ENYE yezinhlangano eziklelisa indlela amazwe abukwa ngayo uma efuna ukuboleka imali, iFitch ithe ngeke iyiguqule indlela eklelise iNingizimu Afrika ngayo yize kodwa ithe ilindele ukuthi ungakhuli nhlobo umnotho wezwe.

I-Fitch ithe iNingizimu Afrika isazokleliswa esigabeni uBB-, okusho ukuthi umhlaba ubuka Ningizimu Afrika njengezwe elizinzile.  Ithe ukukhula komnotho kukhinyabezwa wukucinywa kukagesi, amazinga aphezulu okungalingani, inkebenkebe yesikweletu sikahulumeni esiwuR4.3 trillion. 

NGOLWESINE iBhange loMbuso lizomemezela isinqumo esisha ngemalimboleko kanti osomnotho abaningi babheke ukuthi izonyuswa okokugcina kuleli sonto njengoba sekulindelwe ukuthi iqale yehle emhlanganweni olandelayo. 

Kusukela ngoNovemba wango-2021 iBhange loMbuso belilokhu linyusa imalimboleko, okuyiyona ndlela eliyisebenzisa kakhulu ukunqanda ukukhuphuka kokwehla kwamandla emali.  Osomnotho baseFNB bathe balindele ukuthi imalimboleko inyuke ngo-25 basis points kuleli sonto.  Isinqumo … Read More

KUFANELE ohulumeni batshengise ukuthi bazimisele ngempela ukulwa nesihlava sokuthi kube khona intela ephunyukayo ngenxa yabantu abadayisa izinto isinyenyela nabadayisa izimpahla zomgunyathi. Usho kanje uNgqongqoshe wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesikhathi ethula inkulumo kwi-13th Africa Initiative Meeting eKapa izolo. 

Lona wumhlangano wabaqoqintela, izinhlangano zakwamanye amazwe nongoti balo mkhakha ababhunga kuwo ngezindaba ezithinta ukuphatha intela.  “I-African Union Commission yalinganisa ukuthi imali engeniswa ngezimpahla ezidayiswa ngokungemthetho iphakathi kuka-EUR48 billion no-EUR77 billion … Read More

USIHLALO omusha webhodi lePembury Lifestyle Group uMnu uSiyabonga Zwane usesulile kulesi sikhundla emva kwezinsuku eziyisithupha ethathe izintambo. Le nkampani enezikole ezizimele nezindawo zokuhlala izaguga ibikade isanda kushintsha usihlalo emva kokusula kukaDkt uMandla Lamba obephethe lesi sikhundla. 

Isikhulu esiphezulu uNks uCordelia Sachiti naso siyashiya ekupheleni kuka-Agasti. Elinye ilungu lebhodi elisulile wuNks uMasego Motloba. Sekuneminyaka kunemibiko yokuthi izinto azihambi kahle kule nkampani njengoba kwake kwavela nokuthi kunezikole ezimbili … Read More

UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnu u-Enoch Godongwana uhlangane noNgqongqoshe wezeziMali waseMelika uNks uJanet Yellen ePitoli ngoLwesine. Phakathi kwezinto ababhunge ngazo yisimo somnotho emhlabeni, imigomo yokugqugquzela abatshalimali nokuqinisa ubudlelwano phakathi kweMelika neNingizimu Afrika. IMelika ingenye yamazwe amakhulu ahwebelana neNingizimu Afrika. Ongqongqoshe baxoxe nangohlelo lokweseka iNingizimu Afrika ukuqala ukusebenzisa ugesi ongaphehlwa ngamalahle iJust Energy Transition, iMelika ingelinye lamazwe eleseka lolu hlelo ngo$1 billion.

IKHOMISHINI yokuNcintisana isiphakamise ukuthi iCompetition Tribunal ishushise izinkampani ezimbili ezazidayisa izimpahla zokuzivikela kwiCOVID-19 ngezinsolo zokuxoxisana ngamanani, isenzo esiphambene nomthetho wokuncintisana. Le khomishini ithi iMedmart Health neBabyBug bavumelana ngendlela abazonquma ngayo amanani ezifonyo futhi bahlukaniselana amakhasimende. Kuthiwa lezi zinkampani zahlangana ngoDisemba wango-2020 zavumelana ukuthi zizodayisa iphakethe lezifonyo eziwu-50 ngemali ephakathi kukaR79 noR90.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page