Ubugebengu nemigomo kahulumeni wasekhaya kukhinyabeza osomabhizinisi abasafufusa, kusho ucwaningo. U-ANNA MAJAVU uyabika
OSOMABHIZINISI abasafufusa abasebenzela kuMasipala iRaymond Mhlaba, eMpumalanga Kapa, bathi inkinga enkulu ababhekene nayo wubugebengu nendawo yokusebenzela engaphephile.
Labo somabhizinisi abawu-85% wokukhulunywe nabo “badinga uhulumeni ubatholele indawo ephephile abangasebenzela kuyo”. Bathe indawo engaphephile ixosha amakhasimende aye kwezinye izindawo.
Loku kuvezwe wucwaningo olwenziwe wuDkt u-Ellen Chenesai Rungani ofundisa ezezimali e-University of Fort Hare noMnu uShaquille Ward, ababhale umbiko ngalolu cwaningo obelubheka ukuthi umgomo kahulumeni unamuphi umphumela emabhizinisini kuMasipala iRaymond Mhlaba.
Lo masipala obunjwe yi-Alice, iHogsback, i-Adelaide, iFort Beaufort namanye amadolobha amancane unabantu abawu-45.88% abangasebenzi. Labo somabhizinisi abancane abawu-30 okukhulunywe nabo bathe izinga eliphezulu lobugebengu lenza “bahlalele ovalweni ngoba basabela izimpilo zabo kanjalo nokulahlekelwa izimpahla zabo abazithenga zibe yinqwaba”.
Labo somabhizinisi abasafufusa bathe izinga eliphezulu lobugebengu lenza kube lukhuni ukusebenzela emakhaya futhi abakwazi ukuqasha izindawo eziphephile zokusebenzela ngoba abanayo imali yokuziqasha, kwazise irenti imba eqolo.
Baphakamise ukuthi uhulumeni uvule izikhungo zokuthuthukisa osomabhizinisi abancane ezizoba nezindawo eziphephile abangaziqasha ukusebenzela kuzona.
Bakhale nangokushoda ngemali abangaxhaswa ngayo. Abebenza ucwaningo baphakamise ukuthi uhulumeni uvule isikhwama sokweseka osomabhizinisi abasafufusa ukuze axhase osomabhizinisi abancane “ngoba amabhange amakhulu eNingizimu Afrika awekho klamuklamu ukusiza osomabhizinisi abancane”.
Esinye isixazululo abasiphakamisile sithi uhulumeni kufanele uxhase bonke osomabhizinisi abancane ngonyaka wabo wokuqala.
Labo somabhizinisi abasafufusa bakhale nangokuthi abahlale benemali yokuthenga umoya wokudonsa i-internet, banxusa uhulumeni ukuthi uxoxisane nezinkampani eziwudayisayo ukunciphisa amanani e-data ngoba ngaphandle kwayo abakwazi ukukhulisa amabhizinisi.
Bengeze nokuthi umNyango wokuThuthukisa amaBhizinisi amaNcane akufanele wethule izinhlelo zokuqeqesha osomabhizinisi abasafufusa ungaqalanga wabheka ukuthi yiziphi izidingo zabo kuMasipala iRaymond Mhlaba. Bathe bafisa ukuqeqeshwa ngamakhono azobasiza bakhulise amabhizinisi abo ngisho nangezikhathi ezinzima. Ucwaningo luveze ukuthi: “Abanye osomabhizinisi bathe ukubaqeqesha ngoba kugcinwa icala kubachithela isikhathi futhi akubasizi ukuthi baphucule izinkampani zabo.”
Lolu cwaningo luveze nokuthi yize umgomo wokuthuthukisa izwe iNational Development Plan uphokophele ukuthi kushaye u-2030 imisebenzi ewu-90% eNingizimu Afrika iqhamuke emabhizinisini amancane kodwa iqiniso wukuthi u-56% wemisebenzi uqhamuka emabhizinisini amakhulu nakuhulumeni.
“Loku kukhombisa ukuthi umgomo wahulumeni ugxile kakhulu ekwenzeni ukuthi amabhizinisi amakhulu asebenze kahle okwenza amabhizinisi asafufusa agcine esencintisana nezinkampani ezinkulu ngaphansi kwemithetho efanayo,” kusho uDkt uChenesai Rungani noWard.
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za