Oshiye ubuthisha wangena ebhizinisini lama-video esimanje uyivulandlela. Uxoxe no-ANELISA CENTANI
EMBONINI kaqedisizungu, iCFMK 360 Video Booth ingenye yezinkampani zobuciko esizakhele igama ngokuhlanganisa ama-video angajwayelekile aziwa ngokuthi ama-360 degree video angenisile emicimbini.
UMnu uFortune Masuku, oneminyaka ewu-27 nodabuka eMpumalanga, usungule ibhizinisi lakhe ePitoli naseGoli, eGauteng, ngonyaka odlule. Uqashisa nge-360-degree video booth ngoR1 500 ihora.
Ukholwa wukuthi inkampani yakhe ihlukile ngoba inika amakhasimende ithuba lokuzihlelela indlela afisa ukuhlobisa ngayo.
I-CFMK 360 Video Booth inikana nethuba lokukhangisa, yingakho bevumela amakhasimende azihlobisele, futhi azihlanganisele ama-logo. Baqopha ama-video aseqophelweni eliphezulu.
Usesebenze nezinkampai ezifana ne-EY South Africa. Eminye yemisebenzi amatasa ngayo ngalesi sikhathi yiStudent Expo e-University of Johannesburg. Unesifiso sokusebenzisana neWits University kanti uthe akaziboni ephindela ekubeni wuthisha.
UMasuku uyeke ukuba wuthisha ngemva kokuthola ithuba lokuba yi-videographer. Uthi kade akuthanda ukuba wuthisha futhi wenza i-Honours ekufundiseni izifundo zesayensi, ubuchwepheshe, ezobunjiniyela nezibalo, ezithi uma zihlanganisiwe zibizwe nge-STEM.
UMasuku wazidela, wazama inhlanhla, uma ebona isikhangiso se-360-video booth. Uthi: “Ngesikhathi ngibona isikhangiso kuFacebook, kukhona into eyathi angizame inhlanhla. Ngangingakucabangi ukuthi kungenzeka ngihluleke.”
Utshale uR20 000 ebhizinisini okukhona ne-app ayisebenzisa ukuhluza ama-video, i-ring light nomshini we-360-video booth. Konke ukuhlanganise eChina.
UMasuku uqale ibhizinisi lakhe ngokuqopha imicimbi yamasonto. Wathola amakhasimende okuqala esontweni kanti ukholwa ukuthi yiwona ameseka kakhulu. Uthe waqale wadonsa kanzima ngoba ama-video akhe ayemnyama.

“Ngesikhathi ngiqala, ngangingazi ukuthi ngidinga ama-ring light ukuze ama-video abeseqophelweni elifanele. Ngangingazi nge-Canva app futhi kudingeke ngifunde ukuhluza ngisebenzisa i-app.”
Omunye wabantu abamsiza ukuhluza ama-video wuMnu uMakhosini Mthethwa.
“Ngaba nenhlanhla yokwazana nabantu abakwaziyo ukusebenzisa imishini futhi ababehlale bezimisele ukungisiza.”
UMasuku uqashwa ngoR1 500 ihora kodwa kuya nokuthi yisiphi isikhathi sonyaka, ezinye izikhathi ziphoqa ukuthi awehlise amanani.
UMasuku uthi isibuyile imali ayitshala ebhizinisini futhi akazisoli ngokuyeka ukuba wuthisha ngoba leli bhizinisi lakhe liyisiqalo sendlela ebheke empumelelweni.
“Kumqoka uma uwumholi ukukwazi ukushintsha indlela owenza ngayo izinto ngoba izinto zishintsha masinyane emhlabeni. Ngiwumuntu okholwa wukuthi kufanele ahlale ephucula indlela engenza ngayo. Ngizibona ngelinye ilanga nginebhizinisi lokwakha futhi ngethula izinkulumo ezikhuthazayo,” kuphetha yena.
Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

