Wumnotho nemfundo okuzosimamisa iNingizimu Afrika kusho ezikaMaimane. USLINDILE KHANYILE uyabika
UMNOTHO waseNingizimu Afrika ngeke usimame uma kuzogxilwa engxenyeni eyodwa yawo.
Basho kanje abaholi beBuild One South Africa (iBOSA) ngesikhathi bekhuluma nosomabhizinisi baseThekwini, KwaZulu-Natali, eHillcrest ngempelasonto.
UMnu uMmusi Maimane, umholi wale nhlangano, nephini lakhe uNkk uNobuntu Hlazo-Webster bathe kufanele kube nomnotho owodwa nemfundo eyodwa yawo wonke umuntu ukuze kulunge izinto ezweni.
UNkk uHlazo-Webster uthe umgomo wokufukula abantu abamnyama kwezomnotho, i-Broad-based Black Economic Empowerment, awusebenzanga ngoba ugxile engxenyeni eyodwa yomnotho.
Uthe: “I-BEE ibheke umnotho omkhulu (i-mainstream economy), ayiwufaki umnotho osemalokishini. Kufanele kube nemfundo eyodwa, nomnotho owodwa.”
UMaimane ukhale ngamabhizinisi kahulumeni athe izinto zonakele kuwona futhi akukho okutheni okwenziwayo ukuwalungisa, kuphela nje abawaphethe bahlale beqhamuka namaqhinga okuwalungisa.
Uthe kodwa empeleni kusuke kungewona amacebo amasha kodwa akekho obonayo ngoba kukhona nenkinga yabantu abangafundile ePhalamende.
“Asakheni umnotho osebenzayo. I-Transnet izoba yi-Eskom elandelayo…ichweba laseRichards Bay alisebenzi kahle. Imisebenzi izoqhamuka emabhizinisini amancane, amaqhawe akukwazi ukuthi kube yilabo abatoyitoya kodwa kufanele kube yilabo abasungula imisebenzi,” kusho uMaimane.

Ukhuluma kanjena uMaimane, ngesonto elidlule, uMengameli uCyril Ramaphosa uhlangane nosihlalo nezikhulu eziphezulu zamabhizinisi kahulumeni ukubhunga ngezinhlelo ezizolandelwa ukuphucula isimo sezimali nokusebenza kwalezi zinkampani.
Kulo mhlangano kwethulwe umbiko ohlanganiswe yiPresidential State Owned Enterprises Council, eyaqokwa nguRamaphosa ngo-2020, ukubuyekeza nokuvuselela amabhizinisi kahulumeni.
UMaimane uthe nemfundo ibalulekile ekufukuleni izwe nomnotho. Uthe kufanele kusetshenziswe ubuchwepheshe ukuphucula imfundo futhi kufanele nabaholi abaya ePhalamende babeneziqu zasenyuvesi.
Abaholi bale nhlangano ezimisele ngokuthola okungenani amavoti awu-2 million okhethweni ngonyaka ozayo bathe kukhona isikhathi lapho izinto zazisebenza kahle eNingizimu Afrika, futhi kukhona okuhle okwenzekile kusukela kwangena uhulumeni wentando yabantu. Bathe kepha umlando uwodwa ngeke uyise phambili iNingizimu Afrika.