Baqhamuke neziko lobuchwepheshe elikhulula abazali uma bethumela abantu ukubalandela izingane esikoleni. Uxoxe noKELETSO MKHWANAZI
BAYINKAMPANI esebenzela ukuqinisekisa ukuthi izingane ziphephile. I-PasswordKid inqanda ukuthunjwa kwezingane ngokuqinisekisa ukuthi zilandwa ngabagunyaziwe ezinkulisa nasezikoleni zamabanga aphansi.
Basebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukuqhamuka nezindlela zokuvikela izingane. Umsunguli nemenenja yePasswordKid uMnu uKeletso Lekwakwe uthi: “Abazali, othisha nabathutha izingane bangasebenzisa iPasswordKid ukulanda izingane ngokuphepha ezikoleni. Kunokhiye okhethekile owazisa othisha ukuthi wubani ozolanda ingane bese ubuchwepheshe budedela ingane.”
Uthi inhloso wukukwazi ukulandelela izingxoxo ezithinta ukuphepha nenhlalakahle yezingane ukuze wonke umuntu akhululeke azi ukuthi izingane ziphephile uma zisuka esikoleni.
ULekwakwe, owayengumdlali webhola esakhula, waqaphela ukuthi abazali abaningi basebenza kude nalapho izingane zifunda khona. Uthe wayebona ukuthi babebuya sekuhlwile ukuzolanda izingane, ukuxazulula le nkinga, usungule inkampani eqale ukusebenza ngo-2020.
“Abazali sebengasebenza bekhululekile bangakhathazeki ngokuthi izingane zabo ziphephile yini. Lo mshini esiwusebenzisayo uhlose nokunciphisa ukuntuleka kwemisebenzi ngokuqasha intsha kube yiyona esebenzisa imishini ezikoleni.”
Izikole iPasswordKid esasebenzisana nazo ziseMamelodi, e-Eastlyn naseGa-Rankuwa, ePitoli, eGauteng. Izinselelo ezinkulu le nkampani ebhekane nazo kube wukusungula i-software ngenxa yokungabi nemali, okwenza abazali nezikole zibone isidingo somsebenzi wabo.
“Sithemba ukuthi kuyoshaya uJuni ngo-2024 sekukhona okungenani izingane eziwu-10 000 ezisebenzisa iziko lethu futhi siqashe okungenani abantu abawu-10. Inhloso wukuthi sibe khona kuzo zonke izinkulisa ezweni,” kusho yena.

Uthe e-Eastlyn sebeqashe owesifazane oyedwa oyivolontiya kodwa elikhokhelwa imali encane. “Asikakabi nawo amandla okuholela abantu imali enqunyiwe ukuthi yiyona okufanele iholelwe abantu kodwa kungekudala sizomqasha ngokugcwele,” kuqhuba uLekwakwe.
ULekwakwe ubalule izinto asebezuzile. “Into enkulu wukuwina umncintiwano owawungo-2022 i-Uber Tech For Safety Summit & GAP Innovation kanti okwesibili ukuwina iVodacom SME Thrive Summit. Ungapheli amandla ukuqala izinto ezintsha, ufunde emabhizinisini afana neNike namanye awa ngoba engaziqali izinto ezintsha. Umhlaba uyashintsha, shintsha nawo.”
Facebook: Password_kid
- Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za