Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLinda Gcwensa, umbhali wezingoma nomculi we-RnB wodumo lwengoma ethi Ngamthand’ Umuntu. Usanda kukhipha i-albhamu yesithathu ethi Kukude Emathandweni
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo, kodwa kwakungavamile ukwenzeka.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?
Ngo-2009, ngayivula eFNB.
Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Ngifunde ukuthi uma uthola imali, ungayisebenzisi yonke, akube khona oyibekela ingomuso.
Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?
Ngo-2007, ngisebenza egaraji likaphethroli, ngihola uR1 200.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Noma ngingasakhumbuli kahle kodwa ngiyazi ukuthi ngayisebenzisa ezidingweni zasekhaya.
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?
Wukuzithuthukisa empilweni nakwezobuciko, okusize kakhulu ukwenza ngaba wumuntu abantu abangazi ngiwuyena manje.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Wukuba nomusa kuze kweqe ngemali, okugcine kwenza abanye abantu bakusebenzise kabi kwesinye isikhathi.
Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?
Cha, angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi kumele uzijwayeze ukonga nokubeka imali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingalisebenzisa ukuqala amabhizinisi angahlangene nomculo ukusiza ukuthi ngikwazi ukuziphilisa uma kungasahambi kahle emculweni.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Ngingathi uma kusabahambela kahle emculweni, abaqinisekise ukuthi benza izinto ezizobasiza ukungenisa imali, hhayi ukuyibhubhudla bagcine bengenalutho uma sekuphele udumo.