UNksz uZandile Khumalo, umsunguli we-iLibolethu Wendy’s, eyakha izindlu zepulangwe zikanokusho yasePimville, eSoweto, eGoli, eGauteng. Uzibambela mathupha emsebenzini. Isithombe: Sithunyelwe

Isithukuthezi sokuvalwa kwezwe samnika umqondo webhizinisi lokwakha izindlu. Uxoxe noLUNGI LANGA

ZOLO loku ubengakwazi nokubamba isando. Kepha isifiso sokuzibona ekwazi ukuzilungisela ikhaya lakhe ngaphandle kokuqasha abantu simenze waphumelela ukusungula ibhizinisi lokwakha izindlu zamapulangwe zikanokusho. 

Ngesikhathi abanye bebalisa ngokuvalwa kwezwe ngenxa yeCOVID-19, uNksz uZandile Khumalo, oneminyaka ewu-27, we-iLibolethu Wendy’s, yasePimville, eSoweto, eGoli, eGauteng, wayezama ukuthola ayengakwenza ukuchitha isizungu ngaleso sikhathi.

Igama lenkampani yakhe iLibolethu yigama ayezimisele ngokuthi aqambe ngalo ingane yakhe yokuqala.

“Ngazitshela ukuthi njengoba ingane yokuqala ngingakabi nayo, le ngane eyibhizinisi lami sekuyiyona ngane yokuqala, ngaliqamba ngaleli gama ibhizinisi,” kusho uNksz uKhumalo. 

NgoDisemba wango-2020 wahlangana noMnu uCollen Mazombwe weCodza Log Homes, inkampani eyenza lezi zindlu wacela ukusebenza naye ukuze athekele ulwazi lokuqala ibhizinisi elakhe.

UMazombwe wambuza ukuthi: “Ngizokwazi yini ukumelana nomsebenzi owenziwayo njengoba uvame ukwenziwa ngabantu besilisa?”

Akumthathanga isikhathi eside ukufunda njengoba kuthe ngonyaka  olandelayo wabe esiziqalela ibhizinisi lakhe esebenzisa umholo abewuqongelela ngesikhathi esebenza. 

Uthi: “Ngabona kunesidingo sokuthi ngiziqalele elami (ibhizinisi) ngoba ngangibona ukuthi ababaningi abantu besifazane kulo mkhakha. Ngithe uma ngibona ukuthi sengifundile konke obekufanele ngikwazi njengokushayelela ipulangwe nokuyisusa phansi indlu, ngaqala lapho. 

“Nganginomfutho omkhulu impela ngoba ngangiwuthanda umsebenzi wepulangwe. Ngesikhathi kuvalwe izwe bengiye ngibuke izinto ezifakwe ngabanye abantu kwi-internet. Ngangifisa ukufunda ukwakha amakhabethe asendlini kodwa kuthe uma kuvela ithuba lokufunda ukwakha izindlu ngathi ngeke ngisaliyeka.”

Njengawo wonke amabhizinisi, leli bhizinisi linezingqinamba eziningi. “Kwesinye isikhathi kuke kungabibikho makhasimende uze ugcine ufisa ukushiya phansi, uzitshele ukuthi akusekho ukuqhubeka nebhizinisi. Okunye okuvele kukugqilaze wukubona abantu bematasa besebenza wena ube uhleli ekhaya ungenzi lutho. Ngiye ngizitshele ukuthi uma sifika isikhathi ngizowuthola lowo msebenzi,” kusho  yena. 

Akagxilile kuphela ekwakheni izindlu zepulangwe kodwa usengene nasekutshaleni ngoba engafuni ukuthembela entweni eyodwa. Uthi ngesikhathi kusathule kwezokwakha esazama ukuthola amakhasimende adinga ukwakhelwa, ugxila engadini yakhe yamaklabishi.

“Ukutshala kungenza ngizizwe nginomfutho ngoba ngiye ngizwe sengathi kukhona okunye engikwazi ukukwenza ngesikhathi ngisalindile. Ngesikhathi ngitshala angibe sengikhohlwa wumsebenzi wokwakha. Ngiyaxoxa namakhasimende, ngizwe ukuthi adingani, ngiwanike isikhathi sawo njengoba esuke efuna ukwazi amanani nokunye. Kuthi uma sengidingeka ekwakheni, ngishiye umuntu ozoqhubeka nokutshala.”

Ukhuthaze intsha efisa ukuqala leli bhizinisi ngokuthi isebenze ngokuzikhandla futhi yazi ukuthi linezinselelo eziningi, ingaweyi izitshela ukuthi wumsebenzi wabantu abangafundile.
Ukhuthaze abantu ukuthi bayisebenzise i-internet ukuthola ulwazi, wathi nezifundo ezenziwa ngobuchwepheshe ziyalekelela ngaphambi kokuqala ibhizinisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page