Kukhunjulwe isishabasheki sokuthuthukiswa kwamabhizinisi amancane. ULANGA KHANYILE uyabika
UBEBUKHALI, eyisifundiswa, enobuntu, enesibindi, eyivulandlela, ethanda intuthuko yomphakathi, ewumKhatholika wokuqina futhi ethanda umndeni wakhe.
Ngezinye zezinto ezishiwo yizikhulumi zikhumbula uDkt uProtas Madlala, odlule emhlabeni ngokugula ngoLwesihlanu oludlule, enkonzweni yesikhumbuzo ebiseMarianhill Monastery, eThekwini, KwaZulu-Natali izolo. Ubeneminyaka ewu-68.
UMadlala obesedume ngokuba wumhlaziyi wepolitiki, wake waba yintatheli ye-Natal Mercury, umhleli wephephandaba labafundi oNgoye nesikhulu sesikhungo esithuthukisa amabhizinisi amancane, iSmall Enterprise Development Agency (iSeda).
Ngemva kokuphothula uMatikuletsheni, uMadlala wethweswa i-BA: Philosophy and Political Science, oNgoye. Ngo-1984 waphothula izifundo zakhe e-American University in Washington DC, wagcina ethweswe i-Master’s in Communications.
Waqopha umlando nentokazi yomlungu yaseMelika uSuzanne Leclerc ngenkathi kugunyazwa umshado wabo ubesemthethweni ngenxa yokuthi ukushada kwabantu nabelungu kwakuyicala elibomvu ngokomthetho kahulumeni wamaBhunu eNingizimu Afrika.

Waba yiphela endlebeni kuhulumeni wobandlululo ngokuba ngomunye wabasunguli benhlangano yomphakathi iSave St Wendolin’s ngama-1980 ukulwa nokususwa kwabantu baKwaSanti endaweni yabo ngenxa yemithetho yobandlululo.
UMadlala ubevame ukuncokola ngokuthi waqala ukusebenza ngokwelusa kanti uthi cishe ngabe akafundanga ukuba akubanga ngamasistela aseMarianhil ancenga ugogo wakhe ukuthi amdedele ayofunda ngoba ehlakaniphile.
Esinye sezikhulumi uMnu uSiphiwe Hlophe sithe: “Ukukhalipha kwakhe ngakubona efunda uStd 6 KwaSanti. Ngenxa yokuthi yayingekho imali yokuya ekolishi, walusa izinkomo. Sasithi uma siya esikoleni, yena wayelusa izinkomo.
“Ngale kokuhlakanipha esikoleni, wayenamanye amakhono; njengokudlala ibhola. Ngenxa yekhono lakhe, wayethathwa yizikhulu zeqembu iWinterton yaKwaSanti ngezimpelasonto, aye kodlala kwaSanti, eKlaarwater naseClermont.”
UDkt Mbongeni Hlongwa owethule ugalagala lwesifundiswa uSolwazi osathatha umhlalaphansi kodwa osasebenza uPaulos Zulu uthe: “UDkt uMadlala ubephana. Ngikhumbula ngo-2017 eyisikhulu esiphezulu seSeda (i-Small Enterprise Development Agency) asiyitholanga imali yokuxhaswa wuhulumeni. Wathatha isikweletu ngegama lakhe ukuze akhokhele izindleko zesikhungo nokuholela abasebenzi.”
Mhla ka-14 Meyi ngo-2017 i-Sunday Tribune , ibhala ngomsebenzi wakhe eSeda yabika ukuthi ihhovisi leSeda eThekwini “Liholwa nguye, ihhovisi lakhe lakhiqiza osomabhizinisi abaningi ukuwedlula wonke ezweni, abantu bethutheleka ukuzofuna usizo emnyangweni wakhe”.
UMadlala wathi: “I-Seda isebenza ezweni lonke, ihhovisi ngalinye ngokuzimela. Kepha semukela abantu abasuka kwezinye izindawo ngokomthetho okungafanele engabe sibayalela amahhovisi angakubo eSeda kodwa sathatha isinqumo siyithimba ukuthi ngeke sibavalele abafika bezocela usizo lwethu. Ngenxa yaloko, siwaqwaqwada ekhanda amanye amahhovisi eSeda ezweni ngokusebenza.”
UZulu uthe: “Maye, konje umuntu uqala kuphi? Kwakungu-1986 ngiqala ukumazi. Wazethula wathi uwuProtas. Waqala wakhuluma. Ngaqala angangamnaka… Ngemva kwesikhashana ekhuluma, washo into eyangikhexisa. Wathi kunesidingo sokuthi thina zifundiswa sibambe iqhaza ekuthuthukiseni umphakathi.”
UZulu uthe akuphelanga sikhathi baqala uhlelo lokucija umphakathi. Kulolu hlelo, ngaphansi kwesandla sikaMadlala kwaphuma abantu okubalwa kubona uBen Sikhakhane nabanye.
“(UMadlala) ubekwazi ukuhlanganisa ukuba yisifundiswa nokuhlala phezu komkhono. Ngenkathi iNyuvesi yaKwaZulu-Natali imhlonipha ngeziqu zobudokotela, kwasekukade kwasicacela thina esimaziyo ukuthi yase iphuzile.” Inyuvesi yamhlonipha ngeziqu zobudokotela kwi-Social Science (i-honoris causa) ngo-2019.
UMnu uNhlakanipho Zulu, uqweqwe lwentatheli yomsakazo, ekhumbula uMadlala njengomhlaziyi wepolitiki, uthe: “Abantu abanesibindi njengoMadlala basisiza kakhulu. Wayenesibindi. Wayengenqeni ukukhuluma ngodlame lwaseMgungundlovu, ukuhlaziya kwakhe bekuhlukile, ubeqotho.”
Amadodakazi akhe, azinze eMelika, athe ayomkhumbula ngothando lwakhe, izimfundiso zakhe, ukuthanda kwakhe imvelo, ukuwethemba, ukufunda amaphephandaba nokuphana.

Ngenkathi kwethulwa Umbele akananazanga ukwedlulisa izilokotho kuleli ziko lezindaba zamabhizinisi eliyivulandlela. Wathi: “Eminyakeni eyevile kwewu-30 ngisebenza kwezokuthuthukisa abantu namabhizinisi, kungikhanyele ukuthi ukuthekela ulwazi kuyisiqalo nesinyathelo esibalulekile empumelelweni.
“Umbele, iziko elishicilela izindaba zamabhizinisi ngobuchwepheshe besimanje, lisungulelwe ukunika abantu bakithi lesi sikhiye nokukhanya okubheke empumelelweni.
“Ngiyakuthakasela ukusungulwa nomsebenzi woMbele okuzoba negalelo neqhaza ekuthuthukiseni amabhizinisi nempilo yomuntu onsundu.”
UMadlala uzongcwatshwa emathuneni aseMarianhill Monastery, “ikhaya” lakhe.