Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noNolwazi Kweyama, umlingisi wemidlalo yeshashalazi neyethelevishini. Useke walingisa emidlalweni okubalwa kuyo Umbuso Ungowesizwe: The Musical, Isimanga Sembali, i-The Black Door, Isitha: The Enemy neClean Job

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, ngangiphiwa.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngaqale ngengayivulelwa wumama ngiseneminyaka ewu-12, ngase (ngizivulela) sengineminyaka ewu-18. Ngayivula eCapitec. 

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi ngikhule ngiyithanda imali. Ngafunda ukuthi ayizi kalula kodwa kumele uyisebenzele ukuze ube nayo, nokuthi impilo ayibi lula uma ingekho. 

Waqala nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ukusebenza ngisenza imidlalo yeshashalazi ehlukene, eminingi yayo ebingaholeli. Ukusebenza okuholelayo ngikuqale ngonyaka odlule sengisebenza kwiBlack Brain Productions. Yize ngingethande ukuwudalula ngqo, kodwa wawungaphansana kukaR25 000. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngahamba ngaya ekhaya ngayokwenza usiko lokujabulela ukuthola umsebenzi, ngenza nezinye izidingo eziqondene nami. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Wukusiza ukulekelela kuzo zonke izidingo zasekhaya nokulekelela ukulungisa umuzi wasekhaya engivele sengikuqalile manje.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukududana nabangani sihamba izindawo zobumnandi eGoli. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi imali iyahlonishwa futhi iphathwa kahle ukuze ikulondoloze isikhathi eside.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqedela ukwakha ekhaya bese esala lapho ngenze ngayo izinto eziqondene nempilo yami, ngikwazi ukuzimela empilweni.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi uma kusabahambela kahle, ababeke imali benze nezinye ezinto ezingahlangene nomkhakha esikuwona, ukusiza ukuthi impilo ingabi nzima uma sekunendlala yomsebenzi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page