BAKHULUMA NGEZENZO
NGESONTO elidlule abanye babantu ababefunda eNkamana High School eVryheid, enyakatho yeKwaZulu-Natali, baqale imicimbi yokugubha iminyaka ewu-100 kwasungulwa lesi sikole esakhiwa yizindela zasemaRomeni ezazidabuka eJalimane, eYurophu.
Laba bafundi bakudala abanye babo abangama-accountant , odokotela, ababhali nosomabhizinisi bebehlele isidlo sasekuseni lapho bebebhunga khona ngezemfundo, amabhizinisi nezombusazwe.
Bekungahlangenwe kuphela ngokuthi kukhulunywe ngezinselelo iNingizimu Afrika ebhekene nazo ngoba wonke umuntu uyazazi kepha bekugxilwe ekutholeni izisombululo.
Into enhle-ke ngalaba bantu wukuthi abandile ngomlomo kuphela kodwa bayakhuluma ngezenzo zabo. Izikhulumi zosuku ngabantu asebesukumile baqhamuka nezixazululo kwezemfundo nakwezombusazwe.
UNksz uSbusisiwe Myeni, umsunguli nesikhulu esiphezulu seMbeleko Foundation usesungule isikole esizimele iMbeleko Academy, isikole esizosebenza ngokugcwele kusukela ngonyaka ozayo.
Yisikole lesi asiqale ngenhloso yokukhulisa umsebenzi aseneminyaka ewu-12 awuqala wokuzamela ingane yomuntu omnyama entulayo imfundo engcono.
Ziwu-75 izingane ezifunde ema-boarding school zixhaswe yiMbeleko. Kulezi zingane kukhona eseziphothule iziqu ezikhungweni zemfundo ephakeme futhi esezisebenza.
UNksz uMyeni, osebenzisana nane-UCT Online High School, uhlela ukuzandisa lezi zikole, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Yiloku-ke okudingwa yiNingizimu Afrika – abantu abaqhamuka nezisombululo futhi abangahlonizi ngokuthi into abayiphokophele wukuphucula impilo yomuntu omnyama.
Nakwezombusazwe, yize abantu bengayi nganxanye bengemanzi kodwa kuyancomeka ukuthi noMnu uNtokozo Biyela, obengesinye sezikhulumi ngalelo langa, usekhethe ukuthi afake isandla ngoba engeneme kwipolitiki.
UBiyela, owusomabhizinisi uwumholi weBuild One South Africa (iBosa), KwaZulu-Natali, inhlangano entsha eholwa wuMnu uMmusi Maimane.
Kuseva-ke ukwazi ukuthi iBosa izokwenza muphi umehluko ezweni kodwa yinto enkulu ukuthi uBiyela ukhethe ukusukuma kube khona akwenzayo.
Sengathi nabanye bangasika iphethini kumaNkamanite.

