Bahlabe ikhwelo lokusungula ibhizinisi lezikole ezizimele zabantu abamnyama eNingizimu Afrika. USLINDILE KHANYILE uyabika
KUFANELE abantu abamnyama bangeni shi ebhizinisini lokusungula izikole ezizimele ezizobambisana nohulumeni ukuthuthukisa imfundo yezingane ezimnyama, ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya.
Basho ngazwi linye ongoti bezemfundo, osomabhizinisi nezikhulu emikhakheni ehlukene abebebuthene emcimbini obukwelinye lamahhotela eMhlanga, eThekwini, KwaZulu-Natali. Lo mcimbi wesidlo sasekuseni obungoMgqibelo bekungowokuqala imicimbi yokugubha iminyaka ewu-100 kwasungulwa Inkamana High School.
Iningi labantu abebehlangene lalingabafundi kulesi sikole esizimele esiseVryheid, enyakatho yeKZN. Phakathi kwabafundi balesi sikole, esasungulwa ngamaRoma adabuka eJalimane, bekukhona uSolwazi u-Otty Nxumalo, isikhulu esiphezulu se-Inkamana Alumni Association ne-urologist uDkt Bongiwe Pepu, iphini lomqondisi-jikelele eHhovisi likaNdunankulu eKZN nosihlalo we-alumni association uDkt Fikile Ndlovu, imenenja- jikelele yezentela nezimali eFoskor nosihlalo we-alumni association uMnu uSthembiso Mzobe, owayeyimenenja kaMasipala uMsunduzi uMnu uMxolisi Nkosi, uDkt Sibusiso Gama, umphathi wohlelo nosomabhizinisi uMnu uLindo Makhaye.
UNksz uSbusisiwe Myeni, isikhulu esiphezulu seMbeleko Foundation, inhlangano engenzi inzuzo ezamela imfundo engcono izingane zasemakhaya antulayo, usesungule isikole Imbeleko Academy KwaNyuswa, entshonalanga yaseThekwini.
Lesi sikole siqale ngonyaka odlule. UNksz uMyeni uthi usika iphetheni endleleni izinto ezazenziwa ngayo eNkamana njengoba ethi usuku baluqala ngomthandazo, balalele izindaba ezisematheni bese beqala ukufunda.
“Kule minyaka ewu-12 edlule sesifake izingane eziwu-75 ema-boarding school kodwa asikwazi ukuqhubeka ngale ndlela esenza ngayo. Sidinga ukukwazi ukufinyelela nakweminye imiphakathi yasemakhaya eKZN kodwa ukuze kwenzeke loko kufanele sibe nebhizinisi lezemfundo elikwazi ukuzimela. Izikole ziyavala, hhayi ngoba singekho isidingo sazo… ngisho nezinkampani ezizimele seziyabuka ukuthi ukweseka ingane eyodwa akusizi, kufanele kube nendlela yokusiza izingane eziningi,” kusho yenai.
Uthe baqale ukusebenzisana nesikole samabanga aphezulu esifundisa ngobuchwepheshe besimanje i-UCT Online High School ngonyaka odlule. Esikoleni kukhona abafundi abaxhaswe yiValenture Institute kulo nyaka. Kusukela ngonyaka ozayo Imbeleko Academy izoba yisikole esizimele ngokuphelele, uhhafu wabafundi uzokhokha, omunye unikwe imifundaze.
“Ubuchwepheshe bungayishintsha imfundo ngendlela esingakaze siyibone. Sinabantwana abathathu abaqedela ema-boarding school kodwa ngeke sisabayisa khona, abalandelayo sebezofunda esikoleni sethu,” kusho uNksz uMyeni.
Wengeze ngokuthi basebenzisa indlela exubile yokufundisa njengoba behlanganisa ubuchwepheshe kodwa kukhona nothisha. Kukhona nabantu abakweminye imikhakha, hhayi othisha kuphela.
Lesi sikole siqashe izisebenzi ezingaphezu kuka-40 eseziphothule iziqu emanyuvesi ezidlule esandleni seMbeleko Foundation.
Izihambeli zithe esinye isizathu kufanele kwande izikole zabantu abamnyama ezizimele wukuthi yizikole ezizoqeqesha abantwana hhayi ngemfundo kuphela kodwa nangendlela yokuphila yabantu abamnyama ngoba ezikoleni ezixube izinhlanga abakutholi loko, kwenye inkathi okubenza baqede bedidekile abanye begcina bezibulala.
Kulo mcimbi kubhungwe nangepolitiki namabhizinisi njengoba kukhuthazwe abantu ukuthi banake ipolitiki ngoba ukuphumelela kwamabhizinisi kuncike nakuyo.
UMnu uNtokozo Biyela, usomabhizinisi nomholi weBuild One South Africa eKZN, inhlangano entsha yepolitiki, uthe ngesikhathi uMengameli uCyril Ramaphosa ethatha izintambo wagcizelela isidingo sokulwa nenkohlakalo, ukuphucula indlela okuphathwa ngayo, ukulwa nobugebengu, ukwandisa amathuba omsebenzi ukuze kukhule umnotho.

“Nokho ukuletha lezi zinguquko nokubhekana nezinselelo zezwe wuhlelo olutotobayo kanti sihlehlela emuva. Izisebenzi zikahulumeni nezikhulu zomasipala seziphenduke osomabhizinisi, ziphendule imali kahulumeni ibhodwe eliconsayo, yikwamazitapele. Wonke umuntu ufuna kuse esewusozigidi,” kukhala uBiyela. Uthe loko kuyabahlupha abanye abantu abaqashiwe nosomabhizinisi asebephenduke izichuse zosopolitiki emikhakheni ehlukene.
Umcimbi olandelayo waseNkamana uzoba seGoli, eGauteng, mhla-ka 29 kuJulayi lapho kuzobhekwa khona ezamabhizinisi nezempilo nezinkundla zokuxhumana.

