhimba uhlelo. INTATHELI YOMBELE iyabika

IZINSELELO zebhizinisi zimfundise ukuthi angagxili emkhakheni owodwa. UNksz Thobile Mpontshane, onepulazi afuye izingulube kulo iMampontshi Farming & Fencing yaseVryheid, KwaZulu-Natali, uwumfuyi wezingulube nomlimo wamaveji.

Ibhange iqhamuke nesinye isixazululo ekushodeni kukagesi. USLINDILE KHANYILE uyabika

INSELELO kagesi isivule amathuba emabhizinisini amancane namakhulu. Kuleli sonto elinye lamabhange amakhulu eNingizimu Afrika iFNB limemezele ukuthi selibolekise ngemali ecela kuR1 billion ngohlelo lwayo i-ecoEnergy home loan, eyalwethula ngo-2021 lwabantu abasuke bezofaka ingqalasizinda yokudonsa ugesi ongaphehlwa ngamalahle.

IKhomishini yokuNcintisana izofakela izibuko ukusebenza kwabalimi bamaveji nezithelo eyokuvaleleka ngaphandle kwabalimi abancane. WUSLINDILE KHANYILE

LUYAQALA ngoLwesihlanu uphenyo lweKhomishini yokuNcintisana oluzobheka imboni yezolimo olugxile kumaveji nezithelo ukubheka ukuthi azikho yini izinto ezingqinda ukuncintisana.

Selufike qathatha uhlelo oluzophendula amatafula ekuphatheni ama-tuckshop emalokishini nasemakhaya. UTEBOGO MOKWENA uyabika

INHLANGANO yamabhizinisi amancane asemalokishini nasemaphandleni i-eKasi Entrepreneurs izokwethula umkhankaso ozokwenza izakhamuzi zakulezi zindawo zikwazi ukuba ngabanikazi, ziqashise futhi ziphathe izitolo ezincane ngisho zingekho khona siqu.

Amehlo athe njo kuNgqongqoshe obheke umNyango kaGesi, umnotho uthwele kanzima nezikhamuzi zikhala mihla namalanga. INTATHELI YOMBELE iyabika

EKUGCINENI ngemva kokwethembisa ukubeka ungqongqoshe omusha ozolungisa inkinga kagesi egubuzele izwe nekhinyabeza umnotho nekhalisa izakhamuzi, umengameli uCyril Ramaphosa ugcine eqoke uDkt uKgosientsho Ramokgopa abewuNgqongqoshe kaGesi izolo ebusuku. 

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noMduduzi Nombela, umculi, umdansi nomlingisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini. KwiMbewu: The Seed udlala indawo kaPhunyuka Khanyile kanti kuZalo wayewuBhomu. Kweminye imidlalo yeshashalazi aseke walingisa kuyona yiBigly Yuge, i-Mashu The Musical, i-10 Days in a Shebeen, i-House of Shaka ne-Lion King

Usemncane wawuphiwa imali?
Hhayi cha, ngangingaphiwa. Isikole sasiduze nasekhaya, ngakho ngangivele ngigijime ngiyodla ekhaya bese ngiphindela esikoleni.

Izinguquko ezisanda kwethulwa kwiKhabhinethi yaseKZN zilethe ushintsho emNyangweni wezoLimo njengoba kuqokwe ungqongqoshe omusha uMnu uSuper Zuma. UZuma uneminyaka eyilungu lesiShayamthetho kanti wake wawunobhala we-ANC esifundazweni. Umbele ubuze abalimi ukuthi yini abafisa uZuma ayibeke eqhulwini

UMnu uMthokozisi Goba uthe: “Akashintshe indlela uphiko lokuthenga izimpahla olusebenza ngayo kungabi yiCedara eyenza yonke into, kwenziwe yizifunda.” 

UNks uZinhle Msomi uthe: “Akeze kithina kuzo zonke izifunda eKZN.”

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page