Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noSnenhlanhla Sabelo, umlingisi wemidlalo yethelevishini nomculi. Abantu abaningi bamaze ngendawo kaPopie ayeyilingisa emdlalweni we-etv osuwaphela, Imbewu: The Seed

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa eyokuphatha esikoleni kodwa kwakungabi yimali enkulu ngoba ekhaya sasingamile kahle. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqala sengiphothule uMatikuletsheni ngo-2009, ngayivula eCapitec. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhumbula ukuthi ekhaya bekungahlale kunemali, loko kwenza ngafunda ukuthi uma ikhona kumele ngiyisebenzise ngokucophelela. 

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale sengiqede uMatikuletsheni ngihola uR600. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngathenga ngawo izinto ezazishoda ekhaya, esala lapho ngathenga okuncane kokugqoka. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukuthenga ifenisha yasekhaya, ngenza izincwadi zokushayela ngalekelela nokuningi okuyizidingo zasekhaya zansuku zonke. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukusebenzisa imali ngokweqile nokuthi sekuke kwenzeka kaningi ukuthi uma ngisesitolo ngigcine ngithenga into ebengingahlelanga ukuyithenga.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze. 

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kumele uhlele ukuthi umholo wakho uzowusebenzisa kanjani ukusiza ukuthi ungamosi imali ezintweni ezingenasidingo uma usunemali.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqala ngokuthenga umuzi noma indawo engingakha kuyona umuzi, bese esala lapho ngenze ngayo izidingo zami bese ngizijabulisa.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi abaqikelele ukuthi leyo naleyo mali abayitholayo bayisebenzisa ngokucophelela ngenxa yokuthi umkhakha wethu unesikhathi sobumnandi nesobunzima, ngakho kusemqoka ukwenza izinto ezisemqoka uma usenemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page