Ibambe ngakho indlela esizama ukulungisa ngayo ezokuthutha, kuloba uBusi Mavuso
KULULA ukudangala ngenxa yezokuthutha kanti baningi abaphelelwe yithemba. Kepha imizamo yosomabhizinisi, uhulumeni nabaningi eTransnet isiqala ukuthela izithelo. Kunezindaba eziningi ezinhle esizitholile ngoJulayi.
Okokuqala, kuqokwe amalungu ayisishiyagalolunye asehlanganise ibhodi entsha yeTransnet okukhona kulo nosihlalo uMnu u-Andile Sangqu, owake wayinhloko ye-Anglo American eNingizimu Afrika.
Abantu laba abanamava asezingeni eliphezulu kwezamabhizinisi, ezokuthutha namabhizinisi kahulumeni abazokwazi ukweseka isikhulu esiphezulu eTransnet uNksz uPortia Derby nesikhulu sezimali uNks uNonkululeko Dlamini.
I-Transnet iphinde yathatha igxathu elibalulekile ekuvuleleni abanye abantu echwebeni laseThekwini okuthuthwa ngalo u-72% wezimpahla kuleli dolobha ngokuqoka i-International Container Terminal Services. Lena yinkampani yasePhilippine eyengamele ama-terminal awu-34 emazweni awu-20 kanti iyona ezobambisana nayo ukuphucula iContainer Terminal Pier 2.
Siyazi kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuphothula izivumelwano nokuthi kutshalwe imali kodwa iyabonakala inqubekelaphambili.
Omunye umsebenzi omuhle owenziwe yiTransnet uthinta ukuthuthukisa ingqalasizinda eNorthern Cape, lapho isiqoke khona izinkampani ezintathu ezohlunga kuzona ukuze kwakhiwe ingqalasizinda yechweba elihambisana neBoegoebaai.
Loku kungavula amathuba amahle embonini yezimayini nanemisebenzi ye-green hydrogen esifundazweni. Nakhona lapha kuzothatha isikhathi ngaphambi kokuthi kuphendulwe isoyi kodwa ikhona inqubekelaphambili.
Loku akusho ukuthi izinkinga sezixazululiwe. Kusekude lapho. Izinkampani eziningi zisaxakeka uma zifuna indawo eyanele yokuthutha izimpahla zazo emachwebeni nangamaguzu. Loku kwenza zingakwazi ukukhulisa umsebenzi, ukutshala imali nokukhulisa isibalo sabantu ezibaqashile. Yinkinga lena enemixhantela eminingi, kukhona amaqembu ezigebengu acekela phansi ojantshi, imishini futhi kushoda nezinto zokukhanda.
Kepha loku kufanele kusikhuthaze yize kukhona okungahambi kahle njengemiphumela yezinkampani ezifana neKumba Iron Ore okufanele zinciphise umkhiqizo wazo ngoba azikwazi ukuwuthutha wonke ngamaguzu ukuze ufinyelele emachwebeni. Imizamo yokulungisa ezokuthutha zonke isezandleni zeNational Logistics Crisis Committee (iNLCC), ikomidi okubambisene kulo uhulumeni nabamabhizinisi ukubhekana nezinselelo.
Inqwaba yezikhulu eziphezulu ezinamava kwezokuthutha zizosebenzisana nezikhulu zikahulumeni nezaseTransnet. Abamabhizinisi bazibophezele ukweseka iNLCC ngemali, ezothembela eHhovisi likMengameli ukuthi izinto zenzeka ngendlela kusetshenziswa uhlelo lwe-Operation Vulindlela.
Ziningi izinselelo okufanele iNLCC ibhekane nazo njengokusebenza kwezitimela, ukuminyana emigwaqweni nokusebenza kwemingcele. USolwazi Jan Havenga uhlawumbisela ukuthi umnotho wethu uncipha ngo-6.68% ngonyaka odlule ngenxa yenkinga yezokuthutha. Uma sifaka nenkinga kagesi, siyabona ukuthi kuningi umnotho olahlekelwe yikona.
I-NLCC isika iphethini kwiNational Electricity Crisis Committee (iNeco) ebunjwe ngonyaka odlule, esiyenze umsebenzi oncomekayo ukuthola izinsiza nanokuqhamuka neqhinga elibheka izindlela ezihlukene zokubhekana nenkinga kagesi.
I-Neco neNLCC bahlanganisa osomabhizinisi nohulumeni ukuqaqa lapho kubambeke khona nokulungisa imigomo ezolekelela ukuxazulula lezi zinkinga. Ngithemba ukuthi kuzoba nenqubekelaphambili kwiNLCC ngokuhamba kwesikhathi ngendlela iNecom esiphushe ngayo ekuqaqeni lapho kubambeke khona ngokwemigomo okukhuthaze imboni ezimele futhi kwaletha izinguquko ezidingekayo.
Uyabonakala umsebenzi owenziwayo ukulungisa inkinga kagesi okukhona nemali enkulu etshaliwe imboni ezimele ukwandisa ugesi. Inqubekelaphambili eyenziwe yiTransnet nokusungula iNLCC kukhombisa ukuthi nenkinga yezokuthutha izolunga uma kuqhubeka kanje. Kungagcina kuthele izithelo ezibonakala embonini kagesi uma uhulumeni neTransnet bezoqhubeka bazimisele.
Osomabhizinisi bamqoka kule mizamo futhi sizoqhubeka seseke ngamakhono nezinsizakusebenza esinazo ukuqinisekisa ukuthi kuba yimpumelelo. Ibambe ngakho futhi ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana ukuqinisekisa ukuthi siphuthumisa impumelelo.
- UNksz uMavuso uyisikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa
