Sesifikile futhi leso sikhathi sendumezulu yombukiso wamabhizinisi eThekwini. INTATHELI YOMBELE iyabika
KWETHULWE ngokusemthethweni umbukiso othuthukisa amabhizinisi amancane owengamelwa umasipala waseThekwini, iDurban Business Fair (iDBF) izolo.
Kulo nyaka iDBF ihlanganisa iminyaka ewu-25 yasungulwa. Ingqikithi yalo nyaka ithi: “Iminyaka engu-25 yokwakha amabhizinisi asimamayo”.
Umcimbi wayizolo ubugxile kakhulu ekuqhakambiseni amanye amabhizinisi athuthukile ngenxa yeDBF kusukela yasungulwa. Bekukhona ingxoxo lapho abanye bosomabhizinisi bebebhunga khona ngokuthi basizakale kanjani.
Labo somabhizinisi bekuwumsunguli we-Amabheshu Innovators uMnu uNkazimulo Ngidi, uSthembiso Ngubo we-Afromed Medical Services, uNks u-Agnes Mhlongo weSwitched On Trade CC noMnu uMxo Mkhize weHouse of St Luke.
UNgubo uthe: “Lesi sigcawu sihle kakhulu ngoba sisisizile ukuthi saziwe futhi sibe nobudlelwano nabanye abantu namakhasimende, okusize ibhizinisi lethu likhule. Ngo-2012, sawina umncintiswano weLion’s Den Business Plan owasisiza ngamakhono (okuphatha) imali namanye futhi sacathuliswa ukuqala ibhizinisi lethu.”
Uthe banama-ambulensi awu-11 kanti baqashe abantu abasebenza ngokugcwele abangaphezu kwabawu-40 nabayitoho abacela ku-80. Basanda kwengeza i-Afromed Medical School ezoqeqesha intsha ngamakhono ezimo eziphuthumayo, okuzovula namathuba emisebenzi.
“Siyohlale siwubonga (umasipala) waseThekwini ngethuba lokuthuthukisa ibhizinisi lethu,” kusho yena.
UNgidi othunga izimpahla zesintu uthe iDBF imsize ukukhulisa isibalo samakhasimende anawo ngaphandle kwaseNingizimu Afrika.
Umbukiso walo nyaka uzoba ngomhlaka 22 Septhemba kuya kumhlaka-24 Septhemba eDurban Exhibition Centre.
Iphini likasihlalo weKomidi le-Economic Development and Planning uNks uPhili Ndlovu lithe: “Into eyaqala ngo-1998 njengombukiso wobuciko nomsebenzi wezandla nabakhangisi abangaphansi kuka-100 ngaphandle kwaseDurban City Hall isikhule yaba ngeminye yemibukiso emikhulu yamabhizinisi eNingizimu Afrika.”

UNks uNdlovu uthe bangaphezu kuka-100-000 abantu ababambe iqhaza kwiDBF kule minyaka edlule kanti kunemisebenzi engaphezu kwewu-20 000 eqhamukile.
Echaza ngohlelo lwalo nyaka, uNks uNdlovu uthe kuzoba khona izinkundla zakwamanye amazwe lapho kuzosizwa khona abafisa ukudayisela amanye amazwe imikhiqizo yabo.
Okunye okuzoba khona yiFurniture Manufacturing Pavilion, iCreative Hub, iFashion Hub, iMake-up and Beauty Masterclass, i-Agri-Hub, iTech Zone, iDigital Marketing Masterclass, iWholesale and Retail Masterclass, iDurban Business Fair Street Market, iKiddiepreneur Garden, iDurban Business Fair Excellence Awards, iDurban Fashion Fair Recognition Awards neLion’s Den Business Plan Competition Awards.

