UNksz uZinhle Zulu weZuluvisual ungelinye lamaciko adwebe isithombe semali entsha. Izithombe: Zithunyelwe

Ubuciko bakhe bumvulele umnyango weBhange loMbuso. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

WAZI eneminyaka ewu-12 ukuthi uyiciko futhi wayengakuqondi ukuthi kungani abantu babekwazi ukufunda iziBalo kodwa bangakwazi ukufundela ukudweba. 

Njengamaciko amaningi, naye abazali bakhe babekhathazekile ngokuthi uzosebenza kuphi, benovalo lokuthi uzohlupheka. 

Yizo zonke izinto lezi ezikhuthaze uNksz uZinhle Zulu, umnikazi weZuluvisual, ukuthi azikhandle emsebenzini wakhe osumdobele amakhasimende angezinye zezinkampani ezinkulu eNingizimu Afrika. Elinye lalwa makhasimende yiBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank. 

UNksz uZulu ungelinye lamaciko elisetshenziswe yileli bhange ukudweba isithombe esisetshenziswe ku-20c njengoba kusanda kwethulwa imali entsha. 

“Ngelinye ilanga ngathi ngivula i-email ngathola kunesimemo esiqhamuka eBhange loMbuso, sasithi ngingomunye wamaciko awu-50 akhethiwe ukuthi aqhamuke nesithombe esizosetshenziswa emalini entsha. Ngazibuza ukuthi bangithole kanjani; kukhona lapho ngake ngashicilela khona umsebenzi wami, bangithola kanjalo. 

“Bachaza kancane ukuthi bafuna into enjani base besho nemithetho okufanele siyilandele, ngadweba ngomsizi kodwa ngangingenasiqiniseko sokuthi kuzobukeka kanjani uma sekuyisithombe esisemalini ewuhlwezwa. 

“Emva kwezinyanga ngatshelwa ukuthi kukhethwe eminye yemidwebo yami.  Ngajabula ngedwa (ngoba wayengavumelekile ukuyithi vu). Emva kwaloko ngaya kwiSA Mint (lapho kugaywa khona imali ewuhlwezwa) sibheka ukuthi yini esingayiphucula.” 

Umdwebo kaNksz uZulu ogcine usetshenziswe ku-20c

Imali entsha yethulwe ngoMeyi kulo nyaka kanti iBhange loMbuso lathi likuqinisile ezokuphepha kuyo ukuze kungabi lula kwabagaya imali ewumgunyathi. 

Imali eyiphepha ishintsha njalo emva kweminyaka eyisithupha kuya kweyisishiyagalombili, kuthi ewuhlwezwa yona kube phakathi kweminyaka ewu-20 newu-30. 

Ngaphambi kwalo nyaka, imali entsha ewuhlwezwa yayigcine ukwethulwa ngo-1989.

UNksz uZulu, oneminyaka ewu-28 udabuka eNewcastle, KwaZulu-Natali, nasePienaar, eMpumalanga. Nokho ufunde eGoli, eGauteng. 

Une-Bachelor of Arts in Visual Communication Design yase-Open Window Institute kanti isifundo agxile kusona yi-Illustration. Une-Master’s in Design yase-University of Johannesburg. 

Ngale kokuba yiciko ufundisa izitshudeni ezenza unyaka wesibili lapho acijwa khona e-Open Window Institute.

Elinye ikhasimende elikhulu aseke asebenza nalo yinkampani yezindiza iFlySafair, lapho ayengomunye wamaciko ayedweba umdwebo ozosetshenziswa ukuhlobisa ngaphakathi ezindizeni. 

Yize manje esevuna izithelo zomsebenzi wakhe kodwa zikhona nezinselelo adlule kuzona eminyakeni ewu-10 eyiciko. 

U-20c sewuphothuliwe 

“Kunonyaka lapho ngangibhalela khona wonke umuntu ngethula umsebenzi wami, ngahambela imibukiso ewu-12 kodwa ngadayisa umdwebo owodwa. 

“Kwezinye izindawo ngangize ngixoshwe nokuxoshwa kodwa izinto zigcina zihlanganile. Wonke lowo msebenzi; ukubekezela kugcina kuwavulile amathuba. Ayikho into okufanele ikuvimbe ukuthi uphokophele. Ngangazi ukuthi ngifisa ukuba wumpetha futhi ngangingazikhathazi ngokuthi kwenzekani. Izinto ziqale ukushintsha ngo-2019 kanti okunye kusangimangaza. 

“Kuyisibuisiso ukuba nento othanda ukuyenza abantu bekuncoma noma bengakuncomi ngisho ngabe kuthiwa akukho mvuzo owutholayo ngokuyenza,” kusho uNksz uZulu. 

Umhlobiso uNksz uZulu awenzela iFlySafair

Nokho uNksz uZulu ugcizelele ukuthi kumqoka ukuthi amaciko akwazi ukuhlukanisa umsebenzi azenzela wona ngoba egqugquzelwa uthando nesiphiwo sawo nawenzela ukuziphilisa. 

Uthi kuhle ukuba nezindlela ezihlukene zokungenisa imali, ukuhlonipha umsebenzi nokugada indlela isikhathi osisebenzisa ngayo.

  • Facebook: Zhi Zulu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page