Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa.
KUZOSHUSHISWA inkampani ekhiqiza igesi iSasol Gas ngoba isolwa ngokukhokhisa amakhasimende amanani aphezulu kunokufanele ngabe iyawanquma.
OWAYEWUMSHAYELI webhasi osecishe afane nempumputhe ngenxa yokuhlaselwa abantu abamngenela kwakhe usevuke wazithatha njengoba esanda kuwina umklomelo wokuba wumlimi wesifazane.
UYAQHUBEKA umsangano womshwalense wezempilo ezweni lonke i-National Health Insurance (iNHI) yize ubheda unjalo. Into enginesiqiniseko sayo wukuthi ngeke uholele ekuphuculeni ezempilo eNingizimu Afrika. Empeleni kunengozi yokuthi kwenzeke okubheda kakhulu.
UNYAKA uhamba ngokushesha impela, akukholakali ukuthi sesiphakathi nawo njalo. Ngesikhathi uqala unyaka, sonke sasimatasa sihlanganisa izinhlelo nezinjongo zethu zezimali.
EZINSUKWINI ezintathu ezedlule kushiswe amaloli athutha izimpahla awu-15 ezifundazweni ezintathu.
ININGIZIMU Afrika kufanele ishintshe indlela ebuka ngayo izinhlangano eziyimifelandawonye ukuze ifukule umnotho futhi ikhulise osomabhizinisi abanamabhizinisi angabhalisiwe.
Lona wumhlangano wabaqoqintela, izinhlangano zakwamanye amazwe nongoti balo mkhakha ababhunga kuwo ngezindaba ezithinta ukuphatha intela. “I-African Union Commission yalinganisa ukuthi imali engeniswa ngezimpahla ezidayiswa ngokungemthetho iphakathi kuka-EUR48 billion no-EUR77 billion … Read More
Isikhulu esiphezulu uNks uCordelia Sachiti naso siyashiya ekupheleni kuka-Agasti. Elinye ilungu lebhodi elisulile wuNks uMasego Motloba. Sekuneminyaka kunemibiko yokuthi izinto azihambi kahle kule nkampani njengoba kwake kwavela nokuthi kunezikole ezimbili … Read More
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngangikhokhelwa noma ngithengelwe izidingo zangaleso sikhathi kuphela.
Le nhlangano engenzi inzuzo yayifake lesi sicelo isebenzisa umthetho ogqugquzela ukuthi kutholakale ulwazi, i-Promotion of Access to Information Act.
KUZOBUTHANA ongoti embonini yobuchwepheshe nokuxhumana engqungqutheleni iConnected Africa Summit yesithathu ezoba seMontecasino eGoli, eGauteng, kule nyanga.
NGESONTO elizayo kuzoqala uhlelo lokuthi iPhalamende laseMelika libuyekeze ukuthi yimaphi amazwe okufanele ahlomule kwi-African Growth and Opportunity Act (i-Agoa).
UMNIKAZI weSmeja’s Fresh Harvest Piggery wayengalindele ukuthi uyogcina enepulazi lezingulube ngesikhathi ethenga ingulube yakhe yokuqala.
EMBONINI okukhonya kuyo izinkampani ezinkulu ezidayisa uphethroli, kunenkampani encane enyakazisa izinto edayisa udizili.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Cha, ngoba ngikhulele emndenini ongamile kahle.
ISIBALO sabantu abangasebenzi sehle ngo-21 000 eNingizimu Afrika ngekota yokuqala yango-2023 uma kuqhathaniswa nekota yokugcina yango-2022.
INKAMPANI edayisa ukudla iShoprite imemezele ukuthi isiqoke uMnu uSipho Maseko noSolwazi uHlengani Mathebula njengamalungu amasha ebhodi yawo kusukela ngoLwesibili.
SIYAKUJABULELA ukwehla kokucinywa kukagesi kodwa akusho ukuthi kufanele sisonge izandla. Indlela ugesi wethu oyiyona awukwazi ukweseka umnotho wethu.
KUBALULEKILE ukuhlelela umhlalaphansi. Ucwaningo olusha luthole ukuthi bawu-36% kuphela abantu baseNingizimu Afrika abanesikhwama somhlalaphansi.
NAMHLANJE ngithanda sibheke indaba yama-business forum asegcwele izwe lonke adle ngokuphanga imisebenzi embonini yokwakha.
NGUYE kuphela umlimi omnyama odayisela inkampani enkulu eyenza imikhiqizo yobisi i-Orange Groove. Wumvuzo lona awuzuze emva kokudlula ebunzimeni obucishe bamlahlekisela ngepulazi.
KULINDELEKE abantu abaphakathi kuka-35 000 no-48 000 ukuthi batheleke eThekwini, KwaZulu-Natali, ngempelasonto esiya kuyona ukuzokwethamela umjaho wamahhashi waminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ngoMgqibelo.
AKAWUVALI umlomo uNksz u-Ennie Ndhlovu ngeMpumalanga Youth Development Fund emsize ebhizinisi lakhe lokuguqula imfucuza i-Untum Recycling.
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, ngangiphiwa kodwa hhayi njalo.
KUSUKELA ngempelasonto kunenkulumompikiswano ngohambo lwezicebi ebezivakashele phansi kolwandle ngoba zithi zifuna ukuyobona lapho kwasalela khona izinsalela zomkhumbi owacwila kudala iTitanic.
KUQHUBEKILE ukuba ngcono ukwehla kwamandla emali njengoba ngoMeyi kube wu-6.3%, kusuka ku-6.8% ngo-Ephreli.
UKUPHASISWA komthethosivivinyo we-National Health Insurance (iNHI) ePhalamende wumdlalo nje ongeke usiyise ndawo uhulumeni aqonde ukuwudlala.
NGITHANDA sibheke indaba yesikhungo esisha umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane ophethwe wuNgqongqoshe uStella Ndabeni-Abrahams afuna ukusethula emva kokufaka isicelo ePhalamende.
UKUHLALA ekhaya ngesikhathi se-COVID-19 kumzalele ibhizinisi le-sauce ebabayo. UMnu uLinda Khuzwayo wasePhoenix, eThekwini, KwaZulu-Natali, uwumsunguli wenkampani iSamambedu ekhiqiza i-sauce kapelepele, iSlomo Chilli Sauce.
WADAYISA izinkomo ezimbili ukuze athenge urisho ngoba efuna enye indlela azoziphilisa ngayo kanti ngenakthi eqala ibhizinisi lalihamba kahle impela ngoba wakwazi nokulungisa kwakhe eCiyane, KwaNongoma, KwaZulu-Natali.
KUHLONYISWE osomabhizinisi abasafufusa nabafisa ukuba namabhizinisi ngolwazi lokukhulisa amabhizinisi nokuphatha imali emcibini obuhlelwe yibandla lasemaRomeni iSacred Heart eMontclair, eThekwini, KwaZulu-Natali ngoMgqibelo.
UMNOTHO waseNingizimu Afrika ungaphazamiseka uma ingayeka ukuhlomula kwi-African Growth and Opportunity Act (i-AGOA) kanti imboni engalimala kakhulu eyezinkampani ezikhiqiza izimoto.
NGESONTO elidlule kuqale enye indlela entsha yokusebenzisana phakathi kosomabhizinisi nohulumeni. Emhlanganweni obuse-Union Building, izinhlangano zamabhizinisi nezikhulu eziphezulu zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika zihlangane nomengameli nongqongqoshe abaningi ukubhunga ngecebo eliphuthumayo lokubhekana nezinkinga ezisixakile siyizwe.
INKULULEKO yezimali iyatholakala uma ufuna ukufunda ngayo. Kwabazimisele ukusebenza kanzima ukuyizuza kunezincazelo eziningi zokuthi isho ukuthini.
ISIFIKILE inyanga lapho izinhlelo eziningi ezenziwayo zigxila ikakhulukazi entsheni yezwe. Sonke siyazi ukuthi yiningi intsha engasebenzi, yiningi futhi intsha efundile kodwa ihleli emakhaya neziqu, imisebenzi ayikho.
SEBEDAYISELA izitolo ezinkulu omakhelwane baKwaMaphumulo, ngasogwini olusenyakatho yaKwaZulu-Natali, abahlangene ngebhizinisi lokufuya izinyosi.
UHULUMENI usutshale uR66 billion uxhasa amabhizinisi asemalokishini kusukela ngo-2003 usebenzisa izikhungo zawo ezihlukene, kanti amabhizinisi ahlomulile angaphezu kuka-1 000.
NGESONTO elidlule umCwaningimabhuku-Jikelele uNksz uTsakani Maluleke ushicilele umbiko okhombisa ukuthi iphathwe kanjani imali komasipala ngonyaka wezimali u-2021/22. Lo mbiko uveze ukuthi bahlehlele emuva omasipala.
UKUKHUPHUKA kwamanani ezinto nokubiza kwempilo kuzwela kakhulu kubantu abantulayo futhi yibona asebedonsa kanzima kakhulu njengoba kukhuphukile ukwehla kwamandla emali.
IYAQHUBEKA imizamo yokuvuselela imboni yezokuvakasha eThekwini, KwaZulu-Natali, kwazise le mboni ingenye yezakhahlamezeka kakhulu ngenxa ye-COVID-19.
OSOMABHIZINISI bakulangazalele ukubona wonke umuntu eNingizimu Afrika enomshwalense wezempilo kodwa kufanele kube yinto ezokwenziwa ngendlela esizokwazi ukumelana nayo futhi ezokwenza sikwazi ukusebenzisa izinsiza uhulumeni anazo.
NANSI indaba engithanda siyibhekisise kuleli sonto engibona sengathi osomabhizinisi abaningi abayinakile ukuthi inomphumela omkhulu ekutheni amabhizinisi abo angafinyeleli ezingeni abafisa afinyelele kulona.
I-SA POULTRY Association (iSapa), engabanye babantu abavuma umhlahlandlela wale mboni i-Poultry Sector Master Plan, izophikisa ukuthi iNingizimu Afrika iqhubeke nokuba yingxenye yesivumelwano se-African Growth Opportunity Act (i-Agoa).
CISHE baningi abakhathazekile ngokushintsha kwesimo sezulu. Kuthiwa isizathu esinye sezizathu eziholela ekuguquguqukeni kwesimo sezulu wukuthi imvelo ayinakekelwa ngendlela efanele njengokulahla udoti ezindaweni ezingafanele.
UKHULELE emndenini owawungaswele eDikeni, eMpumalanga Kapa, kodwa uyayazi kahle impilo yemindeni entulayo.
UPHIKO lukahulumeni oluxhasa amabhizinisi asafufusa ngemali iSmall Enterprise Finance Agency (iSefa) enye inkampani elisebenzisana nalo kungenzeka ukuthi ibikhokhela izinkampani ezingekho imali.
OMASIPALA bahlehlele emuva endleleni abaphathe ngayo imali ngonyaka wezimali wango-2021/22 njengoba sehlile nesibalo sabathole imibiko engenagcobho kanti esabangathumelanga imibiko ngesikhathi sinyukile.
IZWE lethu lidinga abantu abanamakhono bakwamanye amazwe ngokushesha kodwa uhlelo lokukhipha izimvume ezibavumela ukuzosebenza eNingizimu Afrika, phecelezi ama-visa, lwenza kube nzima ukubathola. Loku kwenza kube lukhuni ukuthi osomabhizinisi bakhulise izinkampani zabo.
KULE ngosi ngithanda sibheke udaba lwama“bhanoyi”, phecelezi ama-pyramid scheme.
IPULAZI labalimi besifazane elisebenzisa indlela yokutshala yezobuchwepheshe bokuzichelela, phecelezi i-hydroponic farming, ngelokuqala eliphethwe ngabantu besifazane abamnyama ezweni elidayisa amakinati ama-macademia phesheya.
INTOKAZI yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali inqume ukuxosha ikati eziko ngokusungula ibhizinisi elingavamile elokishini, ibhizinisi elenza uphaya.
INTSHA eningi eqede isikole ebhekana nengwadla yokungawutholi imisebenzi. Intsha ekholelwa kwisiqubulo esithi “uzoyithola kanjani uhleli ekhoneni?” isivame ukuziphilisa ngokuvula amabhizinisi amancane.
UKUKHUPHUKA kokwehla kwamandla emali kuthe uba ngcono ngo-Ephreli njengoba kube wu-6.5%, kusuka ku-7.1% ngoMashi.
CISHE asisafuniseli ukuthi nakanjani kulobu busika ugesi uzocinywa ngokwesigaba sesishiyagalombili. Ukushoda kukagesi owu-15GW kuzosibeka esigabeni sesihlanu kanti uma kuke kwakhona enye into efayo, sizokhuphukela ezigabeni ezilandelayo kusukela lapho.
UKUTHATHA imalimboleko entsha noma ikhadi lesikweletu esisha ukuze ukhokhele ezinye izikweletu zakho ezincane wukuhlanganisa izikweletu eziningi imalimboleko ibe yodwa.
KULELI sonto kunodaba olungihlabe umxhwele lwensizwa yakwaJacobs uNigel, engahlangana nayo ngonyaka odlule.
UKUBIZA kukamanyolo kulezi zinsuku kuholela ekutheni abalimi basebenzise imali eningi bethenga umanyolo. Abanye sebeze banciphisa amasimu abawalimayo ngenxa yezindleko. Bahlale befisa ukuthi zehle izindleko zawo.
AKAPHATHEKANGA kahle ngelinye ilanga esamncane esikhungweni sezempilo kade egula. Wanquma ngaleso sikhathi ukuthi uzoba wudokotela oyophatha kahle iziguli. Kwaqondana nokuthi vele uyaziphuzela kwisayensi nezibalo.
ABANINGI bayichaza njengempuphu yoqobo yokwenza isiphuzo se-ginger emnandi kunazo zonke eNingizimu Afrika. Inhloso yabanikazi beGinja Gemere wukusiza abantu baziqalele amabhizinisi abo ngokuthenga le mpuphu bese beyazidayisela yona.
OSOMABHIZINISI abasafufusa bazoba sethubeni lokuthola abatshalimali abazoxhasa amabhizinisi abo engqungqutheleni yabatshalimali i-World Congress of Angel Investors WBAF yango-2023.
UMA iNingizimu Afrika ingakhishwa kwi-African Growth Opportunity Act (i-AGOA) ngeke kusho ukuthi ngeke isakwazi nhlobo ukuhweba neMelika kodwa kumqoka ukuthi ibulungise ubudlelwano bayo naleli zwe ukuze ivikele umnotho wezwe. Kepha futhi akusho ukuthi kufanele ivumele iMelika igcogcome ekhanda layo.
UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uthi uhulumeni kuzofanele uthole indlela yokonga uR37.4 billion ngo-2023/24 ukuze uvikele umnotho ngenxa yengcindezi edalwa yimali okufanele iholelwe izisebenzi zikahulumeni nosopolitiki.
INHLOSO yeBusiness Leadership South Africa (iBLSA) wukusungula indawo enhle osomabhizinisi abangasebenzela kuyona.
NAMHLANJE ngifisa sibheke udaba lwezibalo ezintsha zabantu abangasebenzi ezweni ezikhishwe izolo.
ZIMBILI izinto eziholele umfuyi waseTzaneen, eLimpopo, kwezolimo – uyise onebhizinisi lamaqanda nendawo adabuka kuyona.
IKHOMISHINI yokuNcintisana isiphakamise ukuthi iCompetition Tribunal iphasise ukuthi kuhlanganiswe iTakatso Aviation neSouth African Airways. Nokho kunemibandela ethinta amasheya nemisebenzi eyibekile.
UMNU uMfundo Mabaso, i-growth head yeFNB Home Finance, wumuntu olwela ukuthi abantu babe nemizi, kuthuthukiswe imigomo okuhloswe ngayo ukuthi kube nemizi ebiza kahle futhi ugxile kakhulu kbantu abangaxhaswa wuhulumeni.
UKUSEBENZA ngezinsuku ezithile obekwenziwa ngenkathi kuhlasele i-COVID-19 kumkhuthaze ukuthi asule emsebenzini ayofeza iphupho lakhe lokuzimela.
NGESONTO elidlule uKhomishana wesikhwama sikapoyinandi (i-UIF) uMnu uTeboho Maruping uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ngokuthi kuzovalwa ama-akhawunti azo asebhange futhi zidlelwe izimpahla uma ziqhubeka zingabambisani nabacwaningimabhuku.
UBENIKELA eGoli, eGauteng, ayothenga i-toilet paper bese engena umuzi nomuzi ngakubo eyidayisa. Loku sekugcine kuzale inkampani yakhe ekhiqiza leli phepha.
ISONGWA namhlanje ingqungquthela yaminyaka yonke yokugqugquzela ezokuvakasha e-Afrika, i-Africa’s Travel Indaba.
I-BUSINESS Leadership South Africa (iBLSA) isebenzela ukuqinisekisa ukuthi kunendawo efanele okusebenza kuyo osmabhizinisi. Loku kubalulekile ukuze kukhule umnotho, kutshalwe imali kube khona nemisebenzi.
NAMHLANJE kule ngosi sibheka indaba yesikweletu. Isikweletu yisimo sokuthola into manje kodwa uyikhokhele ngesinye isikhathi nenzalo ngaphezulu.
KULELI sonto ngithanda sibukisise futhi sicubungule kahle indaba yokuthi singabazali kumele sisukume sakhe ulwazi lwabantwana bethu ngamabhizinisi. Cha, loku akusho ukuthi wonke umntwana uzokhula abe wusomabhizinisi.
USEPHAKELA izitolo ezinkulu zokudla usomabhizinisi onebhizinisi elikhiqiza i-yoghurt namasi.
UNKSZ u-Annah Ngxeketo, unqume ukwenza izinto ngendlela ehlukile enkampanini yakhe yezokuthutha ngoba ngoba wabona ukuthi ibhizinisi lezokuthutha likayise alifinyelelanga lapho kwakufanele ngabe lafinyelela khona.
Usemncane wawuphiwa imali? Yebo, ngangiyiphiwa. Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange kanti wayivula kuliphi? Ngayivula eCapitec ngineminyaka ewu-17. Yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali ekukhuleni kwakho? Ngikhumbula ukuthi uR5 wawuyigugu kakhulu, (wawukhipha isidlo) … Read More
UMNYANGO wokuQasha neziSebenzi uxwayise izinkampani zaKwaZulu-Natali ukuthi uzomisa ukusebenza kwama-akhawunti azo asebhange futhi udle izimpahla zazo uma ziqhubeka zinqaba ukusebenzisana nabacwaningimabhuku abajutshwe ohlelweni “iFollow the money”.
KWETHULWE imali entsha eNingizimu Afrika izolo nezoqala ukutholakala namhlanje. IBhange loMbuso lithe le mali entsha ezokwethulwa kancane kancane iphuculiwe ukuqinisa ukuphepha kwayo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi ukuthi baphumelele.
UQHAMUKE nendlela yokukhangisa engejwayelekile emkhakheni akuwona ozama ukukhuphula ibhizinisi njengoba ema emgwaqweni kuhle kwabantu abadayisa izithelo, amaveji, uswidi nokunye.
NGIVAMILE ukubhala ngemizamo yethu yokuphucula indawo amabhizinisi asebenzela kuyo; okungaba yizixazululo zenkinga kagesi noma ukubhekana nezinselelo esinazo ngezokuthutha.
NAMHLANJE ngithanda sibheke isasasa esilibone ezinsukwini ezedlule ngesiphuzo esisanganise abantu abaningi emhlabeni nesesinedumela naseNingizimu Afrika.
ABALIMI abasafufusa bangenisile emkhakheni wokutshala amakhowa, umkhakha odinga imishini ebheka ukuthi izinga lokushisa lingakanani ukugwema izifo ezingabulala umkhiqizo.
<p>Javascript not detected. Javascript required for this site to function. Please enable it in your browser settings and refresh this page.</p>
To provide the best experiences, we use technologies like cookies to store and/or access device information. Consenting to these technologies will allow us to process data such as browsing behavior or unique IDs on this site. Not consenting or withdrawing consent, may adversely affect certain features and functions.
The technical storage or access is strictly necessary for the legitimate purpose of enabling the use of a specific service explicitly requested by the subscriber or user, or for the sole purpose of carrying out the transmission of a communication over an electronic communications network.
The technical storage or access is necessary for the legitimate purpose of storing preferences that are not requested by the subscriber or user.
The technical storage or access that is used exclusively for statistical purposes.
The technical storage or access that is used exclusively for anonymous statistical purposes. Without a subpoena, voluntary compliance on the part of your Internet Service Provider, or additional records from a third party, information stored or retrieved for this purpose alone cannot usually be used to identify you.
The technical storage or access is required to create user profiles to send advertising, or to track the user on a website or across several websites for similar marketing purposes.
Manage consent