Imiholo igawula isabelomali sezifundazwe. INTATHELI YOMBELE iyabika
EKUPHELENI kwangoJuni izifundazwe bese zisebenzise u-25% wesabelomali, noma uR181.7 billion kuR728.2 bn ezabelwa wona. UmNyango wezeziMali uthe ukusebenza kwemali kunyuke ngo-10.1% uma kuqhathaniswa nekota yokuqala yonyaka wezimali ka-2022/23.
Lo mnyango wengeze ngokuthi zonke izifundazwe zithe imali ezizoyisebenzisa izokweqa ngoR24.8bn kweyabiwe ngenxa yesivumelwano semiholo.
Imali ehlinzekele imiholo yezisebenzi inguR438.2bn noma u-60% wesabelomali sezifundazwe. Ekupheleni kwangoJuni, izisebenzi bese zihole uR111bn noma u-25% wesabelomali.
Ezemfundo sezisebenzise uR78.3bn noma u-25.8% kaR304bn. Loku kusho ukuthi imali esetshenzisiwe inyuke ngoR5.9bn noma u-8.2% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Kwezempilo, izifundazwe sezisebenzise uR63.7bn esabelweni esinguR242.9bn sekota yokuqala wonyaka, le mali ingaphezulu ngoR4.4bn noma u-7.4% kunemali ezaziyisebenzise ngekota yokuqala yango-2022/23.
- Imininingwane itholakale emNyangweni wezeziMali

