Ukuswela imali yokuqhubeka esikoleni kwamholela ebhizinisini lokwenza umsebenzi awufundisa wunina. Uxoxe noNQOBILE NDLOVU
UKUNGALITHOLI ithuba lokufunda ngemva kokuqeda uMatikuletsheni kumenze wasebenzisa ikhono alifundiswa wunina ukuziphilisa.
Namhlanje uNksz uHlengiwe Gossaye, waseBergville, KwaZulu-Natali uwumnikazi weJireh Crochet, inkampani ekhrosha izingubo.
Waqala ukukhrosha esemncane efundiswa unina uNksz uLouis Gossaye. “Umama wayekhrosha izingubo zezingane ezidayisa ngasekhaya. Wuyena owangenza ngathanda ukukhrosha kwaba yinto esegazini,” kusho yena.
UNksz uGossaye waqala ngokukhrosha izingubo nezikhwama kanti waqala ngo-2010 ukuzimisela ngebhizinisi. Ukhrosha amajezi, izigqoko, izingubo zezingane nezikhwama ezincane nezinkulu. Izikhwama ziqala kuR60 ziye kuR500, kuthi izigqoko ziqale kuR60 kuya phezulu. Uyakwazi nokukuthungela noma ngabe yikuphi ofisa akuthungele khona.

Echaza ngokubaluleka kokuba nekhono, uthe: “Kubaluleke kakhulu ukufunda kodwa kubalulekile nokuba nekhono ozokwazi ukuziphilisa ngalo ngoba uyakwazi ukuziphilisa uma ungawutholi umsebenzi. Ngiyacabanga kubuhlungu ukwenza umsebenzi ongawuthandi ngoba uthi uwufundele noma abazali bekuphoqile ukuthi uwufundele,” kusho yena.
E-Jireh Crochet uNksz uGossaye usebenza nezingane zakhe ukuze zifunde ikhono lokukhrosha.
Isifiso anaso ngenkampani wukuthi ikhule igcine isidayisela iNingizimu Afrika yonke, akwazi ukwandisa amathuba omsebenzi.
Instagram:@jireh.crochet_