Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa noLuleka Mhlanzi, imbongi yezinkondlo zesiNgisi nombhali wencwadi ethi Confiscated Identity

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, kodwa hhayi njalo.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wayivula kuliphi?

Ngo-2008 ngisafunda u-Grade 10, ngayivula eStandard Bank.

Ekukhuleni kwakho, yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Ngikhule ngazi ukuthi ayikho, nokwenza kwangaba lula ukuqonda ukuthi uma isikhona isetshenziswa kanjani. 

Uqale nini ukusebenza kanti kwakuyimalini umholo wakho wokuqala?

Ngiqale ngo-2011, ngihola uR1 200. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngawunika umama ukuthi abone wenzanjani ngawo.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Kuningi kakhulu. Ekhaya yimi obheke nowenza yonke into; kusuka ekulungiseni umuzi, ifenisha ephakathi. Ngasebenzisa enye ukukhipha incwadi yami yokuqala ethi Confiscated Identity.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Wukuthenga izimpahla nezinto ezingenasidingo ngesikweletu.

Wake walutheka mhlawumbe ngokungena “ebhanoyini”?

Cha, angikaze.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi kubalulekile ukonga imali ukuze ikulondoloze isikhathi eside.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingaqhubeka nokuyitshala ebucikweni bami, ngithuthukise amaciko eza emva kwami bese ngilekelela ezidingweni zasekhaya.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Ngingathi kulula ukulutheka, ugcine usuwenza izinto ezingalungile kulo mkhakha wobuciko, ngakho kubalulekile ukubeka eqhulwini izinto ezibalulekile ngemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page